Dlulela kokuphakathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

“Nganginolaka”

“Nganginolaka”
  • Unyaka Azalwa Ngawo: 1975

  • Izwe Azalelwa Kulo: EMexico

  • Umlando: Ngangiyisigebengu esinolaka

UKUPHILA KWAMI

 Ngazalelwa eSan Juan Chancalaito, idolobha elincane laseChiapas, eMexico. Umndeni wami ungamaChol, okuyisizwe samaMaya. Ngingowesihlanu ezinganeni eziwu-12. Ngisemncane, mina nezingane zakithi safunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngokudabukisayo, njengoba ngikhula angizange ngikulandele lokho okwakushiwo iBhayibheli.

 Ngineminyaka engu-13 ngase ngintshontsha futhi ngisebenzisa izidakamizwa. Ngabaleka ekhaya, ngahamba ngihlala ezindaweni ezihlukahlukene. Lapho sengineminyaka engu-16 ngaqala ukusebenza emasimini ensangu. Ngemva kwesikhathi esingangonyaka ngisebenza lapho, sasithutha amasaka amaningi ensangu ebusuku ngesikebhe, sahlaselwa iqembu labashushumbisi bezidakamizwa elaliyizitha zethu lihlome liyizingovolo. Ngasinda ekudutshulweni ngokuthi ngigxumele emfuleni. Ngemva kwalokho ngabalekela e-United States.

 Sengilapho ngaqhubeka nokudayisa izidakamizwa futhi ngangena kwezinye izinkinga. Ngineminyaka engu-19 ngaboshelwa ukweba nokuzama ukubulala. Ejele ngajoyina iqembu elithile futhi ngaqhubeka nokulwa. Ngenxa yalokho, izikhulu zangidlulisela ejele laseLewisburg ePennsylvania, elaliqashwe ngeso lokhozi.

 Sengikulelo jele isimo sami saba sibi nakakhulu. Njengoba ngase nginama-tattoo eqembu engangikulo ejele elidala, kwaba lula ukujoyina iqembu elifanayo ejele engase ngikulo. Ngaba nolaka nakakhulu, ngihlale ngilwa njalo. Ngolunye usuku kwaba nempi egcekeni lasejele futhi nami ngangikuleyo mpi. Kwakuyimpi eshubile, sasilwa ngezinduku zokudlala i-baseball nangezinsimbi zokujima. Ukuze basilamule onogada basebenzisa i-tear gas. Ngemva kwalokho, izikhulu zejele zangidlulisela endaweni egcina eziboshwa eziyingozi. Nganginolaka futhi ngithuka inhlamba. Kwakulula nje ukuvele ngishaye abantu. Empeleni ngangikujabulela. Ngangingazisoli ngendlela engangiziphatha ngayo.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI

 Kuleyo ndawo yokugcina iziboshwa eziyingozi engangikuyo, isikhathi esiningi ngangihlale ngivalelwe, ngakho ngangichitha isizungu ngokufunda iBhayibheli. Ngokuhamba kwesikhathi, unogada othile wanginika incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. a Le ncwadi yangikhumbuza izinto eziningi engangizifunde noFakazi BakaJehova ngiseyingane. Ngemva kwalokho, ngabona indlela engase ngibishe ngayo kulo mkhuba wokuba nodlame. Ngakhumbula umndeni wami. Njengoba odadewethu ababili base bengoFakazi BakaJehova, ngacabanga: ‘Bazophila phakade.’ Ngakho ngazibuza, ‘Ngingahlulwa yini mina?’ Yilapho engaqala khona ukubona ukuthi kufanele ngishintshe.

 Noma kunjalo, ngangazi ukuthi ngangidinga usizo ukuze ngenze izinguquko. Ngathandaza kuJehova uNkulunkulu, ngamcela ukuba angisize. Ngabe sengibhalela igatsha loFakazi BakaJehova e-United States, ngacela ukufundelwa iBhayibheli. Igatsha lahlela ukuba ibandla eliseduze lixhumane nami. Ngaleso sikhathi ngangingavunyelwe ukuvakashelwa abantu abangezona izihlobo zami, ngakho uFakazi othile kulelo bandla wayengibhalela futhi engithumelela izincwadi zokufunda iBhayibheli ezangenza ngafisa nakakhulu ukushintsha.

