Dlulela kokuphakathi

Ingabe AmaKristu Kumelwe Agcine ISabatha?

Ingabe AmaKristu Kumelwe Agcine ISabatha?

Impendulo yeBhayibheli

Asikho isidingo sokuba amaKristu agcine isabatha lamasonto onke. AmaKristu angaphansi ‘komthetho kaKristu’ ongahileli ukugcina iSabatha. (Galathiya 6:2; Kolose 2:16, 17) Kungani singaqiniseka ngalokho? Okokuqala, ake sihlole umsuka weSabatha.

Liyini iSabatha?

Igama elithi “sabatha” livela egameni lesiHebheru elisho “ukuphumula; ukuyeka.” EBhayibhelini livela okokuqala emyalweni owanikwa isizwe sakwa-Israyeli sasendulo. (Eksodusi 16:23) Ngokwesibonelo, umyalo wesine weMiyalo Eyishumi uthi: “Ukhumbula usuku lwesabatha ukuba uluphathe njengolungcwele, uyonikela inkonzo futhi wenze wonke umsebenzi wakho izinsuku eziyisithupha. Kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha kuJehova uNkulunkulu wakho. Akumelwe wenze noma yimuphi umsebenzi.” (Eksodusi 20:8-10) Usuku lweSabatha lwaluqala ekushoneni kwelanga ngoLwesihlanu kuze kube sekushoneni kwelanga ngoMgqibelo. Phakathi naleso sikhathi ama-Israyeli ayengavunyelwe ukuba aphume endaweni yawo, abase umlilo, atheze izinkuni noma athwale umthwalo. (Eksodusi 16:29; 35:3; Numeri 15:32-36; Jeremiya 17:21) Umuntu ongaligcini iSabatha wayebulawa.—Eksodusi 31:15.

Ezinye izinsuku ekhalendeni lamaJuda, kanye nonyaka wesikhombisa nowamashumi amahlanu, nako kwakubizwa ngokuthi amasabatha. Ngeminyaka yeSabatha, umhlaba wawuyekwa ungalinywa futhi ama-Israyeli ayengenakuphoqwa ukuba akhokhe izikweletu.—Levitikusi 16:29-31; 23:6, 7, 32; 25:4, 11-14; Duteronomi 15:1-3.

Umhlatshelo kaJesu waqeda ukusebenza komthetho weSabatha

Kungani umthetho weSabatha ungasebenzi kumaKristu?

Umthetho weSabatha wawusebenza kuphela kubantu ababengaphansi koMthetho kaMose. (Duteronomi 5:2, 3; Hezekeli 20:10-12) UNkulunkulu akakaze alindele ukuba abanye abantu bagcine isabatha. Ukwenezela kulokho, ngisho namaJuda ‘akhululwa eMthethweni’ kaMose naseMiyalweni Eyishumi, ngomhlatshelo kaJesu Kristu. (Roma 7:6, 7; 10:4; Galathiya 3:24, 25; Efesu 2:15) Kunokuba alandele uMthetho kaMose, amaKristu alandela umthetho ophakeme wothando.—Roma 13:9, 10; Hebheru 8:13.

Imibono eyiphutha ngeSabatha

Amanga: UNkulunkulu wasungula iSabatha ngesikhathi ephumula ngosuku lwesikhombisa.

Iqiniso: IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngoba ngalo ubephumule kuwo wonke umsebenzi wakhe ayewudalile wawenza.” (Genesise 2:3) Leli vesi aliwona umthetho onikezwa abantu, kodwa lisho lokho uNkulunkulu akwenza ngosuku lwesikhombisa lokudala. IBhayibheli alisho ukuthi kukhona umuntu owagcina isabatha ngaphambi kwezinsuku zikaMose.

Amanga: Ama-Israyeli ayengaphansi komthetho weSabatha ngaphambi kokuba athole uMthetho kaMose.

Iqiniso: Nakhu uMose akusho kuma-Israyeli: “UJehova uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHorebe,” indawo eseduze neNtaba iSinayi. Lesi sivumelwano sasihlanganisa nomthetho weSabatha. (Duteronomi 5:2, 12) Indlela ama-Israyeli ayeligcina ngayo iSabatha ibonisa ukuthi laliwumthetho omusha kuwo. Uma kuwukuthi ama-Israyeli ayeke aba ngaphansi komthetho weSabatha ngaphambili, ngesikhathi eseseGibhithe, kwakungenzeka kanjani ukuba iSabatha liwakhumbuze ukukhululwa kwawo eGibhithe ngokuvumelana nalokho uNkulunkulu ayekubikezele? (Duteronomi 5:15) Kungani kwakudingeka ukuba atshelwe ukuba angalibuthi imana ngosuku lwesikhombisa? (Eksodusi 16:25-30) Kungani engakwazanga ukusingatha icala lomuntu wokuqala owaphula umthetho weSabatha?—Numeri 15:32-36.

