Dlulela kokuphakathi

Iyini Imiyalo Eyishumi KaNkulunkulu?

Iyini Imiyalo Eyishumi KaNkulunkulu?

Impendulo yeBhayibheli

IMiyalo Eyishumi iyimithetho uNkulunkulu ayinika isizwe sakwa-Israyeli. Le mithetho iphinde yaziwe ngokuthi amaZwi Ayishumi, uma kuhunyushwa inkulumo yesiHebheru ethi ʽaseʹreth had·deva·rimʹ. Le nkulumo ivela kathathu ezincwadini zokuqala ezinhlanu zeBhaybheli ezaziwa ngokuthi iTorah. (Eksodusi 34:28; Duteronomi 4:13; 10:4) NgesiGreki le nkulumo ithi deʹka (ishumi), loʹgous (amagama) futhi kuthathelwe kuyo inkulumo ethi “Amazwi Ayishumi.”

UNkulunkulu wabhala iMiyalo Eyishumi ematsheni, wabe eseyinika uMose eNtabeni iSinayi. (Eksodusi 24:12-​18) Le miyalo ibhalwe encwadini ka-Eksodusi 20:​1-​17 nakuDuteronomi 5:​6-​21.

 IMiyalo Eyishumi

  1. Kufanele sikhonze uNkulunkulu uJehova kuphela.—Eksodusi 20:3.

  2. Ungazikhonzi izithombe.​—Eksodusi 20:​4-6.

  3. Hlonipha igama likaNkulunkulu.​—Eksodusi 20:7.

  4. Gcina iSabatha.—Eksodusi 20:8-11.

  5. Hlonipha abazali bakho.—Eksodusi 20:12.

  6. Ungabulali.—Eksodusi 20:13.

  7. Ungaphingi.—Eksodusi 20:14.

  8. Ungebi.—Eksodusi 20:15.

  9. Ungafakazi amanga.—Eksodusi 20:16.

  10. Ungahahi.—Eksodusi 20:17.

 Kungani ngezinye izikhathi le miyalo ingalandelani ngendlela efanayo?

IBhayibheli alisho ukuthi le miyalo ilandelana kanjani. Ngenxa yalokho, abantu banemibono engafani ngokuthi kumelwe ilandelane kanjani. Indlela elandelaniswe ngayo ngenhla, iyindlela evame ukulandelaniswa ngayo. Nokho, abanye bayilandelanisa ngendlela ehlukile. Umehluko uvame ukuba semyalweni wokuqala, wesibili nowokugcina. a

 Kungani uNkulunkulu anikeza le miyalo?

IMiyalo Eyishumi yayiyingxenye yoMthetho KaMose. Lowo Mthetho wawakhiwa imiyalo engaphezu kwengu-600, futhi wawuyisivumelwano esasiphakathi kukaNkulunkulu nesizwe sasendulo sakwa-Israyeli. (Eksodusi 34:27) UNkulunkulu wathembisa ama-Israyeli ukuthi izinto zaziyowahambela kahle uma ayelalela lokho okwakushiwo uMthetho KaMose. (Duteronomi 28:1-14) Kodwa isizathu esibaluleke kakhulu salo Mthetho kwakuwukusiza ama-Israyeli ukuba alindele ukufika kukaMesiya, noma uKristu, owayethenjisiwe.​—Galathiya 3:​24.

 Ingabe amaKristu abophekile ukugcina iMiyalo Eyishumi?

Cha. UMthetho, ohlanganisa neMiyalo Eyishumi, wawunikezwe isizwe sakwa-Israyeli. (Duteronomi 5:2, 3; IHubo 147:19, 20) Akudingeki ukuba amaKristu agcine umthetho kaMose, ngisho namaKristu angamaJuda ‘ayekhululiwe eMthethweni.’ (Roma 7:6) b UMthetho KaMose waphela, kwangena “umthetho kaKristu” esikhundleni sawo, ohlanganisa yonke imithetho uJesu ayinika abalandeli bakhe.​—Galathiya 6:2; Mathewu 28:19, 20.

 Kukhona yini esingakufunda eMiyalweni Eyishumi namuhla?

Yebo. Singazuza ngokufunda le mithetho ngoba isibonisa indlela uNkulunkulu acabanga ngayo. (2 Thimothewu 3:16, 17) IMiyalo Eyishumi isekelwe emaqinisweni angasoze aphelelwa isikhathi. (IHubo 111:​7, 8) Empeleni, izimfundiso ezitholakala ezincwadini zeBhayibheli ezibizwa ngokuthi iTestamente Elisha zisekelwe kulawo maqiniso.​—Bheka ngaphansi kwesihloko esithi “I zifundo eziseMiyalweni Eyishumi ziyatholakala naseTestamenteni Elisha.”

UJesu wafundisa ukuthi uMthetho KaMose, ohlanganisa neMiyalo Eyishumi, wawusekelwe emiyalweni emibili ebalulekile. Wathi: “‘Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.’ Lona ngumyalo omkhulu kunayo yonke futhi ungowokuqala. Owesibili, onjengawo, yilo, ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’ Kule miyalo emibili kusekelwe wonke uMthetho.” (Mathewu 22:34-40) Lokhu kubonisa ukuthi nakuba amaKristu engalindelekile ukuba agcine uMthetho KaMose, kufanele athande uNkulunkulu nabanye abantu.​—Johane 13:34; 1 Johane 4:​20, 21.

  Izifundo eziseMiyalweni Eyishumi ziyatholakala naseTestamenteni Elisha

Isifundo

Ivesi ETestamenteni Elisha

Khonza uNkulunkulu uJehova kuphela

IsAmbulo 22:​8, 9

Ungazikhonzi izithombe

1 Korinte 10:14

Hlonipha igama likaNkulunkulu

Mathewu 6:9

Mkhonze njalo uNkulunkulu

Hebheru 10:24, 25

Hlonipha abazali bakho

Efesu 6:​1, 2

Ungabulali

1 Johane 3:​15

Ungaphingi

Hebheru 13:4

Ungebi

Efesu 4:​28

Ungafakazi amanga

Efesu 4:​25

Ungahahi

Luka 12:15

a Ngokwendlela evamile yamaJuda “u-Eksodusi 20:2 uba ‘izwi’ lokuqala, bese amavesi 3-6 abekwe njengomyalo owodwa oba izwi lesibili.” (I-The Jewish Encyclopedia) Ngakolunye uhlangothi, amaKatolika abheka u-Eksodusi 20:1-6 njengomyalo owodwa, okwenza umyalo okhuluma ngokuhlonipha igama likaNkulunkulu ube umyalo wesibili. Ukuze ekugcineni babe neminyaka eyishumi, bahlukanisa umyalo wokugcina okhuluma ngokuhahela inkosikazi kamakhelwane nempahla yakhe, bawenze ube imiyalo emibili ehlukene.

b EyabaseRoma 7:7 isebenzisa umyalo weshumi njengesibonelo ‘soMthetho,’ okubonisa ukuthi iMiyalo Eyishumi yayiyingxenye yoMthetho KaMose.