Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Ukuphila Kwami Kwakuya Kuba Kubi Nakakhulu

Ukuphila Kwami Kwakuya Kuba Kubi Nakakhulu
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1952

  • IZWE AZALELWA KULO: E-UNITED STATES

  • UMLANDO: WAYENOLAKA NOBUDLOVA

UKUPHILA KWAMI:

Ngakhulela eLos Angeles, eCalifornia, e-U.S.A., ezindaweni ezihlukahlukene ezidume ngamaqembu ezigelekeqe nokusetshenziswa kwezidakamizwa. Ngiyingane yesibili kweziyisithupha.

Umama wayesonta esontweni labavangeli, ngakho nathi sakhula singamalungu alelo sonto. Nokho, ngesikhathi ngisemusha, ngangiphila ukuphila okumbaxambili. NgamaSonto ngangicula ekwayeni yesonto. Phakathi nesonto, ngangiya emaphathini, ngisebenzisa kabi izidakamizwa futhi ngiziphatha kabi ngokobulili.

Ngangicasuka ngokushesha futhi nginobudlova. Ukuze nginqobe impi, ngangisebenzisa noma yini njengesikhali. Engangikufunda esontweni akuzange kungisize. Ngangivame ukuthi, “Impindiselo ngeyeNkosi—mina ngiyithuluzi layo!” Ngesikhathi ngisesesikoleni samabanga aphakeme, ngasekupheleni kwawo-1960, ngathonywa ama-Black Panthers, iqembu lombusazwe elalaziwa ngokulwela amalungelo abantu. Ngajoyina inyunyana yabafundi elwela amalungelo abantu. Sahlela imibhikiso eminingana, eyayibangela ukuba isikole sivalwe.

Njengoba ngangithanda ubudlova, ukubhikisha akuzange kunganelise. Ngakho ngaqala ukuhlanganyela ebugebengwini obugqugquzelwa ubandlululo. Ngokwesibonelo, ngezinye izikhathi mina nabangane bami sasihamba siyobuka amabhayisikobho abonisa ukuhlukunyezwa kwezigqila zase-Afrika e-United States. Sicasulwe yilokho kungabi nabulungisa, sasivele sishaye intsha emhlophe khona lapho endaweni yokubuka amabhayisikobho. Ngemva kwalokho, sasiya ezindaweni okuhlala kuzo abamhlophe, sifune abantu esingabashaya.

Lapho sengicela eminyakeni engu-20, mina nabafowethu sasenza ubugebengu obuningi obunenzondo. Ngezinye izikhathi sasiboshwa. Omunye umfowethu omncane wayeyilungu leqembu lezigelekeqe, ngakho nami ngazihlanganisa nalo. Ukuphila kwami kwakuya kuba kubi nakakhulu.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Abazali bomngane wami babengoFakazi BakaJehova. Bangimemela emihlanganweni yabo yebandla futhi ngaya. Zisuka nje, ngabona ukuthi oFakazi bahlukile. Wonke umuntu wayephethe iBhayibheli futhi elisebenzisa njengoba kuqhubeka umhlangano. Ngisho nezingane zazibeka izinkulumo! Kwangihlaba umxhwele ukwazi ukuthi uNkulunkulu unegama, elithi Jehova, nokulizwa lisetshenziswa. (IHubo 83:18) Kwakunabantu bobuzwe obuhlukahlukene, kodwa kwakubonakala ukuthi alukho ubandlululo.

Ekuqaleni, ngangingafuni ukufunda iBhayibheli noFakazi, kodwa ngangikuthanda ukuya emihlanganweni yabo. Ngobunye ubusuku, ngisemhlanganweni woFakazi, abangane bami baya ekhonsathini. Belapho, bashaya omunye osemusha waze wafa ngoba engafuni ukubanika ibhantshi lakhe lesikhumba. Ngosuku olulandelayo, babeqhosha ngalokho. Lapho kuqulwa icala labo enkantolo, babebukeka bengakhathazekile. Iningi labo lathola isigwebo sokudilikelwa ijele. Ngajabula ngokuthi ngangingekho lapho ngalobo busuku. Ngathatha isinqumo sokushintsha ukuphila kwami futhi ngaqala ukufunda iBhayibheli.