Amanga: ISabatha liyisivumelwano esihlala njalo ngakho kusamelwe ligcinwe.

Iqiniso: Ezinye izinguqulo zeBhayibheli ziyasho ukuthi iSabatha ‘liyisivumelwano kuze kube nini nanini.’ (Eksodusi 31:16, IBhayibheli LesiZulu Elivamile) Nokho, igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “nini nanini” lingaphinde lisho “ukuhlala isikhathi esingenamkhawulo,” kodwa hhayi kuze kube phakade. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisebenzisa igama elifanayo ukuze lichaze ubupristi bakwa-Israyeli, uNkulunkulu abuqeda eminyakeni engaba ngu-2000 edlule.—Eksodusi 40:15; Hebheru 7:11, 12.

Amanga: AmaKristu kumelwe agcine iSabatha ngoba noJesu waligcina.

Iqiniso: UJesu wayegcina iSabatha ngoba wayengumJuda, wayezalelwe ngaphansi koMthetho kaMose. (Galathiya 4:4) Ngemva kokufa kukaJesu, lesi sivumelwano soMthetho—kuhlanganise neseSabatha—saqedwa.—Kolose 2:13, 14.

Amanga: Umphostoli uPawulu wayeligcina iSabatha ngesikhathi engumKristu.

Iqiniso: UPawulu wayengena emasinagogeni ngesabatha kodwa hhayi ngenjongo yokuyogcina iSabatha namaJuda. (IzEnzo 13:14; 17:1-3; 18:4) Kunalokho, elandela isiko langaleso sikhathi, washumayela izindaba ezinhle emasinagogeni, njengoba nje isikhulumi esivakashile sasingacelwa ukuba sishumayeze abantu ababehlangene bezokhulekela. (IzEnzo 13:15, 32) UPawulu wayeshumayela “nsuku zonke,” hhayi nje ngeSabatha kuphela.—IzEnzo 17:17.

Amanga: ISabatha lamaKristu lingeSonto.

Iqiniso: IBhayibheli alinawo umthetho oyala amaKristu ukuba aphumule futhi akhulekele ngeSonto, okuwusuku lokuqala lwesonto. Usuku lwangeSonto, lwaluwusuku oluvamile lokusebenza kumaKristu okuqala. I-The International Standard Bible Encyclopedia ithi: “ISonto laqala ukuba usuku lwesabatha ngekhulu lesine ngesikhathi uConstantine [umbusi waseRoma oyiqaba] ekhipha umyalo wokuthi eminye imisebenzi kwakungafanele yenziwe ngeSonto.” a

Nokho kuthiwani ngamavesi okubonakala sengathi abonisa ukuthi iSonto laliwusuku olukhethekile? IBhayibheli lithi umphostoli uPawulu wahlanganyela isidlo nabantu akholwa nabo “ngosuku lokuqala lwesonto,”—iSonto—lokhu kwakunengqondo ngoba uPawulu wayezohamba ngosuku olulandelayo. (IzEnzo 20:7) Ngokufanayo, amanye amabandla ayetshelwe ukuthi “ngosuku lokuqala lwesonto,”—iSonto—kwakumelwe abekele eceleni imali ethile eyayizosetshenziswa endaweni enezinhlekelele, kodwa lokhu kwakumane nje kuyiseluleko sokusebenzisa kahle imali. Umuntu nomuntu wayegcina leyo mali endlini yakhe, yayingagcinwa endaweni yokukhulekela.—1 Korinte 16:1, 2.

Amanga: Akulungile ukubekela eceleni usuku olulodwa njalo ngesonto ngenjongo yokuphumula nokukhulekela.

Iqiniso: IBhayibheli lishiyela leso sinqumo kumKristu ngamunye.—Roma 14:5.

a Bheka ne-New Catholic Encyclopedia Uhlelo Lwesibili, uMqulu 13, ikhasi 608.