Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuphuza Utshwala—Ungakulawula Kanjani?

Ukuphuza Utshwala—Ungakulawula Kanjani?

 Abanye abantu baphuza kakhulu uma kukhona okubaphathe kabi, benesizungu noma bengazi ukuthi benzeni. Ingabe usuphuza kakhulu kunakuqala? Uma usuphuza kakhulu, ungaqikelela kanjani ukuthi ukuphuza kwakho akuphumi esandleni noma ukuthi akukwenzi ugcine usuphila ngotshwala? Cabanga ngezinto ezingakusiza ulawule indlela ophuza ngayo.

 Kufanele uphuze utshwala obungakanani?

 Okushiwo iBhayibheli: “Ungabi phakathi kwalabo abaphuza iwayini ngokweqile.”—IzAga 23:20.

 Cabanga ngalokhu: IBhayibheli alikulahli ukuphuza utshwala ngesilinganiso esifanele. (UmShumayeli 9:7) Kodwa liyawuveza umehluko phakathi kokuphuza ngokulinganisela, ukuphuza kakhulu, nokudakwa. (Luka 21:34; Efesu 5:18; Thithu 2:3) Ngisho noma ungafikanga eqophelweni lokudakwa, ukuphuza kakhulu kungakwenzisa izinqumo ezibhedayo, kungalimaza impilo yakho, noma ubudlelwano onabo nabanye.—IzAga 23:29, 30.

 Iziphathimandla eziningi ziyawuphawula umehluko phakathi kokuphuza ngokulinganisela nokuphuza kakhulu, ziwukala ngokuthi umuntu uphuza kangaki ngosuku nokuthi uphuza izinsuku ezingaki ngeviki. a Nokho, utshwala bubaphatha ngezindlela ezingafani abantu, ngezinye izikhathi kuba ngcono ukungabuthinti nhlobo. NgokweWorld Health Organization:

 “Isiphuzo esisodwa noma ezimbili nazo zingase zibe yinto enkulu—njengalapho:

  •   Ushayela imoto noma umshini.

  •   Ukhulelwe noma uncelisa.

  •   Kukhona imithi oyidlayo.

  •   Uma unenkinga ethile yempilo.

  •   Uma ungakwazi ukulawula indlela ophuza ngayo.”

 Izimpawu zokuhlulwa utshwala

 Okushiwo iBhayibheli: “Masihloleni izindlela zethu sizicubungule.”—IsiLilo 3:40.

 Cabanga ngalokhu: Ungakwazi ukuzivikela emiphumeleni emibi yotshwala uma ulihlola njalo izinga lakho lokuphuza, ushintshe uma kudingeka. Funa lezi zimpawu ezilandelayo ezingase zibonise ukuthi utshwala sebuyakuhlula.

  •   Awujabuli ngaphandle kotshwala. Ubona sengathi kudingeka uphuze ukuze uphumule, uhlangane nabantu noma ukuze kube mnandi. Usizwa utshwala ukuze ubhekane nezinkinga zakho.

  •   Izinga lakho lokuphuza lenyukile. Uphuza njalo. Esakho isiphuzo sinamandla, futhi kumele ubuphinde kaningana ukuze uzwe le nto osujwayele ukuyizwa.

  •   Ukuphuza kwakho kubange izinkinga ekhaya noma emsebenzini. Ngokwesibonelo, uchitha imali eningi otshwaleni kunemali elingana namandla akho.

  •   Wenza izinqumo eziyingozi uma usuphuzile, njengokushayela, ukubhukuda, noma ukushayela umshini.

  •   Kukhona abakhalayo ngokuphuza kwakho. Uma beveza lokho, uyacasuka. Uzama ukubafihlela abanye ukuthi uyaphuza, noma uqambe amanga ngesilinganiso osiphuzayo.

  •   Akusayekeki. Uyazama ukunciphisa noma ukuyeka, kodwa akwenzeki.

