Dlulela kokuphakathi

Bazinikela Ngokuzithandela—E-Albania NaseKosovo

Bazinikela Ngokuzithandela—E-Albania NaseKosovo

 “Ngangingakaze ngicabange ukuthi ngingamsebenzela kangaka uJehova.” UGwen waseNgilandi uyichaza kanjalo indlela azizwa ngayo ngokukhonza lapho kunesidingo esikhulu sabantu abazoshumayela e-Albania. a

 UGwen uphakathi koFakazi abaningi abathuthela e-Albania ukuze basize kuqoqwe “izinto eziyigugu zazo zonke izizwe.” (Hagayi 2:7) Bakhuthazwa yini laba bashumayeli bevangeli? Iluphi ushintsho abalwenza ukuze bathuthe? Yini eyabasiza bajabula naphezu kwezinselele?

Izimo Ezihlukahlukene, Isifiso Esisodwa

 Bonke abamemezeli abasiza e-Albania, babesiza ngoba bethanda uJehova, befisa nokusiza abanye bamazi.

 Ngaphambi kokuthutha, bandisa inkonzo yabo. Lokho kwabasiza ezinkingeni ababezobhekana nazo lapho sebekhonza kwelinye izwe. UGwen uthi: “Ngaqale ngajoyina iqembu elikhuluma isi-Albania ngakithi. Ngabe sengiya emhlanganweni wesifunda wase-Albania. Kamuva, ngabuyela e-Albania isikhashana ukuze ngilufunde kahle ulimi lwakhona.”

UGwen

 Lapho ena-23, uManuela wathuthela kwenye indawo ezweni lakhe e-Italy, ukuze asize ibandla elincane. Uthi: “Ngakhonza iminyaka emine kulelo bandla. Ngathola ukuthi mningi umsebenzi okudingeka wenziwe e-Albania. Ngahlela ukuyophayona khona izinyanga ezimbalwa.”

UManuela (Phakathi nendawo)

 UFederica wayeneminyaka engu-7 kuphela ngesikhathi ezwa kukhulunywa nge-Albania emhlanganweni wesifunda. Uthi: “Umzalwane owayethula lowo mbiko wathi e-Albania abamemezeli baqala izifundo eziningi zeBhayibheli futhi abantu abathanda ukufunda bayeza emihlanganweni. Ngatshela abazali bami ukuthi ngifuna ukuya e-Albania. Kwabamangaza lokho, kodwa ubaba wathi, ‘Thandaza ngale ndaba, uma kuyintando kaJehova uzokulalela.’ Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, umndeni wakithi wathola isimemo sokuyokhonza e-Albania!” Sekudlule iminyaka eminingi belapho futhi uFederica useshade no-Orges. Bobabili bayizikhonzi zesikhathi esigcwele e-Albania.

U-Orges noFederica

 Ngesikhathi uGianpiero ethatha umhlalaphansi, yena nomkakhe uGloria bathuthela e-Albania. Uthi: “Abafana bethu sabakhulisela e-Italy. Abathathu kubo bathuthela ezweni elinesidingo esikhulu sabashumayeli. Izinhliziyo zethu zathintwa isihloko se-Nqabayokulinda esasithi ‘Ungawelela Yini EMakedoniya?’ Sahlala phansi sacabanga ukuthi singayisebenzisa kanjani imali yami yempesheni ukuze sikhonze e-Albania.”

UGianpiero noGloria

Bahlela Ngokucophelela

 Labo abakhonza lapho kunesidingo esikhulu sabashumayeli kudingeka bahlele ngokucophelela kusengaphambili, benze noshintsho oluzobenza bakwazi ukuthuthela lapho. (Luka 14:28) Phakathi kwezinto okudingeka bazenze, kudingeka bathole izindlela abangaziphilisa ngazo. UGwen okukhulunywe ngaye ekuqaleni, lapho eseseNgilandi, wathutha wayohlala nodadewabo ukuze onge imali. USophia noChristopher, nabo abaseNgilandi, bayakhumbula: “Kwadingeka sidayise imoto yethu nenye ifenisha. Sasinethemba lokuhlala e-Albania okungenani unyaka owodwa.” Okujabulisayo ukuthi bakwazi ukuhlala isikhathi eside kunalokho.

