Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungathandaza Kanjani Ukuze UNkulunkulu Akuzwe?

Ungathandaza Kanjani Ukuze UNkulunkulu Akuzwe?

UJehova uNkulunkulu ‘uyayilalela imithandazo.’ (IHubo 65:2) Singakhuluma naye noma kuphi noma nini, ngokuzwakalayo noma ngenhliziyo. UJehova ufuna simbize ‘ngoBaba,’ futhi unguBaba ongcono kakhulu esingaba naye. (Mathewu 6:9) Ngothando, uJehova usifundisa indlela yokuthandaza ezokwenza ukuba asizwe.

THANDAZA KUJEHOVA UNKULUNKULU EGAMENI LIKAJESU

“Uma nicela noma yini kuBaba, uyoninika yona egameni lami.”Johane 16:23.

Amazwi kaJesu abonisa ngokucacile ukuthi uJehova ufuna sithandaze kuye egameni likaJesu Kristu, hhayi sisebenzise izithombe, osanta, izingelosi noma okhokho bethu abangasekho. Lapho sithandaza kuNkulunkulu egameni likaJesu, sisuke sibonisa ukuthi siyayiqaphela indima kaJesu ebalulekile. UJesu wathi, “Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.”—Johane 14:6.

KHULUMA NGOKUSUKA ENHLIZIYWENI

“Thululani izinhliziyo zenu phambi kwakhe.”IHubo 62:8.

Lapho sithandaza kuJehova, kufanele sikhulume ngendlela esingakhuluma ngayo nobaba onothando. Kunokuba sifunde umthandazo encwadini noma sisho into esiyibambe ngekhanda, kufanele sikhulume naye ngenhlonipho nangokusuka enhliziyweni.

THANDAZELA INTO EVUMELANA NENTANDO KANKULUNKULU

“Noma yini esiyicelayo evumelana nentando yakhe, uyasizwa.”1 Johane 5:14.

EBhayibhelini, uJehova uNkulunkulu usitshela lokho azosenzela kona nalokho afuna thina simenzele kona. Ukuze uNkulunkulu ayamukele imithandazo yethu, kudingeka sithandaze ‘ngokuvumelana nentando yakhe.’ Ukuze sikwazi ukwenza kanjalo, kudingeka sitadishe iBhayibheli ukuze simazi kangcono. Uma senza kanjalo, imithandazo yethu iyomjabulisa.

YINI ESINGAYITHANDAZELA?

Thandazela Izidingo Zakho. Singathandaza kuNkulunkulu sicele izinto esizidingayo nsuku zonke—ukudla, izingubo zokugqoka nendawo yokuhlala. Singathandazela nokuhlakanipha ukuze sikwazi ukwenza izinqumo ezihlakaniphile kanye namandla ukuze sikwazi ukukhuthazelela uvivinyo. Singathandazela ukholo, intethelelo kanye nosizo lukaNkulunkulu.—Luka 11:3, 4, 13; Jakobe 1:5, 17.

Thandazela Abanye. Abazali abanothando bayajabula lapho izingane zabo zithandana. UJehova naye ufisa izingane zakhe zasemhlabeni zithandane. Kuyinto efanele ukuthandazela umuntu esishade naye, izihlobo zethu, izingane zethu nabangane bethu. Umfundi uJakobe wabhala, “Nithandazelane.”—Jakobe 5:16.

Bonga. IBhayibheli lisho lokhu ngoMdali wethu: ‘Wenza izinto ezinhle, eninika izimvula ezivela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, enanelisa ngokudla, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokwenama okukhulu.’ (IzEnzo 14:17) Lapho sicabanga ngakho konke lokho uNkulunkulu asenzele khona, izinhliziyo zethu ziyothinteka bese simbonga ngomthandazo. Yiqiniso nokuthi kufanele sibonise ukuthi siyabonga kuNkulunkulu ngendlela esiphila ngayo.—Kolose 3:15.

YIBA NESINEKE UQHUBEKE UTHANDAZA

Ngezinye izikhathi, singase siphatheke kabi lapho singayitholi ngokushesha impendulo yemithandazo yethu eqotho. Ingabe lokho kusho ukuthi uNkulunkulu akanandaba nathi? Lutho neze! Ake ucabange ngalezi zindaba ezilandelayo ezibonisa ukuthi kungenzeka kudingeka siqhubeke nje sithandaza.

USteve okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala, uthi: “Ukube bekungengenxa yomthandazo, ngabe kudala ngaliphonsa ithawula.” Yini eyabangela lolu shintsho? Waqala ukutadisha iBhayibheli wafunda ngesidingo somthandazo nokuphikelela kuwo. USteve uthi, “Ngiyathandaza kuNkulunkulu ngimbonge ngakho konke ukusekelwa engikuthola kubangane bami abangithandayo. Manje sengijabule kakhulu kunasesikhathini esidlule.”

Kuthiwani ngoJenny, owayezibona engafanelwe ukulalelwa uNkulunkulu? Uthi, “Lapho ngizibona ngingelutho kakhulu, ngancenga uNkulunkulu ukuba angisize ngiqonde ukuthi kungani ngizizwa ngale ndlela.” Kwamsiza kanjani lokho? “Ukukhuluma noNkulunkulu kungisizile ngaba nombono ofanele, ngabona ukuthi ngisho noma inhliziyo yami ingilahla, yena akangilahli. Kungisizile nokuba ngingapheli amandla kodwa ngiqhubeke ngizama.” Ube yini umphumela? “Umthandazo ungisizile ngabheka uJehova njengoNkulunkulu, uBaba noMngane ongokoqobo, onothando nokhathalelayo, oyohlale engisekela futhi engisiza uma nje ngiqhubeka ngizama ukwenza lokho akufunayo.”

Lapho u-Isabel ebona indodana yakhe ijabulela ukuphila nakuba ikhubazekile, uthi: “Ngiyaqaphela ukuthi iyimpendulo engcono kakhulu yemithandazo yami.”

Cabanga nangendaba ka-Isabel. Ngesikhathi ekhulelwe, odokotela bakhe bamtshela ukuthi ingane yayizozalwa ikhubazeke kakhulu. Wakhungatheka. Abanye baze bameluleka ngokuthi akhiphe isisu. “Ngangizizwa sengathi ngizofa ngenxa yobuhlungu obabusenhliziyweni yami.” Wenzenjani? Uthi, “Ngathandaza kuNkulunkulu ngokuphindaphindiwe ngicela ukuba angiphe amandla.” Ngokuhamba kwesikhathi, wazala indodana eyayikhubazekile, uGerard. Ingabe u-Isabel unomuzwa wokuthi uNkulunkulu wayiphendula imithandazo yakhe? Yebo, kunjalo! Ngayiphi indlela? U-Isabel uthi, “Lapho ngibheka indodana yami, manje esineminyaka engu-14, ijabulela ukuphila nakuba ikhubazekile, ngiyaqaphela ukuthi iyimpendulo engcono kakhulu yemithandazo yami, isibusiso esikhulu uJehova uNkulunkulu anginike sona.”

Amazwi asuka enhliziyweni anjengalawa, asenza sicabange ngamazwi omhubi owathi: “Wena Jehova, uyosizwa isicelo sabamnene. Uyoqinisa izinhliziyo zabo ubanake.” (iHubo 10:17) Yizizathu ezinhle ngempela lezo zokuphikelela emthandazweni!

IBhayibheli liqukethe imithandazo eminingi kaJesu. Odume kakhulu yilowo awufundisa abalandeli bakhe. Yini esingayifunda kuwo?