Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE

Ukufundisa Izingane Ukuthobeka

Ukufundisa Izingane Ukuthobeka

INSELELE

  • Indodana yakho eneminyaka engu​-10 inenkinga yokuqhosha.

  • Ifuna wonke umuntu ayiphathe njengomuntu obalulekile.

Uyazibuza, ‘Ungenwe yini lo mntwana? Ngiyathanda azethembe, kodwa angifuni acabange ukuthi ungcono kunabanye abantu!’

Ungakwazi yini ukufundisa ingane yakho ukuthobeka ngaphandle kokuyenza izenyeze?

OKUFANELE UKWAZI

Emashumi eminyaka yamuva, abazali baye bakhuthazwa ukuba banike izingane zabo lokho ezikufunayo, bazincome ngisho noma kungekho okutheni ezikwenzile futhi bangazijezisi. Kwakucatshangwa ukuthi ukwenza izingane zizizwe zibalulekile kwakuzozenza zikhule zizethemba. Kodwa ibe yini imiphumela? Incwadi ethi Generation Me ithi, “Esikhundleni sokwenza izingane zikhule kahle futhi zijabule, ukuzitotosa ngaleyo ndlela kwenze izingane zazazisa nakakhulu.”

Izingane eziningi ezinconywa ngaphandle kwesizathu zikhula zingakulungele ukubhekana nokudumazeka, ukugxekwa nokuhluleka ezintweni ezithile. Ngenxa yokuthi zifundiswa ukuba zigxile ezintweni ezifunwa yizo, kuba nzima ukwakha ubudlelwane nabanye lapho sezikhulile. Ngenxa yalokho, iningi lazo liyakhathazeka futhi licindezeleke.

Izingane zifunda ukuzethemba hhayi ngoba zitshelwa njalo ukuthi zibalulekile, kodwa ngenxa yezinto ezikwazile ukuzifeza. Lokho kudinga okungaphezu nje kokuzethemba. Kudingeka zifunde, ziprakthize, zilole namakhono azo ngokucophelela. (IzAga 22:29) Kudingeka zicabangele nabanye. (1 Korinte 10:24) Konke lokhu kudinga ukuthobeka.

ONGAKWENZA

Yincome ngoba kufanele ngempela. Uma indodakazi yakho yenze kahle esikoleni, income. Uma ingenzanga kahle, ungamgxeki uthisha. Lokho ngeke kuyifundise ukuthobeka. Kungani ungayisizi yenze kangcono ngokuzayo? Yincome kuphela lapho ifeze okuthile.

Lapho ingane yakho idinga ukulungiswa, yilungise. Lokho akusho ukuthi kufanele uyigxeke njalo lapho yenze iphutha. (Kolose 3:21) Nokho, amaphutha amakhulu kumelwe alungiswe. Kanjalo nalapho iziphatha ngendlela engathandeki. Uma iyekwa, ingakhula nayo leyo mikhuba.

Ngokwesibonelo, ake sithi indodana yakho ivame ukuqhosha. Uma iyekwa, ingakhula ingumuntu ozazisayo futhi ingabi nabangane. Ngakho yichazele ingane yakho ukuthi ukuqhosha kuyenza ingathandeki futhi kungayenza iphoxeke. (IzAga 27:2) Yichazele nokuthi umuntu ozethembayo akadingi ukulokhu etshela abanye ngezinto akwazi ukuzenza. Uma uyilungisa ngothando, ungayifundisa ukuthobeka ngaphandle kokuyilimaza.—Okushiwo iBhayibheli: Mathewu 23:12.

Yifundise isencane ukuthi ukuphila akulula ngaso sonke isikhathi. Ukunika ingane yakho yonke into eyifunayo kungayenza ingasiboni isizathu sokuyisebenzela. Ngokwesibonelo, uma ingane yakho ifuna into ongenayo imali yokuyithenga, yichazele ngokubaluleka kokungasebenzisi imali engaphezu kwaleyo obuyihlelile. Uma kudingeka ukhansele iholidi ebenilihlelile ungayichazela ukuthi izimo ezinjalo ziyenzeka, mhlawumbe uyixoxele nokuthi wena ubhekana kanjani nezimo ezinjalo. Kunokuzama ukuvikela izingane zakho ezinkingeni zokuphila, ziqeqeshe ukuba zikwazi ukubhekana nazo.—Okushiwo iBhayibheli: IzAga 29:21.

Yifundise ukupha. Bonisa ingane yakho ukuthi “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Kanjani? Yenza nayo uhlu lwabantu eningabasiza ngokubayela ezitolo, ukubahambisa ngemoto noma ukubalungisela okuthile. Yibe usuhamba nayo lapho nenza ezinye zalezi zinto. Mayibone ukuthi kukujabulisa kangakanani ukwenzela abanye izinto. Indlela ezedlula zonke yokufundisa ingane yakho ukuthobeka, ukuba wena ube isibonelo.​—Okushiwo iBhayibheli: Luka 6:38.