UChristopher noSophia

 Abanye abamemezeli bahlala e-Albania izinyanga ezimbalwa, babuyele emazweni akubo, basebenze baqongelele imali bese bephindela e-Albania. Yilokho okwenziwa u-Eliseo noMiriam. U-Eliseo uthi: “UMiriam uvela endaweni evakashelwa kakhulu e-Italy, lapho kulula kakhulu khona ukuthola amatoho ngezikhathi ezithile. Sasiya lapho sisebenze izinyanga ezintathu bese sisebenzisa leyo mali esiyiqongelele lapho ukuze siyohlala e-Albania izinyanga ezingu-9 ezisele. Senza kanjalo iminyaka emihlanu.”

UMiriam no-Eliseo

Ukunqoba Izinselele

 Lapho befika, labo abashumayela endaweni enesidingo kumelwe bazivumelanise nezimo zaleyo ndawo. Kodwa izeluleko nezibonelo zoFakazi bendawo ziyabasiza ukuba banqobe izinselele ababhekana nazo. USophia okukhulunywe ngaye uthi: “Ebusika, e-Albania kubanda kakhulu endlini kunalokho engikujwayele ekhaya. Ngafunda ukugqoka ngendlela ehlukile ngokubheka indlela odadewethu bendawo abagqoka ngayo.” UGrzegorz nomkakhe uSona basuka ePoland bayosiza edolobheni elihle lasePrizren, eKosovo. b UGrzegorz uthi: “Abamemezeli bendawo bathobekile, banomusa futhi banesineke! Bayasisiza ngokufunda ulimi nangokunye okuningi. Ngokwesibonelo, basikhombisa izitolo ezishibhile, basichazela nendlela okufanele sithenge ngayo izinto emakethe yendawo.”

Izizathu Eziningi Zokujabula

 Labo abathuthela kwamanye amazwe bayazuza ngokusondelana kakhulu noFakazi bendawo nokufunda isizinda sabo. USonia uthi: “Ngiye ngabona ukuthi uma umuntu ethanda uJehova angafeza lukhulu. Abafowethu bayaluqinisa ukholo lwami lapho ngibona indlela abashintshe ngayo ukuphila kwabo nalokho abakukholelwayo lapho befunda ngoJehova. Sizizwa sidingeka futhi siyayibona indawo yethu ebandleni. Sikhonza nabafowethu nodadewethu asebebe abangane bethu.” (Marku 10:29, 30) UGloria uthi: “Kunodadewethu abaningi engibaziyo abaye bakhuthazelela ukuphikiswa ngonya amalungu omphakathi angabafuni oFakazi. Kungithinta inhliziyo ngempela ukubona indlela abamthanda ngayo uJehova.”

UGrzegorz noSona

 Labo abashumayela endaweni enesidingo bathola nethuba lokufunda izifundo eziwusizo ababengeke bazifunde uma besemakhaya. Ngokwesibonelo, bayabona ukuthi ukudela ukuphila okujwayele ukuze wenzele uJehova okwengeziwe kuletha injabulo. UStefano uyibeka ngale ndlela: “Ezweni lakithi, ngijwayele ukushumayela nge-intercom, ngenze izintshumayelo ezimfushane. Kodwa abantu base-Albania bathanda ukuxoxa isikhathi eside bebe beziphuzela ikhofi. Njengoba ngingumuntu onamahloni, ekuqaleni ngangiba namahloni, ngingabe ngisazi ukuthi ngithini. Ngokuhamba kwesikhathi, ngafunda ukuzama ukufunda okwengeziwe ngabantu futhi manje sengiyakujabulela ukuxoxa nabo. Sengikujabulela kakhulu ukushumayela.”

U-Alida noStefano

 ULeah nomyeni wakhe uWilliam bathuthela e-Albania besuka e-United States. Uthi: “Ukukhonza lapha kusivule ingqondo, kwathuthukisa nendlela esibheka ngayo izinto. Sifunde okuningi ngokungenisa izihambi, inhlonipho nangabangane! Sifunde izindlela ezintsha zokushumayela, indlela yokubonisana nabantu ngemiBhalo nokuveza indlela esizizwa ngayo.” UWilliam uthi: “Abantu abaningi abavakashela e-Albania bafike bathande ulwandle lwakhona oluhle. Mina ngithanda ukuqwala izintaba zalapha e-Albania. Kodwa ngabantu abenza ngiyithande ngempela le ndawo! Izindawo eziningi esishumayela kuzo kwakushunyayelwa kuzo phakathi nemikhankaso ekhethekile kuphela. Lapho siya kwezinye zalezo zindawo, ngezinye izikhathi sisebenza usuku lonke, sibe sixoxe nemindeni emibili nje.”

