Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuphela Kokuhlupheka Kuseduze!

Ukuphela Kokuhlupheka Kuseduze!

Zibone ngeso lengqondo uphila emhlabeni ongenakho ukuhlupheka—umhlaba ongenabo ubugebengu, izimpi, ukugula nezinhlekelele zemvelo. Cabanga nje uvuka njalo ekuseni singekho isidingo sokuba ukhathazeke ngobandlululo, ukucindezelwa noma izinkinga zemali. Ingabe lokhu kuzwakala kungamampunge? Yiqiniso, akekho umuntu noma inhlangano yabantu engakwazi ukuletha lezo zinguquko. Kodwa uNkulunkulu uthembisa ukuqeda zonke izimbangela zokuhlupheka kwabantu, kuhlanganise nalezo esixoxe ngazo esihlokweni esedlule. Phawula izithembiso ezilandelayo eziseZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli:

UKUBUSA KOMBUSO OLUNGILE

“UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini”—Daniyeli 2:44.

UMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni wasezulwini. INkosi yawo ekhethiwe uJesu Kristu, iyothatha isikhundla sayo yonke imibuso yabantu futhi iyoqikelela ukuthi intando kaNkulunkulu iyenziwa, hhayi nje ezulwini kuphela kodwa nalapha emhlabeni. (Mathewu 6:9, 10) Awukho umbuso wabantu oyolandela ngoba lo mbuso ‘ungumbuso waphakade weNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu.’ Kuyoba nokuthula okuhlala njalo.—2 Petru 1:11.

INKOLO YAMANGA IYOPHELA

“USathane ngokwakhe uziguqula ingelosi yokukhanya. Ngakho-ke akuyona into enkulu uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga. Kodwa ukuphela kwazo kuyoba njengokwemisebenzi yazo.”—2 Korinte 11:14, 15.

Inkolo yamanga iyodalulwa ukuthi isebenzela uDeveli futhi iyobe isiqedwa emhlabeni. Ukubandlululana kwazo zonke izinkolo nokuchitheka kwegazi kuyophela. Lokhu kuyovula indlela yokuba bonke abathandi ‘bakaNkulunkulu ophilayo noweqiniso’ bamkhulekele ‘ngokholo olulodwa’ “ngomoya nangeqiniso.” Yeka ukuthula nobunye okuyoba khona!—1 Thesalonika 1:9; Efesu 4:5; Johane 4:23.

ABANTU BAYOPHELELA

“UNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo. Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.

UJehova uNkulunkulu uyokwenza ukuba lokhu kwenzeke esebenzisa iNdodana yakhe, uJesu, eyanikela ngokuphila kwayo ukuze kuzuze abantu. (Johane 3:16) Ngaphansi kokuqondisa kukaJesu, abantu  bayokwenziwa baphelele. Ngeke kusaba khona nanoma yikuphi ukuhlupheka ngoba “uNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo” futhi uyosula “zonke izinyembezi emehlweni abo.” Ukungapheleli nokuhlupheka ngokushesha kuzoba yizinto zesikhathi esedlule; “abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29.

IMIMOYA EMIBI NGEKE ISABA KHONA

“Yambamba udrako, inyoka yokuqala, onguDeveli noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane. Yamjikijela kwalasha, yavala, yabeka uphawu phezu kwakhe, ukuze angabe esazidukisa izizwe.”—IsAmbulo 20:2, 3.

Onke amathonya obusathane ngeke esaba khona lapho uSathane namademoni beboshiwe futhi baphonswa “kwalasha,” okuyisimo sokungenzi lutho. Ngeke besakwazi ukusebenzisa ububi babo ukuze balawule abantu. Yeka impumuzo esiyoyithola ngokuphila emhlabeni ongenalo ithonya likaSathane nemimoya emibi!

“IZINSUKU ZOKUGCINA” ZIYODLULA

“Izinsuku zokugcina” ziyophela ngalokho uJesu akubiza ngokuthi “usizi olukhulu.” Wathi: “Ngaleso sikhathi kuyoba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe kuze kube manje, cha, futhi olungasayikuphinde lube khona.”—Mathewu 24:21.

Usizi luyoba lukhulu ngomqondo wokuthi kuyoba khona izinhlekelele ezingakaze zibe khona. Lezi ziyofinyelela kumvuthwandaba wazo “empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke,” eyaziwa ngokuthi ‘i-Armagedoni.’—IsAmbulo 16:14, 16.

Emhlabeni wonke abantu abathanda okulungile bakubheke ngabomvu ukuphela kwalesi simiso sezinto esibi. Nazi izibonelo zezibusiso ezimbalwa abayozijabulela ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu.

UNKULUNKULU UYOKWENZA OKWENGEZIWE!

“Isixuku esikhulu” siyongena ezweni elisha elinokuthula: IZwi likaNkulunkulu lithi “isixuku esikhulu” esingenakubalwa sabantu ‘siyophuma osizini olukhulu’ singene siphila ezweni elisha lokulunga. (IsAmbulo 7:9, 10, 14; 2 Petru 3:13) Siyobonga uJesu Kristu ngokusindiswa kwaso, “iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe.”—Johane 1:29.

Ukufunda ngoNkulunkulu kuyoletha izinzuzo ezinkulu: Ezweni elisha, “umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova.” (Isaya 11:9) Le mfundo kaNkulunkulu iyohlanganisa iziqondiso zendlela okufanele kuphilwe ngayo ngokuthula nabo bonke abantu futhi kungonakaliswa imvelo. UNkulunkulu uyathembisa: “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo.”—Isaya 48:17.

Abathandekayo bethu abafileyo bayovuswa emathuneni: Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wavusa umngane wakhe uLazaru ekufeni. (Johane 11:1, 5, 38-44) Ngaleyo ndlela, ebonisa lokho azokwenza ngezinga elikhulu lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu.—Johane 5:28, 29.

Ukuthula nokulunga kuyohlala phakade: Lapho sekubusa uKristu, ukungabi namthetho kuyoba into yesikhathi esedlule. Sikwazi kanjani lokho? Phela uJesu uyakwazi ukufunda izinhliziyo, futhi uyosebenzisa lelo khono ukwahlulela abalungile nabangalungile. Labo abenqaba ukushintsha izindlela zabo ezimbi ngeke bavunyelwe ukuba baphile ezweni elisha likaNkulunkulu.—IHubo 37:9, 10; Isaya 11:3, 4; 65:20; Mathewu 9:4.

Simane sakha phezulu eziprofethweni eziningi zeBhayibheli ezibonisa izikhathi ezinhle ezizayo. Lapho uMbuso kaNkulunkulu usubusa emhlabeni, ‘kuyochichima ukuthula’ kuze kube phakade. (IHubo 37:11, 29) Zonke izimbangela zobuhlungu nokuhlupheka eziye zahlupha abantu ziyobe zingasekho. Singaqiniseka ngalokhu ngoba uNkulunkulu uyathembisa: “Bheka! Ngenza konke kube kusha. . . . La mazwi athembekile ayiqiniso.”—IsAmbulo 21:5.