Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Manje Sengingakwazi Ukusiza Abanye

Manje Sengingakwazi Ukusiza Abanye
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1981

  • IZWE AZALELWA KULO: EGUATEMALA

  • UMLANDO: WAKHULA KANZIMA

UKUPHILA KWAMI:

Ngazalelwa e-Acul, idolobha elincane endaweni enezintaba entshonalanga yeGuatemala. Umndeni wakithi ungama-Maya akhuluma isi-Ixil. Ngikhule ngikhuluma ulimi lwasekhaya kanye neSpanishi. Iminyaka yokuqala yokuphila kwami yaqondana nempi yombango enonya eyadonsa iminyaka engu-36 eGuatemala. Phakathi naleso sikhathi kwafa abantu abaningi abakhuluma isi-Ixil.

Lapho ngineminyaka emine ubudala, umfowethu owayeneminyaka eyisikhombisa wayedlala ngebhomu elavele laqhuma. Ngenxa yaleyo ngozi, ngaba impumputhe futhi ngokudabukisayo umfowethu washona. Ngemva kwalokho ngakhulela esikhungweni sezingane eziyizimpumputhe eGuatemala City, lapho engafunda khona ukufunda izincwadi ze-Braille. Nakuba ngangingaziqondi kahle izizathu, izisebenzi zakuleyo ndawo zanginqabela ukuba ngixoxe nezinye izingane futhi abafundi engangifunda nabo babengigwema. Ngangihlale nginesizungu, ngilangazelela ukufika kwezinyanga ezimbili engangizichitha nomama unyaka ngamunye. Umama wayehlale enomusa nobubele. Ngokudabukisayo, washona lapho ngineminyaka eyishumi ubudala. Ukulahlekelwa ukuphela komuntu owayengithanda emhlabeni kwangizwisa ubuhlungu obukhulu.

Lapho ngineminyaka engu-11, ngaphindela ekhaya ngayohlala nomfowethu omdala nomndeni wakhe. Babezinakekela izidingo zami, kodwa akekho owayekwazi ukungisiza ngokomzwelo. Ngezinye izikhathi ngangikhala kuNkulunkulu: “Kungani umama eshonile? Kungani ngiyimpumputhe?” Abantu babengitshela ukuthi lezi zinhlekelele ziyintando kaNkulunkulu. Ngaphetha ngokuthi uNkulunkulu akanalo uzwela nobulungisa. Ukuphela kwento eyangenza ngangazibulala ukuthi ngangingazi ukuthi ngingazibulala kanjani.

Ukuba yimpumputhe kwabangela ukuba ngichayeke ekuhlukunyezweni. Lapho ngisewumfana, nganukubezwa izikhathi eziningana. Angizange ngiwabike lawo macala—ngangicabanga ukuthi akekho umuntu onendaba nami. Kwakungavamile ukuba abantu bakhulume nami futhi ngangingaxoxi namuntu. Ngangizihlukanisa nabantu, ngicindezelekile futhi ngingathembi muntu.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Ngisanda kweva eminyakeni eyishumi nambili, umbhangqwana ongoFakazi BakaJehova weza kimi ngesikhathi sekhefu esikoleni. Omunye uthisha owayezwelana nami wawucela ukuba uze uzongibona. Lo mbhangqwana wangitshela ngesithembiso seBhayibheli sokuthi abafileyo bayovuswa nokuthi ngolunye usuku izimpumputhe ziyophinde zibone. (Isaya 35:5; Johane 5:28, 29) Ngakuthanda lokho lo mbhangqwana owawungifundisa khona, kodwa kwakunzima ngami ukuxoxa nawo ngoba ngangingakujwayele ukukhuluma. Nokho, naphezu kokungakuthandi kwami ukukhuluma, ngomusa nangesineke waqhubeka ungivakashela ukuze ungifundise iBhayibheli. Lo mbhangqwana wawusuka ngaphesheya kwentaba, uhamba amakhilomitha angaphezu kwayishumi ngezinyawo ukuze uzongibona.

Umfowethu wawuchaza ngokuthi abantu abagqoka izingubo ezihlanzekile kodwa abangacebile kangako. Noma kunjalo wawuhlale ungibonisa isithakazelo futhi ungiphathela izipho ezincane. Nganginomuzwa wokuthi amaKristu eqiniso kuphela angazidela ngale ndlela.

