Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yini Oyaziyo NgoFakazi BakaJehova?

Yini Oyaziyo NgoFakazi BakaJehova?

Uhlale usibona enkonzweni yethu yasobala. Kungenzeka ukuthi uye wafunda ngathi emibikweni yezindaba noma wezwa izinto ngathi kwabanye. Kodwa kungakanani ngempela okwaziyo ngoFakazi BakaJehova?

HLOLA ULWAZI LWAKHO

Phawula inkulumo ngayinye ngokuthi iqiniso noma amanga.

IQINISO AMANGA

  1. OFakazi BakaJehova bangamaKristu.

  2. OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala izinto ngezinsuku eziyisithupha zamahora angu-24.

  3. OFakazi BakaJehova abakholelwa kwabezokwelapha.

  4. OFakazi BakaJehova balamukela lonke iBhayibheli.

  5. OFakazi BakaJehova basebenzisa eyabo kuphela inguqulo yeBhayibheli.

  6. OFakazi BakaJehova balishintsha iBhayibheli labo ukuze livumelane nezinkolelo zabo.

  7. OFakazi BakaJehova bayakugwema ukuzihlanganisa nomphakathi.

  8. OFakazi BakaJehova bababukela phansi abantu abakwezinye izinkolo.

Ukuze uthole izimpendulo, bheka amakhasi alandelayo.

  1. 1 IQINISO. Siyazama ukulandela eduze izimfundiso nokuziphatha kukaJesu Kristu. (1 Petru 2:21) Nokho, ngezindlela eziningi, siyahluka kwamanye amaqembu ezinkolo abizwa ngamaKristu. Ngokwesibonelo, siye sathola ukuthi iBhayibheli lifundisa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu; akayona ingxenye kaZiqu-zintathu. (Marku 12:29) Asikholelwa ukuthi umphefumulo awufi noma ukuthi kunokuthile eBhayibhelini okufakazela ukuthi uNkulunkulu uhlupha abantu esihogweni phakade. Asikholelwa nokuthi labo abaholayo ebandleni kufanele babe neziqu ezibaphakamisayo phezu kwabanye.—UmShumayeli 9:5; Hezekeli 18:4; Mathewu 23:8-10.

  2. 2 AMANGA. Sikholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala yonke into. Kodwa asivumelani nabaningi abakholelwa ukuthi izinsuku eziyisithupha zokudala zazingezamahora angu-24. Kungani? Ngoba imibono eminingi yabanaleyo nkolelo iyangqubuzana nokuseBhayibhelini. Ngokwesibonelo, abanye bagomela ngokuthi izinsuku eziyisithupha zokudala kwakungezamahora angu-24. Kodwa igama elithi ‘usuku’ eBhayibhelini lingabhekisela esikhathini eside. (Genesise 2:4; IHubo 90:4) Kanti futhi, abanye abanale nkolelo bafundisa ukuthi umhlaba uneminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa nje kuphela ukhona. Nokho, iBhayibheli libonisa ukuthi umhlaba nendawo yonke kwaba khona kusasele isikhathi eside ngaphambi kwezinsuku eziyisithupha zokudala. 1Genesise 1:1.

  3. 3 AMANGA. Siyalwamukela usizo lwabezokwelapha. Empeleni abanye bethu bangodokotela, njengoba kwakunjalo ngomKristu wangekhulu lokuqala uLuka. (Kolose 4:14) Nokho, senqaba noma ikuphi ukwelashwa okungqubuzana nezimiso zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, asikwamukeli ukumpontshelwa igazi, ngoba iBhayibheli liyakwenqabela.—IzEnzo 15:20, 28, 29.

    Noma kunjalo, thina nemindeni yethu sizifunela ukwelashwa okungcono kakhulu. Eqinisweni, izindlela zokwelapha ngaphandle kwegazi ezaziklanyelwe ukusiza iziguli ezingoFakazi manje zingasetshenziswa yibo bonke abantu. Emazweni amaningi, noma yisiphi isiguli manje singakhetha ukugwema izingozi zokumpontshelwa igazi, njengezifo ezibangelwa igazi, ukuhlaselwa kwamasosha omzimba, namaphutha enziwa abezokwelapha.

