Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Ngangingafuni Ukufa!

Ngangingafuni Ukufa!
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1964

  • IZWE AZALELWA KULO: ENGILANDI

  • UMLANDO: WAYENENKANI WABA NENGANE ESEMNCANE

UKUPHILA KWAMI

Ngazalelwa ePaddington, indawo yaseLondon enabantu abaningi, eNgilandi. Ngangihlala nomama nodadewethu abathathu abadala kunami. Ubaba wayeba khona abuye angabi bikho ekuphileni kwethu ngenxa yokuthi wayenenkinga yotshwala.

Ngesikhathi ngisemncane, umama wangifundisa ukuthandaza njalo ebusuku. NgangineBhayibheli elincane elalinamaHubo nje kuphela, ngangiziqambela indlela yokuwacula. Ngikhumbula ngifunda okuthile kwenye incwadi okwahlala engqondweni yami: “Ngelinye ilanga liyoshona lingabe lisaphuma.” Ngenxa yala mazwi ngangiqwasha ebusuku ngicabange ngekusasa. Ngangizithola ngicabanga, ‘Kufanele ukuba ikhona injongo ekuphileni. Kungani ngiphila?’ Ngangingafuni ukufa!

Ngaqala ukuthanda ukwazi ngemimoya. Ngazama ukukhuluma nabafile, ngaya emathuneni nabangane bami basesikoleni, sabuka nama-movie athusayo. Kwakumnandi kodwa kwethusa ngesikhathi esifanayo.

Ngaqala ukuba ihlongandlebe ngineminyaka eyishumi nje kuphela. Ngaqala ukubhema ugwayi futhi ngokushesha ngaba umlutha wawo. Kamuva, ngabhema insangu. Ngathi ngiba neminyaka engu-11 ngase ngiphuza utshwala. Nakuba babungemnandi, ngangikuthanda ukudakwa. Ngangiwuthanda nomculo nokudansa. Ngangiya emaphathini nakuma-nightclub. Ngangivame ukuphuma ngesinyenyela ebusuku ngibuye entathakusa. Ngenxa yokuthi ngangisuke ngikhathele ngakusasa, ngangivame ukulova esikoleni. Uma kwenzekile ngaya esikoleni, ngangivame ukuphuza lapho sishintsha amakilasi.

Angenzanga kahle onyakeni wami wokugcina esikoleni. Umama wadumala futhi wathukuthela engazi ukuthi ngase ngidlebeleke kangakanani. Saxabana nomama, ngahamba ekhaya. Okwesikhathi esithile, ngahlala nomfana engangithandana naye, uTony, owayeyi-rasta. Wayeyisigebengu, edayisa izidakamizwa futhi aziwa njengesidlova. Kungakabiphi ngakhulelwa futhi ngineminyaka engu-16 nje kuphela ngabeletha indodana.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHITSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI

Ngaqala ukuhlangana noFakazi BakaJehova lapho ngihlala ehostela lomama abangashadile nezingane zabo. Izikhulu zendawo zazinginike igumbi lapho. OFakazi ababili besifazane babevame ukufika beze kwabanye omama abasebancane. Langa limbe nami ngahlanganyela ezingxoxweni nabo. Inhloso yami kwakuwukubaphikisa. Kodwa baphendula yonke imibuzo yami ngesineke nangendlela ecacile besebenzisa iBhayibheli. Babengeve benomusa futhi benesineke. Ngakho, ngavuma ukutadisha nabo iBhayibheli.

Ngokushesha ngafunda okuthile eBhayibhelini okwashintsha ukuphila kwami. Kusukela ngisemncane ngangikwesaba ukufa. Kodwa, ngase ngithole lokho uJesu akufundisa mayelana novuko! (Johane 5:28, 29) Ngafunda nokuthi uNkulunkulu uyangikhathalela. (1 Petru 5:7) Angithinta kakhulu amazwi akuJeremiya 29:11 athi: “‘Ngoba mina ngiyazi kahle imicabango engiyicabangayo ngani,’ kusho uJehova, ‘yimicabango yokuthula, hhayi eyenhlekelele, ukuba ngininike ikusasa nethemba.’” Ngaqala ukukholelwa ukuthi ngangingaba nethemba lokuphila phakade ePharadesi emhlabeni.—IHubo 37:29.