 Ngathatha isinqumo esiwujuqu sokushiya iqembu engangikade ngikulo iminyaka eminingi. Njengoba sasigcinwe ndawonye nomholi walelo qembu, ngaya kuye ngamtshela ukuthi ngifuna ukuba omunye woFakazi BakaJehova. Ngamangala lapho ethi kimi, “Uma uqiniseka ngaleso sinqumo sakho, yenza kanjalo. Angikwazi ukuphikisana noNkulunkulu. Kodwa uma kuwukuthi umane nje ufuna ukuphuma eqenjini lethu, uyazi ukuthi yini ezokwenzeka kuwe.”

 Phakathi neminyaka emibili eyalandela, izisebenzi zasejele zabona ukuthi ngase ngishintshile. Ngenxa yalokho zazingicabangela. Ngokwesibonelo, onogada bayeka ukungibopha izandla uma bengiphelezela ngiyogeza. Omunye unogada weza kimi wangikhuthaza ukuba ngingayeki ukushintsha. Empeleni lapho sekusele unyaka ngiphume, izikhulu zangiyisa ejele elalingaqashwa kakhulu, elaliseduze nalapho engangiboshwe khona. Ngo-2004, ngemva kweminyaka eyishumi ngiboshiwe, ngadedelwa ngayiswa eMexico ngebhasi leziboshwa.

 Ngokushesha nje lapho ngifika eMexico, ngathola iHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. Lapho ngiqala ukuya emihlanganweni yoFakazi ngangigqoke izimpahla zami zasejele, okwakuwukuphela kwezingubo ezihloniphekile enganginazo. Noma kunjalo, oFakazi bangamukela ngemfudumalo. Lapho ngibona umusa wabo, ngezwa ukuthi ngiphakathi kwamaKristu eqiniso. (Johane 13:35) Kulowo mhlangano abadala bahlela ukuba ngifundelwe iBhayibheli. Ngemva konyaka, ngoSepthemba 3 2005, ngabhapathizwa ngaba uFakazi KaJehova.

 NgoJanuwari 2007 ngaba isikhonzi sesikhathi esigcwele, ngichitha amahora angu-70 njalo ngenyanga ngifundisa abantu ngeBhayibheli. Ngo-2011 ngathweswa iziqu eSikoleni SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadile (manje esesibizwa ngokuthi ISikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso). Lesi sikole sangisiza kakhulu ekwenzeni imisebenzi yami yasebandleni.

Manje ngijabulela ukufundisa abanye ukuba babe nokuthula

 Ngo-2013 ngashada nomkami engimthandayo uPilar. Uthi kunzima ukuba akholelwe izinto engithi ngangizenza kudala. Angikaze ngibuyele emikhubeni yami yakudala. Mina nomkami sikholelwa ukuthi indlela engiziphatha ngayo manje ifakazela ukuthi iBhayibheli linawo amandla okushintsha umuntu.​—Roma 12:2.

INDLELA ENGIZUZE NGAYO

 Ngicabanga ukuthi amazwi kaJesu akuLuka 19:10 ayasebenza kimi. Wathi: ‘Ngizele ukufuna nokusindisa lokho obekulahlekile.’ Angisazizwa ngilahlakile. Angisabahlukumezi nabantu. Ngiyalibonga iBhayibheli, manje senginokuthula nabanye, okubaluleke nakakhulu, senginobuhlobo obuhle noMdali wami uJehova.

[UMBHALO WAPHANSI]

a Le ncwadi yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa ayisaprintwa manje. Manje basebenzisa incwadi ethi Lingasifundisani IBhayibheli? ukuze bafundise abantu ngeBhayibheli.