 Amacebiso amahlanu angakusiza ulawule indlela ophuza ngayo utshwala

 1. Yakha icebo.

 Okushiwo iBhayibheli: “Amacebo okhuthele amenza aphumelele.”—IzAga 21:5.

 Zama lokhu: Khetha izinsuku ozophuza ngazo evikini. Beka isilinganiso esifanele sezingilazi ozoziphuza ngalezo nsuku. Yenza okungenani kube nezinsuku ezimbili ongaphuzi ngazo iviki ngalinye.

 “Ukubuye ume kancane otshwaleni kuyindlela engcono kakhulu yokuthi unganciki kubo,” kusho inhlangano efundisa ngotshwala yase-U.K.

 2. Feza icebo lakho.

 Okushiwo iBhayibheli: “Qedelani umsebenzi enawuqala.”—2 Korinte 8:11.

 Zama lokhu: Funda ngezilinganiso ezivamile zotshwala ukuze ukwazi ukukala kahle ukuthi uzophuza into engakanani. Thola ezinye iziphuzo ezingenabo utshwala ozithandayo, uzenze zitholakale kalula.

 “Ushintsho oluncane lungenza umehluko omkhulu ekunciphiseni amathuba okuba nezinkinga zempilo ezihlobene notshwala,” kusho i-U.S. National Institute on Alcohol Abuse and Alcoholism.

 3. Namathela ezinqumweni ozenzile.

 Okushiwo iBhayibheli: “ ‘uYebo’ wenu makasho uyebo, ‘noCha’ wenu, ucha.”—Jakobe 5:12.

 Zama lokhu: Kulungele ukuthi “Cha” ngendlela enomusa kodwa eqinile uma kuba nomuntu ofuna ukukuthelela isiphuzo esizophazamisa icebo lakho.

 “Kubalulekile ukusheshe usho ukuthi cha, ukuze ungazitholi usuvuma,” kusho i-U.S. National Institute on Alcohol Abuse and Alcoholism.

 4. Gxila ezinzuzweni zesinqumo sakho.

 Okushiwo iBhayibheli: “Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo.”—UmShumayeli 7:8.

 Zama lokhu: Bhala uhlu lwezizathu ezenza ufune ukulawula indlela ophuza ngayo utshwala. Ufake nezinzuzo ozozithola esikhathini sokulala, empilweni, kwezezimali nasebudlelwaneni onabo nabanye. Uma uxoxela abanye ngezinqumo ozenzile, gxila kokuhle ungagxili ezinseleleni.

 5. Cela uNkulunkulu akusize.

 Okushiwo iBhayibheli: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—Filipi 4:13.

 Zama lokhu: Uma ikukhathaza indlela ophuza ngayo, thandazela usizo lukaNkulunkulu. Mcele akuphe amandla futhi akusize uzithibe. b Zinike isikhathi sokufunda ngokuhlakanipha okusebenzayo okuseZwini lakhe, iBhayibheli. Uma uNkulunkulu esohlangothini lwakho, ungakwazi ukulawula indlela ophuza ngayo utshwala.

a Ngokwesibonelo, iHeart and Stroke Foundation eNingizimu Afrika ikhuthaza ukuthi ophuzayo, aphuze ngokulinganisela. “Lokhu kusho ukuthi amadoda kufanele angeqi ezingilazini ezimbili ngosuku, abesifazane bangeqi kweyodwa. Isikali sikabhiya kube u-340 ml, esewayini kube u-120 ml, iwayini elibizwa nge-sherry kube u-60 ml, ugologo kube u-25 ml.” Osayizi beziphuzo abafani kuye ngezwe okulo, thinta udokotela wakho ukuze uthole ukuthi isikali esingakanani esivumelana nawe.

b Uma ungakwazi ukulawula indlela ophuza ngayo, kungenzeka udinga nosizo lodokotela.