Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingxenye 5

Indlela Yokugcina Ukuthula Nezihlobo Zenu

Indlela Yokugcina Ukuthula Nezihlobo Zenu

“Gqokani . . . umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela.”—Kolose 3:12

Umshado wakha umndeni omusha. Nakuba niyohlale nibathanda futhi nibahlonipha abazali benu, manje oshade naye usengumuntu obaluleke kunabo bonke kuwe emhlabeni. Lokhu kungase kube nzima kwezinye zezihlobo zenu ukukwamukela. Kodwa izimiso zeBhayibheli zinganisiza nilinganisele ukuze nikwazi ukugcina ukuthula nezihlobo njengoba nisebenza kanzima nakha umndeni omusha.

1 LONDOLOZANI UMBONO OFANELE NGEZIHLOBO ZENU

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: “Hlonipha uyihlo nonyoko.” (Efesu 6:2) Kungakhathaliseki ukuthi usumdala kangakanani, kuyohlale kudingeka ukuba wazise futhi uhloniphe abazali bakho. Khumbula ukuthi noshade naye uyindodana noma indodakazi yothile, naye kuyadingeka anake abazali bakhe. “Uthando alunamhawu,” ngakho ungalokothi uzizwe usongelwa ubuhlobo oshade naye anabo nabazali bakhe.—1 Korinte 13:4; Galathiya 5:26.

ONGAKWENZA:

  • Gwema ukusho amazwi eqisayo anjengokuthi, “Abakini bahlale bengiphoxa” noma “Umama wakho akakaze akuthande engikwenzayo”

  • Zama ukubona izinto ngeso loshade naye

2 QINA UMA KUNESIDINGO

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: “Indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.” (Genesise 2:24) Lapho ushada, abazali bakho bangase babe nomuzwa wokuthi kusewumsebenzi wabo ukukunakekela, futhi bangase bafune ukungenela emshadweni wenu ngaphezu kwalokho okufanele.

Kukuwe noshade naye ukuba nivumelane ngemingcele enizobabekela yona bese nibazisa yona ngothando. Ungase usho konke ofisa ukukusho ngaphandle kokuba luhlaza. (IzAga 15:1) Ukuthobeka, ubumnene nesineke kuyonisiza nakhe ubuhlobo obuhle nezihlobo zenu futhi niqhubeke “nibekezelelana ngothando.”—Efesu 4:2.

ENINGAKWENZA:

  • Uma ukhathazeke ngezinga izihlobo ezingene ngalo ekuphileni kwenu, xoxa ngakho noshade naye lapho imimoya iphansi

  • Vumelanani ngendlela enizozisingatha ngayo lezi zindaba