OFakazi BakaJehova bangibonisa uthando lwangempela. Lapho ngiqala ukuya komunye wemihlangano yabo abantu babenothando—wonke umuntu wayenobungane! (Johane 13:34, 35) Kwakuhluke kakhulu endleleni engangiphathwe ngayo esontweni. OFakazi bangamukela nezinkinga zami. Banginika isikhathi, banginakekela, banginaka futhi bangisiza nangezinye izindlela. Ngazizwa ngiyingxenye yomndeni omkhulu, onothando.

Ekufundeni kwami iBhayibheli ngaqaphela ukuthi kwakuzodingeka ngenze izinguquko ekuphileni ukuze kuvumelane nendlela ephakeme uNkulunkulu afuna abantu baziphathe ngayo. Akubanga lula ukuyeka ukubhema ugwayi. Ngesikhathi esifanayo, ngaqaphela ukuthi uhlobo oluthile lomculo lwalwenza ngiqalekele insangu, ngakho ngalushintsha. Ngenxa yokuthi ngangingasafuni ukuhlala ngidakiwe, ngayeka ukuya emaphathini nakuma-nightclub ukuze ngigweme isilingo sokudakwa. Ngafuna abangane abasha ababezongikhuthaza kule ndlela yami entsha yokuphila.—IzAga 13:20.

Phakathi naleso sikhathi, noTony wayetadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. OFakazi bayiphendula yonke imibuzo yakhe besebenzisa iBhayibheli, futhi naye wayeqiniseka ngokuthi kwakuyiqiniso lokho ayekufunda. Wenza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwakhe: wayeka abangane bakhe bakudala abanobudlova, wayeka ubugebengu ayebenza wayeka nokubhema insangu. Ukuze sijabulise uJehova ngokugcwele, sobabili sabona isidingo sokushintsha indlela esasiziphatha ngayo ukuze sikwazi ukukhulisa indodana yethu kahle. Sashada ngo-1982.

“Angisaqwashi ebusuku ngikhathazeke ngekusasa noma ngokufa”

Ngikhumbula ngibheka izihloko zomagazini i-Nqabayokulinda ne-Phaphama! * ezikhuluma ngabantu abaphumelela ukwenza izinguquko engangifuna ukuzenza. Zangikhuthaza kakhulu izibonelo zabo! Ngathola amandla okuqhubeka ngizama futhi ngingayeki. Ngaqhubeka ngithandaza kuJehova ukuba angangishiyi. Mina noTony sabhapathizwa saba oFakazi BakaJehova ngo-July 1982.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO

Ukwakha ubungane noJehova uNkulunkulu kwasindisa ukuphila kwami. Mina noTony siye sabona uJehova esisekela ezikhathini ezinzima. Siye safunda ukuncika kuNkulunkulu kulezo zikhathi ezinzima futhi siyabona ukuthi ubelokhu ewusiza futhi ewunakekela umndeni wethu.—IHubo 55:22.

Ngiye ngakujabulela ukusiza indodana nendodakazi yethu ukuba bazi uJehova njengoba nami sengimazi. Manje nginenjabulo efanayo njengoba ngibona nezabo izingane zikhula olwazini ngoNkulunkulu.

Angisaqwashi ebusuku ngikhathazeke ngekusasa noma ngokufa. Mina noTony simatasa kakhulu sihambela amabandla ahlukahlukene oFakazi BakaJehova isonto ngalinye ukuze sibakhuthaze. Sihamba nabo siyofundisa abanye ukuthi uma bebonisa ukholo kuJesu nabo bangajabulela ukuphila okuphakade.

^ isig. 18 Nayo inyatheliswa oFakazi BakaJehova.