  4. 4 IQINISO. Sikholelwa ukuthi iBhayibheli ‘liphefumulelwe uNkulunkulu futhi linenzuzo.’ (2 Thimothewu 3:16) Lokho kuhlanganisa iTestamente Elidala neLisha, njengoba evame ukubizwa kanjalo. Ngokuvamile, sibhekisela kulezi zingxenye zeBhayibheli njengemiBhalo yesiHebheru nemiBhalo yamaKristu yesiGreki. Ngale ndlela, sigwema ukunikeza umbono wokuthi ezinye izingxenye zeBhayibheli ziphelelwe isikhathi noma azisebenzi.

  5. 5 AMANGA. Sisebenzisa izinguqulo eziningi ekutadisheni kwethu iBhayibheli. Ngezilimi etholakala ngazo, siyazisa ngokukhethekile iNguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ngokusebenzisa kwayo igama likaNkulunkulu, ukunemba kwayo nokuthi icacile. Cabanga ngokusetshenziswa kwegama likaNkulunkulu, uJehova. Esethulweni senye inguqulo yeBhayibheli, kunohlu lwamagama abantu abangu-79 ababa nesandla ekuhunyushweni kwaleyo nguqulo. Nokho, leli Bhayibheli elifanayo liyalisusa igama lomlobi walo—uJehova uNkulunkulu! Ngokuphambene nalokho, iNguqulo Yezwe Elisha ibuyisela igama likaNkulunkulu ezindaweni eziyizinkulungwane elivela kuzo emiBhalweni yokuqala. 2

  6. 6 AMANGA. Lapho sithola ukuthi izinkolelo zethu azivumelani ngokuphelele neBhayibheli, siye salungisa indlela esiqonda ngayo. Esikhathini eside ngaphambi kokuba siqale ukuhumusha iNguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ngo-1950, sasebenzisa izinguqulo ezazikhona futhi savumelanisa izinkolelo zethu nesasikufunda.

  7. 7 AMANGA. Inkonzo yethu izuzisa abaningi emphakathini. Siye sasiza abantu abaningi ukuba banqobe ukulutheka okuyingozi, njengokusebenzisa kabi izidakamizwa notshwala. Amakilasi ethu emhlabeni wonke asiza izinkulungwane zabantu ukuba zikwazi ukufunda nokubhala. Siphinde sisize lapho kuvela khona izinhlekelele ngokunikeza usizo olungokoqobo koFakazi nakwabangebona. Sizama nokusekela ngokomzwelo nangokomoya labo abayizisulu, okuyinto abayidinga ngempela. 3

  8. 8 AMANGA. Silalela iseluleko seBhayibheli sokuhlonipha abanye—kungakhathaliseki ukuthi bakuyiphi inkolo. (1 Petru 2:17) Ngokwesibonelo, nakuba kwamanye amazwe kunamakhulu ezinkulungwane zoFakazi, asizami ukucindezela ezombusazwe, noma abezomthetho ukuba bacindezele noma bavimbele umsebenzi wamanye amaqembu ezinkolo. Asikhankaseli nokuba kukhishwe imithetho ephoqelela umphakathi ukuba wamukele izinkolelo zethu zokuziphatha nezingokwenkolo. Kunalokho, siyabamukela abanye ngezinga esingathanda basamukele ngalo.—Mathewu 7:12.

Lesi sihloko siqukethe ukwaziswa okuthathwe engosini yethu engokomthetho, i-jw.org/zu. Ukuze uthole okwengeziwe, bheka ngaphansi kwesithi MAYELANA NATHI > IMIBUZO EVAME UKUBUZWA.

^ 1. Ngenxa yalokho, ngokungafani nabanye abakholelwa ukuthi umhlaba wadalwa ngezinsuku eziyisithupha zamahora angu-24, asilwenqabi ucwaningo olungokwesayensi olubonisa ukuthi kungenzeka ukuthi sekunezigidigidi zeminyaka umhlaba ukhona.

^ 2. INguqulo Yezwe Elisha ihluke nangenye indlela: Isakazwa ngaphandle kwenkokhiso. Ngenxa yalokho, izigidi zabantu ziyakwazi ukufunda iBhayibheli ngolimi ezaluncela ebeleni. INguqulo Yezwe Elisha isitholakala ngezilimi ezingaba ngu-130. Ungakwazi nokuyifunda kuyi-Internet, engosini ethi www.pr418.com/zu.

^ 3. Enye indlela esisebenzisa ngayo iminikelo ukunikeza usizo kulabo abavelelwe izinhlekelele. (IzEnzo 11:27-30) Njengoba umsebenzi wenziwa izisebenzi zokuzithandela, imali siyisebenzisela ukunikeza usizo oludingekayo, hhayi ukukhokhela izisebenzi.