UWilliam noLeah

 Okubajabulisa kakhulu labo abashumayela lapho kunesidingo sabashumayelayo, ukubona abantu bezijabulela izindaba ezinhle. (1 Thesalonika 2:19, 20) ULaura owathuthela e-Albania esemusha, engakashadi usinikeza isibonelo: “Ngishumayele isikhashana eFier. Eminyakeni emibili nohhafu kuphela, kwaba nabantu abangu-120 abasha abafanelekela ukushumayeza abanye! Ngafunda nabangu-16 balaba!” Omunye udadewethu, uSandra, uyakhumbula: “Ngashumayeza owesifazane osebenza emakethe. Waba uFakazi wabe esebuyela endaweni azalelwa kuyo. Lapho sigcina ukuxoxa naye, wayeseqale izifundo zeBhayibheli ezingu-15!”

ULaura

USandra

UJehova Uyakubusisa Ukukhuthazela Kwabo

 Abanye abashumayela endaweni enesidingo abathuthela e-Albania eminyakeni eminingi edlule baselapho futhi basakujabulela kakhulu ukushumayela khona. Bayamangala ngezinye izikhathi lapho bebona ukuthi umsebenzi wabo uthela izithelo ngemva kwesikhathi eside batshala imbewu yeqiniso. (UmShumayeli 11:6) UChristopher, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Ngahlangana nendoda engaqala ukufunda nayo iBhayibheli lapho ngifika nje e-Albania. Ngathinteka kakhulu lapho ikhumbula yonke imininingwane yezingxoxo zeBhayibheli esasiba nazo. Manje yona nomkayo sebeyizikhonzi zikaJehova ezibhapathiziwe.” UFederica, okukhulunywe ngaye ekuqaleni uthi: “Kwelinye ibandla, omunye udadewethu weza kimi wangibuza ukuthi ngisamkhumbula yini. Wangitshela ukuthi ngamshumayeza eminyakeni engu-9 edlule. Ngemva kokuba sengithuthele kwelinye idolobha, waqala ukutadisha iBhayibheli, wathuthuka waze wabhapathizwa. Ngangihlale ngicabanga ukuthi iminyaka yethu yokuqala e-Albania ayizange ibe nezithelo. Ngangishaye phansi!”

 Abafowethu nodadewethu abathuthele e-Albania noma eKosovo bayajabula ngokubona indlela uJehova abusise ngayo imizamo yabo, nendlela abavuze ngayo ngokuzikhandla kwabo. Ngemva kweminyaka eminingi u-Eliseo ese-Albania, ukufingqa ngale ndlela lokho aye abhekana nakho: “Njengoba singabantu, sikhohliseka kalula ngokucabanga ukuthi singakwazi ukulondeka ekuphileni ngokuba nezinto izwe elithi zingasenza silondeke. Kodwa lokho kuwukuzikhohlisa. Ngakolunye uhlangothi, imithetho kaJehova isenza sibe nenjongo ekuphileni futhi silondeke. Ukukhonza lapho kunesidingo khona kuyangisiza ngikukhumbule lokho. Ngizizwa ngiwusizo futhi ngithandwa. Ngizungezwe abangane beqiniso abanemigomo efana neyami.” USandra uyavuma: “Lapho ngithuthela endaweni enesidingo esikhulu sabashumayeli, ngaba nomuzwa wokuthi uJehova wayenginike ithuba lokufeza isifiso okwase kunesikhathi eside nginaso—sokuba isithunywa sevangeli. Angikaze ngizisole ngokuthuthela e-Albania. Angikaze ngijabule kanje.”

a Ungafunda okwengeziwe ngomlando womsebenzi wethu e-Albania kwethi INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2010.

b IKosovo isenyakatho-mpumalanga ye-Albania. Kuleyo ndawo abantu abaningi bakhuluma ulimi lwesigodi lwase-Albania. OFakazi base-Albania, abasemazweni ambalwa aseYurophu nabase-United States bazinikela ukuze basize ekusakazeni izindaba ezinhle kubantu abahlala eKosovo abakhuluma ulimi lwesigodi lwase-Albania. Ngo-2020, bekunabamemezeli abangu-256 abasemabandleni angu-8, emaqenjini amathathu nasezindaweni ezimbili ezingakabi namaqembu.