Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Kungenzeka kanjani ukuba umshado ujabulise?

Iseluleko seBhayibheli sokwakha umshado ojabulisayo siyasebenza ngoba sivela kuMsunguli womshado, uJehova uNkulunkulu. Sisifundisa ukuba sibe nezimfanelo ezingenza umshado ujabulise futhi sisixwayisa ngezinto ezingawonakalisa. Sisifundisa namakhono amahle okukhuluma anezela enjabulweni yomshado.—Funda abaseKolose 3:8-10, 12-14.

Amadoda nabafazi kufanele bahloniphane. Uma bobabili bezamukela izindima abazibekelwe uNkulunkulu emshadweni, bangaba nenjabulo.Funda abaseKolose 3:18, 19.

Yini eyenza umshado uhlale njalo?

Abantu abashadile bangakwazi ukuhlala ndawonye uma bethandana. UNkulunkulu usifundisa indlela yokubonisa uthando. Yena neNdodana yakhe, uJesu, bayizibonelo eziphelele zothando lokuzidela.—Funda eyoku-1 Johane 4:7, 8, 19.

Lapho amadoda nabafazi behlonipha umshado njengoyilungiselelo likaNkulunkulu, bayohlala ndawonye. UNkulunkulu wasungula umshado ukuba ube isibopho esihlala njalo phakathi kwendoda nomfazi ukuze imikhaya ibe indawo elondekile. Umshado ungahlala njalo ngoba uNkulunkulu wadala indoda nomfazi ngendlela yokuba bakwazi ukuphelelisana ngokwenyama nangokomzwelo. Wabenza nangomfanekiso wakhe benekhono lokulingisa uthando lwakhe.—Funda uGenesise 1:27; 2:18, 24.