Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 2

Thembekani Komunye Nomunye

Thembekani Komunye Nomunye

“Lokho uNkulunkulu akuhlanganisile makungahlukaniswa muntu.”—Marku 10:9

UJehova ufuna “sithande umusa [sazise ukwethembeka].” (Mika 6:8) Lokhu kubaluleke ngokukhethekile emshadweni wakho, ngoba ngaphandle kokwethembeka akukho ukwethembana. Kanti ukwethembana kubalulekile ukuze uthando lukhule.

Namuhla, ukwethembeka emshadweni kuya kuphela. Ukuze uvikele umshado wakho, kumelwe uzimisele ukwenza izinto ezimbili.

1 YENZA UMSHADO WAKHO UZE KUQALA

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: ‘Qiniseka ngezinto ezibaluleke kakhulu.’ (Filipi 1:10) Umshado wakho uphakathi kwezinto ezibaluleke kakhulu ekuphileni kwakho. Kuyafaneleka ukuba uze kuqala.

UJehova ufuna ukuba unake umuntu oshade naye futhi ‘ujabulele ukuphila’ naye. (UmShumayeli 9:9) Ukwenza kucace ukuthi akufanele nanini ungamnaki, kodwa kunalokho nobabili kufanele nifune izindlela zokujabulisana. (1 Korinte 10:24) Yenza umyeni wakho noma umkakho azizwe ethandwa futhi ekhethekile.

ONGAKWENZA:

  • Qiniseka ukuthi njalo nichitha isikhathi nindawonye, leso sikhathi ungasixubi nezinye izinto.

  • Cabanga “ngani” kunokuba ucabange “ngawe”

2 QAPHA INHLIZIYO YAKHO

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.” (Mathewu 5:28) Uma umuntu eqhubeka ecabanga ngezinto ezonakele, ngomqondo othile usuke engathembeki kwashade naye.

UJehova uthi kufanele ‘uqaphe inhliziyo yakho.’ (IzAga 4:23; Jeremiya 17:9) Ukuze wenze kanjalo, kumelwe uqaphe amehlo akho. (Mathewu 5:29, 30) Landela isibonelo senzalamizi uJobe, owenza isivumelwano namehlo akhe sokuba angambuki omunye umuntu wesifazane ngokumkhanuka. (Jobe 31:1) Zimisele ukuba ungazibuki nanini izithombe zobulili ezingcolile. Zimisele nokugwema ukuthandana nomunye umuntu ongashadile naye.

ONGAKWENZA:

  • Kwenze kucace kwabanye ukuthi uzibophezele ngokuphelele kumuntu oshade naye

  • Cabangela imizwa yomngane wakho womshado, futhi ubuqede ngokushesha noma yibuphi ubudlelwano obungamenza angajabuli