Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 2

Ukuthobeka

Ukuthobeka

KUYINI UKUTHOBEKA?

Abantu abathobekile banenhlonipho. Abaziphakamisi futhi abalindele ukuphathwa ngendlela ekhethekile. Kunalokho, umuntu othobekile uyazihlupha ngabanye futhi uzimisele ukufunda kwabanye.

Abanye abantu bacabanga ukuthi ukuthobeka kubonisa ubuthaka. Empeleni, ukuthobeka kwenza abantu bakwazi ukubona amaphutha abo futhi bavume lapho benamandla alinganiselwe.

KUNGANI KUBALULEKILE?

  • Kuthuthukisa ubudlelwane nabanye. Incwadi ethi The Narcissism Epidemic ithi: “Abantu abathobekile bakha ubungane kalula.” Ibonisa nokuthi abantu abathobekile bakuthola kulula “ukuxoxa nokuphilisana nabanye.”

  • Kuzoyizuzisa ingane yakho lapho isikhulile. Ukuthobeka kuzoyisiza ingane yakho manje nalapho isikhulile, njengalapho isifuna umsebenzi. UDkt. Leonard Sax uthi: “Umuntu osemusha ozibona engcono nongakuqapheli ukulinganiselwa kwamakhono akhe, angase adlulisele isithombe esingesihle lapho efuna umsebenzi. Kodwa osemusha ozikhathaza ngezidingo zomqashi, usemathubeni angcono okuthola umsebenzi.” *

INDLELA YOKUFUNDISA INGANE YAKHO UKUTHOBEKA

Fundisa ingane yakho ukuthi kunezinto engeke ikwazi ukuzenza.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Uma umuntu ecabanga ukuthi uwutho abe engelutho, ukhohlisa eyakhe ingqondo.”​—Galathiya 6:3.

  • Gwema izinkulumo ezivame ukushiwo, kodwa ezikhohlisayo. Izinkulumo ezinjengethi “Wonke amaphupho akho azofezeka” nethi “Ungaba yinoma yini oyifunayo,” zingazwakala zikhuthaza kodwa azilona iqiniso ekuphileni okuvamile. Izingane zakho zingaphumelela kangcono uma zizibekela imigomo efinyelelekayo, futhi zizimisela ekuyifezeni leyo migomo.

  • Cacisa ukuthi yini oyincomayo. Ukumane uthi enganeni “Ave uyingane enhle,” ngeke kuyenze ithobeke. Cacisa ukuthi yinhle uma kwenzenjani.

  • Bekela ingane yakho imingcele ekusebenziseni ezobuchwepheshe. Izikhathi eziningi izindlela zokuxhumana ezisheshayo zisetshenziselwa ukuzigabisa. Abantu bayathanda ukukhuluma ngabo nokufaka izinto abazifezile, okuyinto ephambene kakhulu nokuthobeka.

  • Khuthaza ingane yakho ukuba isheshe ukuxolisa. Siza ingane yakho ikwazi ukusheshe ilibone iphutha layo, bese ixolisa.

Fundisa ingane yakho ukubonga.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ziboniseni ningababongayo.”​—Kolose 3:15.

  • Ukubonisa ukubonga ngendalo. Izingane kufanele zibonise ukubonga ngendalo, futhi ziqonde ukuthi sincike kangakanani kuyo ukuze siqhubeke siphila. Sidinga umoya ukuze siphefumule, amanzi okuphuza kanye nokudla. Sebenzisa lezi zibonelo ukuze ugxilise ukubaluleka kwendalo, ubuhle nobukhulu boMdali.

  • Ukubonisa ukubonga ngabantu. Khumbuza ingane yakho ukuba ibheke bonke abantu njengabangcono kunayo, nokuba ifunde emakhonweni abanye abantu kunokuba ibe nomona ngabo.

  • Izenzo zokubonga. Fundisa ingane yakho ukubonga, hhayi nje ngamazwi kuphela kodwa ngezenzo ezisuka enhliziyweni. Ukubonisa ukubonga kuyasisiza ukuba sihlale sithobekile.

Fundisa ingane yakho ukubaluleka kokusiza abanye.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ngokuthobeka kwengqondo nibheka abanye njengabakhulu kunani, ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.”​—Filipi 2:3, 4.

  • Nikeza ingane yakho imisebenzi yasekhaya. Uma ungayinikezi ingane yakho imisebenzi engasiza ngayo ekhaya, ingase icabange ukuthi ukwenza izinto zayo kubaluleke kakhulu kunokusiza ekhaya. Imisebenzi yasekhaya kufanele ize kuqala, ukudlala kuze kamuva. Yibonise ukuthi ukusiza emisebenzini yasekhaya kubazuzisa kanjani abanye, nokuthi bazoyihlonipha ngokusiza.

  • Gcizelela izinzuzo zokusiza abanye. Ukusiza abanye kuzoyisiza ingane yakho ibe umuntu ovuthiwe. Ngakho yisize ikwazi ukubona lapho othile edinga usizo. Xoxa nayo ngezindlela engasiza ngazo. Yincome futhi uyisize lapho yenzela abanye okuthile.

^ isig. 8 Kucashunwe encwadini ethi The Collapse of Parenting.