Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

alfa27/stock.adobe.com

UMKHANKASO WESIKHUMBUZO

UJesu Uzoqeda Ubugebengu

UJesu Uzoqeda Ubugebengu

 UJesu uyazi ukuthi kunjani ukuhlupheka ngenxa yobugebengu nokuphathwa ngendlela engenabulungisa. Waqanjelwa amanga, washaywa ngokungemthetho, waquliswa icala futhi wagwetshwa ngokungafanele, waze wabulawa ngesihluku. Ngisho noma ayengenacala, wabonisa ukungabi nabugovu, wavuma ukunikela ‘ngokuphila kwakhe kube yisihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28; Johane 15:13) Maduze, njengoba eyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uzoletha ubulungisa emhlabeni wonke, abuqede ngokuphelele ubugebengu.—Isaya 42:3.

 IBhayibheli lichaza lokho umhlaba oyoba yikho ngemva kokuba uJesu ethathe isinyathelo:

  •   Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, bayothola injabulo enkulu ngenxa yokuthula okuchichimayo.”—IHubo 37:10, 11.

 Yini esingayenza ukuze sibonise ukuthi siyabonga ngakho konke uJesu asenzele kona nalokho asazosenzela kona? Encwadini kaLuka 22:19, uJesu watshela abalandeli bakhe ukuba bakukhumbule ukufa kwakhe. Yileso isizathu esenza oFakazi bakaJehova bahlangane ndawonye minyaka yonke ngosuku uJesu afa ngalo. Sikumema ukuba ube nathi lapho sikhumbula ukufa kukaJesu ngeSonto, Mashi 24, 2024.

Thola ISikhumbuzo Esiseduze Nawe