Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | ISIPHO SIKANKULUNKULU ESIYINGQAYIZIVELE INGABE UZOSAMUKELA?

Isipho SikaNkulunkulu Esiyingqayizivele—Kungani Siyigugu Kangaka?

Isipho SikaNkulunkulu Esiyingqayizivele—Kungani Siyigugu Kangaka?

Yini eyenza isipho sibaluleke kakhulu kuwe? Mhlawumbe yilokhu okulandelayo, ukuthi: (1) sivela kubani, (2) kungani sinikezwe mina, (3) yini okuye kwadingeka umuphi ayidele ukuze angiphe lesi sipho nokuthi (4) mhlawumbe leso sipho besinesidingo esikhulu. Ukucabangisisa ngalokhu kungasenza sikwazi ukujulisa indlela esisazisa ngayo isihlengo—isipho sikaNkulunkulu esiyingqayizivele.

SIVELA KUBANI?

Ezinye izipho ziba yigugu ngenxa yokuthi zisuke zivela kothile osegunyeni noma esimhlonipha kakhulu. Nakuba ezinye izipho zingase zibonakale zingabizi kakhulu kodwa zaziswa kakhulu ngenxa yokuthi zisuke zivela elungwini lomndeni noma kumngane othembekile. Lokhu kuyafana nendaba yesipho esasivela kuRussell siya kuJordan, okukhulunywe ngabo esihlokweni esidlule. Kusebenza kanjani-ke lokhu ngokuqondene nesipho sesihlengo?

Okokuqala, iBhayibheli lithi “uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa ezweni ukuze sizuze ukuphila ngayo.” (1 Johane 4:9) Leli qiniso lenza lesi sipho sibe yigugu ngempela. Akekho osegunyeni elidlula elikaNkulunkulu. Ebhekisela kuNkulunkulu, umhubi ongumHebheru wabhala: “Wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” (IHubo 83:18) Alikho elinye igunya eliphakeme ebesingasithola kulo lesi sipho.

Okwesibili, uNkulunkulu “unguBaba wethu.” (Isaya 63:16) Ngayiphi indlela? Wasinika ukuphila. Ngaphezu kwalokho, njengobaba ozimisele onakekela izingane zakhe, usinakekela ngokujulile. UNkulunkulu wakhuluma ngabantu bakhe basendulo ebhekisela kubo njengo-Efrayimi, wabuza: “Ingabe u-Efrayimi uyindodana eyigugu kimi, noma ungumntwana ophathwa ngothando? . . . Amathumbu ami eye ahlokoma ngenxa yakhe. Nakanjani ngiyomhawukela.” (Jeremiya 31:20) UNkulunkulu usazizwa ngendlela efanayo ngezikhonzi zakhe. Akagcini nje ngokuba uMdali umninimandla onke kodwa uphinde abe nguBaba wethu noMngane oqotho. Ingabe lokhu akumenzi ukuba abe ngumuphi wesipho esiyigugu kakhulu?

KUNGANI SANIKEZWA?

Ezinye izipho ziba yigugu ngenxa yokuthi umuphi uzikhipha ngokusuka enhliziyweni, ngenxa yothando, hhayi ngoba ebophekile. Umuphi opha ngobuqotho akalindeli ukuba lowo amuphayo ambuyisele okuthile.

UNkulunkulu wanikela ngeNdodana yakhe ngenxa yethu ngoba esithanda. IBhayibheli lithi, “Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwaboniswa kithi, ngoba uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa.” Ekwenzelani lokhu? “Ukuze sizuze ukuphila ngayo.” (1 Johane 4:9) Ingabe uNkulunkulu wayebophekile ukuba enze lokhu? Lutho neze! ‘Isihlengo esakhokhwa uKristu Jesu’ siyindlela kaNkulunkulu yokusibonisa ‘umusa ongafanelwe’.Roma 3:24.

Kungani isipho esivela kuNkulunkulu siyisenzo ‘somusa ongafanelwe’? IBhayibheli liyachaza: “UNkulunkulu utusa uthando lwakhe siqu kithi ngoba, ngesikhathi siseyizoni, uKristu wasifela.” (Roma 5:8) Uthando oluqotho lwenza uNkulunkulu ukuba asize abantu ababuthakathaka, abangavikelekile nabanesono. Asilufanelekeli futhi asisoze sakwazi ukumkhokhela ngalo. Asikho esinye isipho esake saba khona emlandweni esiwukubonakaliswa kothando njengalesi!

