Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 8

Lapho Kugadla Inhlekelele

Lapho Kugadla Inhlekelele

“Nijabula kakhulu . . . nakuba manje, uma kumelwe kube njalo, niye nenziwa lusizi yizilingo ezihlukahlukene okwesikhashana.”—1 Petru 1:6

Nakuba uzama okusemandleni akho ukuba ube nomshado nomndeni ojabulayo, kungase kwenzeke izinto ezingalindelekile ezingenza kube nzima ngawe ukulondoloza injabulo. (UmShumayeli 9:11) Ngothando, uNkulunkulu usinikeza usizo lapho sibhekene nobunzima. Uma usebenzisa lezi zimiso ezilandelayo eziseBhayibhelini, wena nomndeni wakho nizokwazi ukuchusha ngisho nasezimweni ezimbi kakhulu.

1 THEMBELANI KUJEHOVA

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: ‘Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.’ (1 Petru 5:7) Khumbulani njalo ukuthi akufanele nisole uNkulunkulu ngezilingo zenu. (Jakobe 1:13) Njengoba nisondela kuye, uzonisiza ngendlela engcono kakhulu. (Isaya 41:10) “Thululani inhliziyo yenu phambi kwakhe.”—IHubo 62:8.

Nizothola induduzo lapho nifunda futhi nitadisha iBhayibheli nsuku zonke. Uma nenza kanjalo, niyobona indlela uJehova ‘asiduduza ngayo osizini lwethu lonke.’ (2 Korinte 1:3, 4; Roma 15:4) Uthembisa ukuninika “ukuthula [kwakhe] okudlula konke ukucabanga.”—Filipi 4:6, 7, 13.

ENINGAKWENZA:

  • Thandazelani usizo lukaJehova ukuze nihlale nizolile futhi nicabange kahle

  • Hlolani zonke izimo zenu bese nikhetha indlela engcono eningazisingatha ngayo

2 ZINAKEKELE WENA NOMKHAYA WAKHO

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: “Inhliziyo yoqondayo izuza ulwazi, nendlebe yabahlakaniphile ifuna ukuthola ulwazi.” (IzAga 18:15) Thola wonke amaqiniso. Thola ukuthi ziyini izidingo zelungu ngalinye lomkhaya. Khuluma nawo. Walalele.—IzAga 20:5.

Kuthiwani uma othandekayo eshona? Ungesabi ukuveza imizwelo yakho. Khumbula ukuthi ngisho noJesu “wakhala izinyembezi.” (Johane 11:35; UmShumayeli 3:4) Ukuphumula nokulala ngokwanele nako kubalulekile. (UmShumayeli 4:6) Lokhu kuyokwenza kube lula ukubhekana nesimo esinzima.

ONGAKWENZA:

  • Ngaphambi kokuba kugadle inhlekelele, kwenze umkhuba ukukhuluma nomndeni wakho. Lapho kuphakama izinkinga, bayozizwa bekhululekile ukukhuluma nawe

  • Khuluma nabanye abaye babhekana nesimo esifanayo

3 THOLA USIZO OLUDINGAYO

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.” (IzAga 17:17) Abangane bakho bayafuna ukukusiza, kodwa bangase bangazi ukuthi benzeni. Ungabafihleli, batshele lokho okudinga ngempela. (IzAga 12:25) Cela nosizo olungokomoya kulabo abaliqondayo iBhayibheli. Isiqondiso abangakunika sona esivela eBhayibhelini sizokusiza.—Jakobe 5:14.

Uyothola ukusekelwa okudingayo lapho uhlangana njalo nabantu abanokholo lweqiniso kuNkulunkulu nabathemba izithembiso zakhe. Uyothola nenduduzo enkulu lapho usiza abanye abadinga isikhuthazo. Xoxa nabo ngokholo onalo kuJehova nasezithembisweni zakhe. Zigcine umatasa ngokusiza abantu abantulayo, futhi ungazihlukanisi nabantu abakuthandayo nabakukhathalelayo.—IzAga 18:1; 1 Korinte 15:58.

ONGAKWENZA:

  • Khuluma nomngane osondelene naye futhi umvumele akusize

  • Zisho ngobuqotho nangokucacile izidingo zakho