Dlulela kokuphakathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

“Ngangizimbela Igodi”

“Ngangizimbela Igodi”
  • Unyaka Azalwa Ngawo: 1978

  • Izwe Azalelwa Kulo: E-El Salvador

  • Umlando: Ngangiyilungu Lezigebengu Elinesihluku

UKUPHILA KWAMI

 “Uma ufuna ngempela ukufunda ngoNkulunkulu, namathela koFakazi BakaJehova.” Kwangimangaza ukuzwa lawo mazwi. Ngase nginesikhashana ngitadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ukuze uqonde ukuthi kungani la mazwi angimangaza, ake ngichaze kancane ngokuphila kwami.

 Ngazalelwa e-El Salvador, edolobheni laseQuezaltepeque. Ngangingowesithupha ezinganeni ezingu-15. Abazali bami bazama ukugxilisa ukwethembeka nokuhlonipha umthetho kimi lapho ngikhula. Ngaphezu kwalokho uLeonardo nabanye oFakazi BakaJehova babeke bafike ekhaya bezotadisha nathi iBhayibheli. Kodwa ngangikushaya indiva konke lokho esasikufunda, futhi ngaqhubeka ngenza izinqumo ezingahlakaniphile. Lapho sengineminyaka engu-14, ngaqala ukuphuza nokusebenzisa izidakamizwa nabangane engangifunda nabo esikoleni. Basishiya isikole ngokulandelana bajoyina iqembu lezigebengu, nami ngabalandela. Ukuphila kwethu sasikuchitha emgwaqweni, sibamba inkunzi futhi sintshontsha ukuze sikwazi ukuthenga utshwala nezidakamizwa.

 Leli qembu lezigebengu laba umndeni wami. Ngangizimisele ukuthembeka kulo. Ngokwesibonelo, elinye ilungu leqembu lalikade lisebenzisa izidakamizwa, lase lihlasela umakhelwane wami. Umakhelwane wakwazi ukulinqoba wabe esebiza amaphoyisa. Ngamthukuthelela kakhulu, ngashaya imoto yakhe ngenduku enkulu ngifuna adedele umngane wami. Wangincenga ukuba ngiyeke, kodwa ngaqhubeka ngiphihliza imoto yakhe ngaqala ngamafasitela ngaze ngayilimaza yonke.

 Lapho sengineminyaka engu-18 iqembu engangikulo laxabana namaphoyisa. Angazi ukuthi kwenzeka kanjani, kodwa ngathi ngijikijela ibhomu lokuzenzela lavele laqhumela esandleni sami. Engikukhumbulayo ukuthi ngabona isandla sami siba yizicucu, ngabe sengiquleka. Lapho ngiphaphama esibhedlela ngathola ukuthi ohlangothini lwami olungakwesokudla ngangingasenaso isandla, ngingasezwa endlebeni futhi nehlo lami lalingasaboni kahle.

 Naphezu kwalokho, lapho ngiphuma esibhedlela ngabuyela eqenjini lami. Akuphelanga sikhathi, ngabanjwa amaphoyisa ngaboshwa. Ukuba sejele kwabuqinisa nakakhulu ubungane bami namalungu eqembu lami. Sasichitha lonke usuku ndawonye, kusukela ekuseni lapho sasibhema khona insangu, kuze kube yisikhathi sokulala.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI

 Ngesikhathi ngisejele uLeonardo wafika ezongibona. Njengoba sasixoxa wakhomba i-tattoo esengalweni yami yesokudla, wangibuza: “Uyazi ukuthi la machashaza amathathu akule tattoo asho ukuthini?” Ngamphendula ngathi: “Asho ucansi, izidakamizwa nomculo we-rock and roll. Kodwa uLeonardo wathi: “Mina ngithi asho isibhedlela, ijele nokufa. Usubuya esibhedlela, manje usejele. Uyazi-ke ukuthi yini ezolandela.”

 Kwangithusa lokho okwashiwo uLeonardo. Wayeqinisile. Ngangizimbela igodi ngendlela engangiphila ngayo. ULeonardo wangimema ukuba ngitadishe iBhayibheli naye, ngavuma. Engakufunda eBhayibhelini kwangenza ngafuna ukushintsha ukuphila kwami. Ngokwesibonelo, lithi “ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” (1 Korinte 15:33) Ngakho enye yezinto okwadingeka ngizenze kuqala, kwakuwukuthola abangane abasha. Ngakho ngayeka ukuya emihlanganweni yeqembu lezigebengu, ngaqala ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova eyayiba khona ejele. Kule mihlangano ngahlangana nesinye isiboshwa, u-Andrés, esasibhapathizwe ejele saba uFakazi KaJehova. Wangimema ukuba ngihlale naye lapho kudliwa ekuseni. Ngemva kwalokho angibange ngisaluqala usuku lwami ngokubhema insangu. Kunalokho, mina no-Andrés sasiqala usuku ngokuxoxa ngevesi leBhayibheli.

