Dlulela kokuphakathi

Ingabe Zonke Izinkolo Ziyafana? Ingabe Zonke Ziholela KuNkulunkulu?

Ingabe Zonke Izinkolo Ziyafana? Ingabe Zonke Ziholela KuNkulunkulu?

Impendulo YeBhayibheli

Cha, azifani izinkolo. IBhayibheli linezibonelo eziningi zezinkolo ezingamjabulisi uNkulunkulu. Lezi zingahlukaniswa zibe izingxenye ezimbili.

Ingxenye 1: Ukukhulekelwa konkulunkulu bamanga

IBhayibheli lichaza ukukhulekelwa konkulunkulu bamanga ngamagama anjengathi “umoya okhishwa ngamakhala” “ize” “nezinto okungekho lutho oluzuzisayo kuzo.” (Jeremiya 10:​3-5; 16:19, 20) UJehova a uNkulunkulu wayala isizwe sakwa-Israyeli sasendulo: “Akumelwe ube nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.” (Eksodusi 20:​3, 23; 23:24) Lapho ama-Israyeli ekhulekela abanye onkulunkulu ‘intukuthelo kaJehova yawavuthela.’​—Numeri 25:3; Levitikusi 20:2; AbaHluleli 2:​13, 14.

UNkulunkulu usakubheka ngendlela efanayo ukukhulekelwa kwalabo “ababizwa ngokuthi onkulunkulu.” (1 Korinte 8:​5, 6; Galathiya 4:8) Uyala labo abafuna ukumkhonza ukuba bayeke ukuzihlanganisa nalabo abasenkolweni yamanga, uthi: “Phumani phakathi kwabo, nizihlukanise.” (2 Korinte 6:​14-​17) Uma zonke izinkolo zifana futhi ziholela abantu kuNkulunkulu, pho kungani uNkulunkulu akhipha lo myalo?

Ingxenye 2: Ukukhulekela uNkulunkulu ngendlela angayamukeli

Ngezinye izikhathi ama-Israyeli ayekhulekela uNkulunkulu esebenzisa izinkolelo nemikhuba eyayisetshenziselwa ukukhulekela onkulunkulu bamanga, kodwa uNkulunkulu wayenqaba imizamo yokuxuba inkolo yeqiniso neyamanga. (Eksodusi 32:8; Duteronomi 12:​2-4) UJesu wabalahla abaholi benkolo bangosuku lwakhe ngenxa yendlela ababekhulekela ngayo uNkulunkulu; babezishaya abakholiwe kodwa ngobuzenzisi bengazinaki “izindaba zoMthetho ezibaluleke kakhulu, okuwukuthi, ubulungisa nesihe nokwethembeka.”—Mathewu 23:23.

Ngendlela efanayo namuhla, inkolo esekelwe eqinisweni kuphela eholela abantu kuNkulunkulu. Leli qiniso litholakala eBhayibhelini. (Johane 4:​24; 17:17; 2 Thimothewu 3:​16, 17) Empeleni izinkolo ezifundisa okuphambene neBhayibheli zidedisela abantu kude noNkulunkulu. Izimfundiso eziningi abantu abacabanga ukuthi zivela eBhayibhelini​—kuhlanganise uZiqu-zintathu, umphefumulo ongafi nokuhlushwa phakade—zisuselwa kubantu ababekhulekela onkulunkulu bamanga. Inkolo ekhuthaza lezi zimfundiso iyize noma ayisizi ngalutho, ngoba esikhundleni sokufundisa lokho okufunwa uNkulunkulu ifundisa amasiko enkolo.​—Marku 7:​7, 8.

UNkulunkulu uyabuzonda ubuzenzisi benkolo. (Thithu 1:​16) Ukuze isize abantu basondele kuNkulunkulu, inkolo kumelwe ithinte ukuphila kwabo kwansuku zonke ingagcini nje ngokuba namasiko nemithetho. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi: “Uma umuntu ezibona sengathi ungumkhulekeli oqotho, kodwa nokho engalulawuli ulimi lwakhe ngokungathi ngetomu, kodwa eqhubeka ekhohlisa inhliziyo yakhe, indlela yalo muntu yokukhulekela iyize. Indlela yokukhulekela ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu yile: ukunakekela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenalo ibala ezweni.” (Jakobe 1:26, 27) IBhayibheli lesiZulu elivamile lisebenzisa inkulumo ethi “ukukhonza okumhlophe okungenabala” lapho lichaza ukukhulekela okuhlanzekile okungenabuzenzisi.