Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Johane 3:16​—“Ngokuba UNkulunkulu Walithanda Izwe Kangaka”

Johane 3:16​—“Ngokuba UNkulunkulu Walithanda Izwe Kangaka”

 “Ngoba uNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa athole ukuphila okuphakade.”—Johane 3:16, INguqulo Yezwe Elisha.

 “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.”—Johane 3:16, King James Version.

Incazelo KaJohane 3:16

 UNkulunkulu uyasithanda futhi ufuna siphile phakade. Ngenxa yalokho, wathumela iNdodana yakhe, uJesu Kristu, emhlabeni. Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wenza izinto eziningi. Wafundisa abalandeli bakhe ngoNkulunkulu uYise. (1 Petru 1:3) Wanikela nangokuphila kwakhe ngenxa yabantu. Ukuze sithole ukuphila okuphakade, kumelwe sibe nokholo kuJesu.

 Ubukhulu bothando lukaNkulunkulu bubonakala emazwini athi, “wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa.” a UJesu wayeyiNdodana kaNkulunkulu engafani namanye. Kungani sisho kanjalo? NguJesu kuphela owadalwa uNkulunkulu ngokuqondile. (Kolose 1:17) ‘Uyizibulo layo yonke indalo.’ (Kolose 1:15) Zonke ezinye izinto ezadalwa, kuhlanganise nezinye izingelosi, zaba khona ngoJesu. Noma kunjalo, uJehova b uNkulunkulu wayezimisele ukuthumela iNdodana yakhe ayithanda kakhulu ukuze ‘ikhonze inikele nangokuphila kwayo kube yisihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28) UJesu wahlupheka futhi wafa ukuze asikhulule esonweni nasekufeni, esakuthola kumuntu wokuqala, u-Adamu.​—Roma 5:8, 12.

 Ukubonisa ukholo kuJesu kuhilela okungaphezu kokukholelwa kuye noma ukuqaphela lokho asenzela kona. Kumelwe sibonise ukuthi sinokholo eNdodaneni kaNkulunkulu ngokuyilalela nangokulandela ezinyathelweni zayo. (Mathewu 7:24-27; 1 Petru 2:21) IBhayibheli lithi: “Obonisa ukholo eNdodaneni uyothola ukuphila okuphakade; ongayilaleli iNdodana ngeke akubone ukuphila.”—Johane 3:36.

Umongo KaJohane 3:16

 UJesu washo lawo mazwi ngesikhathi ekhuluma nomholi wenkolo yamaJuda uNikhodemu. (Johane 3:1, 2) Kuleyo ngxoxo, uJesu waveza imininingwane emayelana noMbuso kaNkulunkulu c kanye ‘nokuphinde uzalwe.’ (Johane 3:3) Wabikezela nokuthi wayezofa kanjani. “INdodana yomuntu kumelwe iphakanyiswe [ilengiswe esigxotsheni], ukuze wonke umuntu okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:14, 15) Wabe esegcizelela ukuthi leli thuba lokuthola ukuphila laba khona ngenxa yothando olukhulu uNkulunkulu analo ngabantu. UJesu waphetha ngokuchaza ukuthi ukuze sithole ukuphila, kudingeka sibonise ukholo futhi senze imisebenzi ejabulisa uNkulunkulu.—Johane 3:17-21.

a Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ezelwe yodwa” lithi monogenes. Liye lachazwa ngokuthi “okuwukuphela kwayo, . . . okungekho enye efana nayo noma yohlobo lwayo, engafani namanye.A Greek-English Lexicon of the New Testament and Other Early Christian Literature, k. 658.

b Igama elithi Jehova yigama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.

c UMbuso kaNkulunkulu, obizwa nangokuthi “uMbuso wamazulu,” uwuhulumeni wasezulwini. (Mathewu 10:7; IsAmbulo 11:15) UNkulunkulu wabeka uKristu ukuba abe iNkosi yalowo Mbuso. UMbuso kaNkulunkulu uyofeza injongo kaNkulunkulu ngomhlaba. (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:10) Ukuze uthole okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Uyini UMbuso KaNkulunkulu?