 Amalungu eqembu engangikulo asheshe aluphawula lolu shintsho. Ngakho omunye wabaholi balo wacela ukukhuluma nami. Ngangesaba. Ngangingazi ukuthi yini ayezoyenza lapho ngimtshela ngezinhloso zami, ngoba kwakuyinto engelula ukushiya iqembu lezigebengu. Wathi kimi: “Siyaqaphela ukuthi awusabi khona emihlanganweni yeqembu, kodwa usuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Ziyini izinhloso zakho?” Ngamtshela ukuthi ngangizimisele ukuqhubeka ngifunda iBhayibheli nokushintsha ukuphila kwami. Ngathuka lapho engitshela ukuthi iqembu lalizongihlonipha uma ngangingabonisa ukuthi ngizimisele ngempela ukuba uFakazi KaJehova. Wabe esethi: “Uma ufuna ngempela ukufunda ngoNkulunkulu, namathela koFakazi BakaJehova. Silindele ukukubona uyeka zonke izindlela ezimbi. Ngiyakubongela. Ukhethe indlela ekahle. OFakazi bangakwazi ngempela ukukusiza. Ngake ngatadisha nabo iBhayibheli ngisahlala e-United States, futhi amanye amalungu omndeni wami angoFakazi BakaJehova. Ungesabi. Qhubeka.” Ngangisashaywa uvalo, kodwa ngesikhathi esifanayo ngangijabula ngendlela engachazeki. Ngabonga uJehova uNkulunkulu ngenhliziyo. Ngangizizwa njengenyoni ebivalelekile kodwa esikhululiwe, futhi ngaqonda ukuthi asho ukuthi amazwi kaJesu athi: “Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.”—Johane 8:32.

 Nokho, abanye babangane engangiphila nabo ngaphambili babeke bangivivinye ngokunginika izidakamizwa. Uma ngikhuluma iqiniso, ngezinye izikhathi ngangihluleka ukumelana nesilingo. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, nangemithandazo eminingi esuka enhliziyweni ngagcina ngikwazile ukugqashula.—IHubo 51:10, 11.

 Ngemva kokukhululwa ejele abaningi babelindele ukuba ngibuyele ezindleleni zami zakudala, kodwa angizange. Kunalokho, ngabuyela izikhathi eziningana ejele ukuze ngixoxe nezinye iziboshwa ngezinto engangizifunde eBhayibhelini. Ekugcineni, abangane bami bangaphambili bagcina sebekholwa ukuthi ngangishintshe ngempela. Okudabukisayo ukuthi izitha zami zangaphambili zona zazingakholwa ukuthi ngase ngishintshile.

 Ngelinye ilanga mina nomzalwane engangishumayela naye sazithola sesizungezwe iqembu lezigebengu elaliyizitha zeqembu engangikade ngikulo, lalihlomile futhi lifuna ukungibulala. Umzalwane engangihamba naye wakhuluma naleli qembu ngesibindi kodwa ngenhlonipho, elichazela ukuthi ngangingaselona ilungu lezigebengu. Mina ngangilokhu ngizibambile. Ngemva kokungishaya nokungixwayisa ukuba ngingaphinde ngibonakale emngceleni walo, leli qembu lasidedela. IBhayibheli lase likushintshe ngempela ukuphila kwami. Esikhathini sangaphambili ngangiyozama ukuziphindiselela. Kodwa manje ngilalela lokho iBhayibheli elikushoyo kweyoku-1 Thesalonika 5:15: “Qaphelani ukuba kungabikho muntu ophindisela ukulinyazwa ngokulimaza kunoma ubani omunye, kodwa ngaso sonke isikhathi niphishekele okuhle komunye nomunye nakubo bonke abanye.”

 Selokhu ngaba nguFakazi KaJehova, ngizama ukuba indoda eqotho. Bekungelula ukwenza lolu shintsho. Kodwa ngosizo lukaJehova, iseluleko seBhayibheli nabangane abangisekelayo, ngikwazile ukukwenza. Angifisi ukubuyela ezindleleni zami zakudala.—2 Petru 2:22.

INDLELA ENGIZUZE NGAYO

 Ngangiyindoda enentukuthelo nethanda udlame. Angingabazi ukuthi ngabe sengafa ukube ngaqhubeka nezinto engangizenza. Engakufunda eBhayibhelini kwakushintsha ukuphila kwami. Ngakuyeka ukwenza izinto ezimbi. Ngifunde nokuba nokuthula nezitha zami zangaphambili. (Luka 6:27) Manje senginabangane abangisiza ukuba ngibe nobuntu obuthandekayo. (IzAga 13:20) Sengiyakujabulela ukuphila futhi sengiyazi ukuthi ngiphilelani. Ngikhonza uNkulunkulu obelokhu ekulungele ukuthethelela izenzo zami ezimbi.—Isaya 1:18.

 Ngo-2006 ngathola ukuqeqeshwa okukhethekile esikoleni sabashumayeli bevangeli abangashadile abangamaKristu. Ngemva kweminyaka embalwa ngashada nomkami engimthandayo, engikhulisa naye indodakazi yethu. Manje ngisebenzisa isikhathi sami esiningi ngifundisa abanye izimfundiso zeBhayibheli ezangisiza ngashintsha ukuphila kwami. Ngikhonza njengomdala ebandleni langakithi, futhi ngizama ukusiza abasebasha ukuba bagweme amaphutha engawenza ngisengangabo. Esikhundleni sokuzimbela igodi sengizakhela ikusasa laphakade uNkulunkulu asithembisa lona eBhayibhelini.