Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Udlame Nokwesabisa Kuyoke Kuphele?

Ingabe Udlame Nokwesabisa Kuyoke Kuphele?

 Luningi kakhulu udlame emhlabeni, ezinye izenzo zodlame zihloselwe ukwesabisa abantu nokuthi kwenziwe izinguquko kwezepolitiki, kwezenkolo, noma emphakathini. Ngemva kokubona lolo dlame, nawu umbuzo ongase uzifikele engqondweni: ‘Ingabe uNkulunkulu unendaba? Kungani lezi zinto zenzeka? Luyoke luphele yini lolu dlame? Ngingaphila kanjani nalokhu kwesaba?’ IBhayibheli liyiphendula kahle le mibuzo.

UNkulunkulu uzizwa kanjani ngodlame nokwesabisa?

 UNkulunkulu uyaluzonda udlame nokwesabisa. (IHubo 11:5; IzAga 6:16, 17) NoJesu, ummeleli kaNkulunkulu, wabakhuza abafundi bakhe lapho beba nodlame. (Mathewu 26:50-52) Nakuba abanye lokhu bekwenza egameni likaNkulunkulu, kodwa akabanikanga ilungelo lokwenza kanjalo. Empeleni, akayilaleli ngisho nemithandazo yabo.—Isaya 1:15.

 UNkulunkulu ubakhathalela bonke abantu abahluphekayo, kuhlanganise nalabo abahlukunyezwe udlame nabesatshiswayo. (IHubo 31:7; 1 Petru 5:7) IBhayibheli lembula nokuthi uNkulunkulu uzothatha isinyathelo ukuze aqede udlame.—Isaya 60:18.

Imbangela yodlame nokwesabisa

 IBhayibheli lembula umnyombo wodlame nokwesabisa: ‘Umuntu ubusa omunye umuntu kube ukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Kuwo wonke umlando, abantu abanegunya basebenzise udlame ukuze bacindezele abanye. Lapho becindezelwa, abanye basebenzise udlame nokwesabisa ukuze nabo bazilwele.—UmShumayeli 7:7.

Ukuphela kodlame nokwesatshiswa

 UNkulunkulu uthembisa ukuqeda ukwesaba nodlame, bese enza kube nokuthula emhlabeni. (Isaya 32:18; Mika 4:3, 4) Nakhu azokwenza:

  •   Uzosusa imbangela yodlame nokwesabisa. UNkulunkulu uzomisa uMbuso wakhe ozobusa emhlabeni wonke esikhundleni sohulumeni babantu. INkosi yalo Mbuso, uJesu Kristu, izobaphatha kahle bonke abantu, iqede ukucindezelwa nodlame. (IHubo 72:2, 14) Ngaleso sikhathi, akekho oyoba nodlame futhi asabise abanye. Abantu “bayothola injabulo enkulu ngenxa yokuthula okuchichimayo.”—IHubo 37:10, 11.

  •   Uzolungisa wonke umonakalo odalwe udlame nokwesabisa. UNkulunkulu uyobelapha abantu emiphumeleni edalwe yilolu dlame nokwesabisa, olubathinte ngokoqobo noma ngokomzwelo. (Isaya 65:17; IsAmbulo 21:3, 4) Uthembisa ngisho nokuvusa abafile, ababuyisele ekuphileni emhlabeni onokuthula.—Johane 5:28, 29.

 IBhayibheli lisinikeza izizathu ezinhle zokukholelwa ukuthi uNkulunkulu uzokwenza lokho maduzane. Nokho, ungase uzibuze, ‘Kungani uNkulunkulu engakaluqedi lolu dlame nokwesabisa?’ Ukuze uthole impendulo, bukela ividiyo ethi Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?