Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

IHubo 37:4—“Zithokozise NgoJehova”

IHubo 37:4—“Zithokozise NgoJehova”

 “Jabula kakhulu ngoJehova, uyokunika izinto ezifiswa yinhliziyo yakho.”—IHubo 37:4, IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.

 “Zithokozise ngoJehova, yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.”—IHubo 37:4, IBhayibheli Elingcwele.

Incazelo yeHubo 37:4

 Umhubi unxusa izikhonzi zikaNkulunkulu ukuba zithole injabulo ekubeni nobuhlobo obuseduze naYe. Bonke abajabulela lobo buhlobo bangaqiniseka ngokuthi uJehova a uNkulunkulu uzozanelisa izifiso zabo ezilungile.

 “Jabula kakhulu ngoJehova.” Le nkulumo ingabuye ihunyushwe ngokuthi “thola injabulo enkulu kuJehova,” “jatshuliswa ukukhonza INKOSI,” noma “kujabulele lokho INKOSI ekuthembise kona.” Ngamazwi alula, kufanele ‘sithole injabulo [yethu] enkulu’ ekukhonzeni uNkulunkulu weqiniso. (IHubo 37:4, umbhalo waphansi) Kungani?

 Labo abakhonza uJehova babheka izinto ngeso lakhe, njengoba kuveziwe eBhayibhelini. Abagcini nje ngokwazi uNkulunkulu kodwa futhi bayazi ukuthi kuwukuhlakanipha ukumlalela. Ngenxa yalokho, bagcina onembeza babo behlanzekile futhi maningi amaphutha abawagwemayo ekuphileni. (IzAga 3:5, 6) Ngokwesibonelo, abathukutheli noma babe nomona lapho kubonakala sengathi abantu abangamagovu nabangathembekile bayaphumelela. (IHubo 37:1, 7-9) Abantu bakaNkulunkulu bayajabula ngokwazi ukuthi maduzane, uNkulunkulu uzokuqeda konke ukungabi nabulungisa bese evuza labo abaqotho ngenxa yokuziphatha kwabo. (IHubo 37:34) Kubajabulisa kakhulu nokwazi ukuthi uBaba wabo osezulwini uyabamukela futhi uyajabula ngabo.—IHubo 5:12; IzAga 27:11.

 “Uyokunika izinto ezifiswa yinhliziyo yakho.” La mazwi angahunyushwa nangokuthi “uyophendula imithandazo yakho” noma “uyokunika lokho okufisa kakhulu.” Yiqiniso, uJehova angeke amane asinike noma yini esiyicelayo. Njengomzali omuhle, uJehova uyakwazi okulungele izingane zakhe. Ngaphezu kwalokho, izicelo zethu, nendlela esiphila ngayo, kumele kuhambisane nemithetho kaJehova nentando yakhe. (IzAga 28:9; Jakobe 4:3; 1 Johane 5:14) Uma kunjalo, singasondela kulowo “olalela imithandazo” siqiniseka ngokuthi uzosilalela.—IHubo 65:2; Mathewu 21:22.

Umongo weHubo 37:4

 IHubo 37 laqanjwa iNkosi uDavide yakwa-Israyeli wasendulo. Wabhala leli hubo ngokulandelana kwezinhlamvu zamagama. b

 UDavide waphathwa ngokungenabulungisa izikhathi eziningana. Wazingelwa iNkosi uSawule nabanye ababefuna ukumbulala. (2 Samuweli 22:1) Noma kunjalo, uDavide wayehlale ethembele ngokuphelele kuNkulunkulu wakhe. UDavide wayazi ukuthi uJehova wayezogcina ebajezisile ababi. (IHubo 37:10, 11) Ngisho noma kwakubukeka sengathi bayaphumelela, “njengotshani obusha obuluhlaza” babeyoshabalala ekugcineni.—IHubo 37:2, 20, 35, 36.

 IHubo 37 liveza imiphumela ezotholwa yilabo abayilalelayo imithetho kaNkulunkulu nemiphumela ezotholwa yilabo abangayinaki. (IHubo 37:16, 17, 21, 22, 27, 28) Leli hubo lisisiza sibe nokuhlakanipha futhi sibe abantu abamukelwa uNkulunkulu.

 Buka le vidiyo emfishane ukuze ubone amazwibela encwadi yamaHubo.

a Igama elithi Jehova liyindlela yesiZulu yokuhumusha igama likaNkulunkulu lesiHebheru. Ukuze uthole ukuthi kungani amanye amaBhayibheli esebenzisa elithi Nkosi kunokusebenzisa igama likaNkulunkulu, funda isihloko esithi “Ungubani uJehova?”

b Kule ndlela yokubhala, ivesi lokuqala noma iqoqo lamavesi liqala ngohlamvu lokuqala lwesiHebheru, iqoqo elilandelayo liqale ngohlamvu lwesibili, njalo njalo. Lokhu kungenzeka kwakusiza ekutheni into ihlale engqondweni.