Ngenxa yokuthi ngangijwayele ukubona ubandlululo lobuhlanga oluningi, izinto engazibona koFakazi zangimangaza kakhulu. Ngokwesibonelo, lapho uFakazi omhlophe kwakudingeka athathe uhambo oluya kwelinye izwe, washiya izingane zakhe nomndeni onsundu. Omunye umndeni wabamhlophe wamukela ekhaya lawo ingane ensudu eyayidinga indawo yokuhlala. Ngaqiniseka ukuthi oFakaza BakaJehova bagcwalisa amazwi ashiwo uJesu alotshwe kuJohane 13:35 athi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” Ngangazi ukuthi ngithole ubuzalwane bangempela.

Lapho ngifunda iBhayibheli, ngaqaphela ukuthi kwakudingeka ngishintshe indlela yami yokucabanga. Kwadingeka ukuba ngiguqule ingqondo yami ukuze ngibe umuntu onokuthula futhi ngibone ukuthi lena indlela engcono kakhulu yokuphila. (Roma 12:2) Kancane kancane, ngathuthuka. Ngo-January 1974, ngabhapathizwa ngaba omunye woFakazi BakaJehova.

Kwadingeka ukuba ngiguqule ingqondo yami ukuze ngibe umuntu onokuthula futhi ngibone ukuthi lena indlela engcono kakhulu yokuphila

Nokho, ngisho nangemva kokubhapathizwa, kwakudingeka ngilwisane nolaka lwami. Ngokwesibonelo, ngolunye usuku ngishumayela endlini ngendlu, ngagijimisa isigebengu asasebe umsakazo emotweni yami. Njengoba ngisondela kuso, sawulahla phansi umsakazo sabaleka. Lapho ngixoxela abanye ukuthi ngiwuthole kanjani umsakazo wami, umdala owayelapho wangibuza, “Stephen, ukube kuthiwa usigijimise wasifica isigebengu, yini obuzoyenza kuso?” Lowo mbuzo wangenza ngacabanga futhi wangikhuthaza ukuba ngiqhubeke ngisebenzela ekubeni nokuthula.

Ngo-October 1974, ngaqala ukukhonza njengesikhonzi sesikhathi esigcwele, ngichitha amahora ayikhulu inyanga ngayinye ngifundisa abantu iBhayibheli. Kamuva, ngaba nelungelo lokuba yisisebenzi sokuzithandela endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York. Ngo-1978, ngabuyela eLos Angeles ukuze ngiyonakekela umama owayegula. Ngemva kweminyaka emibili, ngashada nomkami engimthandayo u-Aarhonda. Wangisekela kakhulu njengoba sasinakekela umama kwaze kwaba yilapho umama eshona. Ngokuhamba kwesikhathi, mina no-Aarhoda saya e-Watchtower Bible School of Gilead futhi sathola isabelo sokuyokhonza ePanama; namanje sisakhonza khona njengezithunywa zevangeli.

Kusukela ngabhapathizwa, ngiye ngabhekana nezimo eziningi ezazingabangela ukuba ngibe nobudlova. Ngiye ngafunda ukungabanaki abantu abanochuku nokusingatha isimo ngezinye izindlela. Abantu abaningi, kuhlanganise nomkami, baye bangincoma ngendlela engiye ngasingatha ngayo lezi zimo. Nami lokhu kuyangimangaza! Ngiyazi ukuthi lezi zinguquko angizenzanga ngamandla ami. Kunalokho, ngikholelwa ukuthi ziwubufakazi bamandla eBhayibheli okuguqula umuntu.—Hebheru 4:12.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

IBhayibheli liye lenza ukuphila kwami kwaba nenjongo futhi langifundisa ukuba umuntu onokuthula. Angisabashayi abantu; kunalokho, ngiyabasiza ukuze belapheke ngokomoya. Empeleni, ngiye ngafunda iBhayibheli nomuntu owayeyisitha sami esikoleni! Ngemva kokuba ebhapathiziwe, sahlala ndawonye okwesikhashana. Kuze kube namuhla, singabangane abakhulu. Mina nomkami siye sasiza abantu abangaphezu kuka-80 ukuba babe oFakazi BakaJehova ngokufunda nabo iBhayibheli.

Ngimbonga kakhulu uJehova ngokunginika ukuphila okunenjongo nokujabulisayo phakathi kwabazalwane beqiniso.