Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE KUYASIZA UKUTHANDAZA?

Okwenza UNkulunkulu Asimeme Ukuba Sithandaze

Okwenza UNkulunkulu Asimeme Ukuba Sithandaze

UNkulunkulu ufuna sibe abangane bakhe.

Abangane bayaxoxa ukuze bakhe ubuhlobo obuhle. Ngendlela efanayo, uNkulunkulu usimema ukuba sikhulume naye, ngaleyo ndlela esivulela ithuba lokuba nobuhlobo obuseduze naye. Uthi: “Niyongibiza futhi nize nithandaze kimi, futhi ngiyonilalela.” (Jeremiya 29:12) Njengoba ukhuluma noNkulunkulu, ‘uyosondela kuye, naye uyosondela kuwe.’ (Jakobe 4:8) IBhayibheli liyasiqinisekisa: “UJehova useduze nabo bonke abambizayo.” (IHubo 145:18) Njengoba siqhubeka sithandaza kuNkulunkulu, ubuhlobo bethu naye buyokhula.

“UJehova useduze nabo bonke abambizayo.”IHubo 145:18

UNkulunkulu ufuna ukukusiza.

UJesu wathi: “Ngubani phakathi kwenu okuthi lapho indodana yakhe icela isinkwa ayinike itshe? Noma, mhlawumbe uma icela inhlanzi—ngeke ayinike inyoka, akunjalo? Ngakho-ke, uma nina, nakuba nibabi, nikwazi ukupha abantwana benu izipho ezinhle, yeka ukuthi uYihlo osemazulwini uyobapha kakhulu kangakanani izinto ezinhle labo abamcelayo!” (Mathewu 7:9-11) Yebo, uNkulunkulu ukumema ukuba uthandaze ngoba ‘uyakukhathalela’ futhi ufuna ukukusiza. (1 Petru 5:7) Ukumema nokuba uthululele izinkinga zakho kuye. IBhayibheli liyasitshela: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.”Filipi 4:6.

Abantu banesidingo esingokomoya.

Izazi ezifunda ukwakheka komuntu zithole ukuthi izigidi zabantu zinaso isidingo sokuthandaza. Ngisho nabanye abantu abakholelwa ukuthi uNkulunkulu akekho baphakathi kwalabo abanalesi sidingo. * Lokhu kufakazela iqiniso lokuthi abantu badalwe benesidingo esingokomoya. UJesu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Enye indlela esinganelisa ngayo leso sidingo ukuxhumana njalo noNkulunkulu.

Uma samukela isimemo sikaNkulunkulu sokuba sithandaze kuye, yiziphi izinzuzo esingazithola?

^ isig. 8 Ucwaningo olwenziwa i-Pew Research Center ngo-2012 lwaveza ukuthi abantu abangakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona abangamaphesenti angu-11 e-United States bayathandaza okungenani kanye ngenyanga.