Ngafunda iBhayibheli ngosizo lwezincwadi ze-Braille. Nakuba ngangikuqonda engangikufunda, kwakunzima ukukwamukela. Ngokwesibonelo, kwakunzima ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu ungikhathalela ngempela nokuthi bakhona abantu abangithandayo. Ngangiqonda ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ububi okwesikhashana, kodwa kwakunzima ukumbheka njengoBaba onothando. *

Kancane kancane, engangikufunde emiBhalweni kwangisiza ngashintsha indlela engibheka ngayo izinto. Ngokwesibonelo, ngafunda ukuthi uNkulunkulu uzwelana kakhulu nalabo abahluphekayo. Ngokuphathelene nabakhulekeli bakhe ababephathwa kabi, uNkulunkulu wathi: “Ngokuqinisekile ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami . . . ngibazi kahle ubuhlungu ababuzwayo.” (Eksodusi 3:7) Lapho ngiqala ukwazisa izimfanelo zikaJehova ezinhle, ngashukumiseleka ukuba nginikezele ukuphila kwami kuye. Ngo-1998, ngabhapathizwa ngaba uFakazi kaJehova.

Nginomzalwane owangamukela emzini wakhe

Ngemva konyaka ngibhapathiziwe, ngaya esikoleni sezimpumputhe ngasedolobheni lase-Escuintla. Umdala wasebandleni lendawo wezwa ngezinselele engangibhekana nazo lapho kufanele ngiye emihlanganweni yebandla ngesikhathi ngisahlala ekhaya. Ibandla elaliseduze lalingale kwentaba endaweni okwakuqhamuka kuyo umbhangqwana ongoFakazi owawungifundela iBhayibheli, futhi kwakunzima ukuya kulo. Ukuze angisize, umdala wangihlanganisa nomndeni ongoFakazi e-Escuintla owawuzimisele ukuhlala nami ekhaya lawo nokungisiza ngiye emihlanganweni yebandla. Kuze kube namuhla, lo mndeni unginakekela njengelungu lawo.

Ngingalandisa izibonelo eziningi zothando lweqiniso engiluboniswe amalungu ebandla. Zizonke, lezi zibonelo zingiqinisekisa ngokuthi njengomunye woFakazi bakaJehova, ngiphakathi kwamaKristu eqiniso.Johane 13:34, 35.

INDLELA ENGIZUZE NGAYO:

Manje nginethemba ngekusasa futhi angisazizwa ngingelutho. Ukuphila kwami sekunenjongo. Njengesikhonzi sesikhathi esigcwele somsebenzi wokufundisa ngeBhayibheli woFakazi bakaJehova, ngigxila ekufundiseni abanye amaqiniso eBhayibheli ayigugu kunokugxila ekukhubazekeni kwami. Ngijabulela nelungelo lokukhonza njengomdala ebandleni engikulo nokubeka izinkulumo ezisekelwe eBhayibheli emabandleni aseduzane. Ngibe nanelungelo lokubeka izinkulumo ezisekelwe eBhayibhelini emihlanganweni emikhulu eba nezinkulungwane zezilaleli.

Ngibeka inkulumo ngisebenzisa iBhayibheli le-Braille

Ngo-2010, ngaphothula eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo (manje esibizwa ngokuthi ISikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso) esasise-El Salvador. Lesi sikole sangilungiselela ukuba ngiyifeze kangcono imithwalo yami yemfanelo ebandleni. Ukuthola lokhu kuqeqeshwa kwangenza ngaba nomuzwa wokuthi uJehova uNkulunkulu—ongaqeqesha noma ubani ofuna ukwenza umsebenzi wakhe—uyangazisa kakhulu futhi uyangithanda.

UJesu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Namuhla, ngingasho kugcwale umlomo ukuthi ngijabulile futhi nakuba kwakubonakala kungenakwenzeka, manje sengingakwazi ukusiza abanye.

^ isig. 13 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuphathelene nokuthi kungani uNkulunkulu evumela ububi, bheka isahluko 11 encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.