Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli Ngokumpontshelwa Igazi?

Lithini IBhayibheli Ngokumpontshelwa Igazi?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli lisiyala ukuba singalidli igazi. Ngakho, akufanele samukele igazi eliphelele noma izingxenye ezinkulu ezilakhayo, kungakhathaliseki ukuthi ngokuzidla noma ngokuzimpompela. Qaphela le miBhalo elandelayo:

  • Genesise 9:4. Ngemva kukaZamcolo, uNkulunkulu wavumela uNowa nomndeni wakhe ukuba bazidle nezilwane kodwa bangalidli igazi. UNkulunkulu watshela uNowa: “Kuphela inyama enomphefumulo wayo—igazi layo—akumelwe niyidle.” Lo myalo wasebenza kubo bonke abantu kusukela ngaleso sikhathi ngoba bonke bayinzalo kaNowa.

  • Levitikusi 17:14. “Akumelwe nidle igazi lanoma yiluphi uhlobo lwenyama, ngoba umphefumulo wayo yonke inhlobo yenyama yigazi layo. Noma ngubani olidlayo uyonqunywa.” UNkulunkulu wayebheka umphefumulo, noma ukuphila, njengosegazini futhi ongowakhe. Nakuba lo mthetho wanikezwa isizwe sakwa-Israyeli, ubonisa ukuthi uNkulunkulu wayewubheka njengobaluleke kangakanani umthetho owenqabela ukudliwa kwegazi.

  • IzEnzo 15:20. ‘Dedani egazini.’ UNkulunkulu wanikeza amaKristu umyalo ofanayo nalowo awunikeza uNowa. Umlando ubonisa ukuthi amaKristu okuqala ayekwenqaba ukudla igazi eliphelele ngisho noma kungenxa yezizathu zokwelapha.

Kungani uNkulunkulu esiyala ukuba sidede egazini?

Kunobufakazi bezempilo obubonisa ukuthi ukumpontshelwa igazi kuyingozi. Nokho, okubaluleke nakakhulu, uNkulunkulu usiyala ukuba sidede egazini ngoba lokho elikumelelayo kungcwele kuye.—Levitikusi 17:11; Kolose 1:20.