YIKUPHI UKUZIDELA OKWENZIWA?

Ezinye izipho ziba yigugu kakhulu ngoba zibonisa ukuzidela okusuke kwenziwe ngumuphi. Lapho othile ezimisele ukuhlukana nento ebaluleke kakhulu kuye, asiphe yona, sivame ukuyazisa kakhulu ngenxa yokuthi uzidelile.

UNkulunkulu “wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa.” (Johane 3:16) Akekho omunye amthanda kakhulu ayenganikela ngaye. Eminyakeni eminingi ngaphambili ngesikhathi uNkulunkulu edala amazulu nomhlaba, uJesu wayesebenza eceleni kwakhe futhi uNkulunkulu ‘emthanda ngokukhethekile.’ (IzAga 8:30) UJesu ‘uyiNdodana ethandekayo’ kaNkulunkulu futhi ‘ungumfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali.’ (Kolose 1:13-15) Azikho izidalwa ezimbili ezihlakaniphile ezake zasondelana ngale ndlela.

Nokho, uNkulunkulu ‘akazange agodle ngisho neNdodana yakhe siqu.’ (Roma 8:32) UJehova wanikela ngesipho esingcono kakhulu ngenxa yethu. Asikho isipho esingadlula lesi!

SANELISA ISIDINGO ESIKHULU

Ezinye izipho ziba yigugu kakhulu ngoba zanelisa isidingo esikhulu, ngisho nesiphuthuma kakhulu. Ngokwesibonelo, ungabonisa ukumazisa okukhulu lowo ovele wakhetha ukukukhokhela zonke izindleko zokwelashwa obungeke ukwazi ukuzikhokhela, ezisindisa ukuphila kwakho! Leso sipho singabaluleka ngendlela engachazeki, akunjalo?

“Njengoba nje bonke befa ku-Adamu, kanjalo nakuKristu bonke bayokwenziwa baphile.” (1 Korinte 15:22) Njengoba siyinzalo ka-Adamu, sonke ‘siyafa,’ asikwazi ukubalekela izinhlungu zokugula nezokufa noma sibuyisane noNkulunkulu sibe nanonembeza omsulwa phambi kwakhe. Asikwazi ‘ukuziphilisa’ noma ukwenza abanye “baphile” ngenxa yokuthi singabantu abaphansi. IBhayibheli lithi: “Akukho namunye kubo ongahlenga ngisho nomfowabo nganoma iyiphi indlela, noma anike uNkulunkulu isihlengo sakhe.” (IHubo 49:7, 8) Siludinga kakhulu usizo ngoba asisoze sakwazi ukukhokha inani lesihlengo. Ngaphandle kwesihlengo, kungaphela ngathi.

UJehova wakhokhela “ukwelashwa” esikudingayo ngenxa yothando lwakhe olumangalisayo, ukuze ngoJesu ‘sonke senziwe ukuba siphile.’ Isihlengo siyifeza kanjani le ndima? “Igazi likaJesu iNdodana yakhe lisihlanza kuso sonke isono.” Ngempela, ukubonisa ukholo egazini likaJesu elachitheka, kusivulela ithuba lokuthethelelwa kwezono zethu futhi sithole ukuphila okuphakade. (1 Johane 1:7; 5:13) Yini enye eyofezwa yisihlengo ngokuphathelene nabathandekayo bethu abafileyo? “Njengoba ukufa kweza ngomuntu, novuko lwabafileyo luza ngomuntu [uJesu].”—1 Korinte 15:21. *

Isihlengo sikaJesu siyisipho esivelele kakhulu esivela kuJehova nesishukunyiswa uthando lwakhe ngathi. NguJehova kuphela oye walahlekelwa okuningi ukuze kuzuze thina. NguJehova uNkulunkulu kuphela owake wazidela kangaka ukuze kuzuze thina. Asikho futhi isipho esanelisa isidingo esikhulu kunazo zonke, isidingo sokukhululwa esonweni nasekufeni. Impela, asisoze saba khona isipho esingafinyelela inani eliphezulu kakhulu, inani lesihlengo.

 

^ isig. 19 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuphathelene nenjongo kaNkulunkulu yokuvusa abafileyo, bheka isahluko 7 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Enyatheliswa oFakazi BakaJehova engosini ethi www.pr418.com/zu.