Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”—Jakobe 4:8

Ingabe UNkulunkulu Uyayizwa Imithandazo Yethu?

Ingabe UNkulunkulu Uyayizwa Imithandazo Yethu?

Wake wazibuza yini ukuthi uNkulunkulu uyakuzwa lapho uthandaza? Uma kunjalo, awuwedwa. Abaningi bayathandaza kuNkulunkulu lapho benezinkinga ezithile, kodwa lezo zinkinga ziyaqhubeka zikhona. Ingabe lokho kusho ukuthi uNkulunkulu akayinaki imithandazo yethu? Akunjalo! IBhayibheli liyasiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu uyasilalela lapho sithandaza kuye ngendlela ayamukelayo. Asizwe ukuthi iBhayibheli lithini.

UNKULUNKULU UYALALELA

“Wena olalela imithandazo, zonke izinhlobo zabantu zizoza kuwe.”—IHubo 65:2.

Abanye abantu bayathandaza ngoba bathi kubenza bazizwe kangcono, nakuba bengakholelwa ukuthi ukhona umuntu osuke ebalalele. Umthandazo awuyona nje into esiyenzela ukuba sizizwe kangcono ukuze sikwazi ukubhekana nezinkinga zethu. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi “uJehova * useduze nabo bonke abambizayo, useduze nabo bonke abambiza ngeqiniso. . . . Uyakuzwa ukukhalela kwabo usizo.”—IHubo 145:18, 19.

Ngakho, singaqiniseka ngokuthi uJehova uyayizwa imithandazo yezikhonzi zakhe. Ngothando uthi: “Niyongibiza futhi nithandaze kimi, mina ngiyonilalela.”—Jeremiya 29:12.

UNKULUNKULU UFUNA UTHANDAZE KUYE.

“Phikelelani emthandazweni.”—Roma 12:12.

EBhayibhelini sikhuthazwa ukuba ‘sithandaze njalo’ futhi ‘siqhubeke sithandaza ngazo zonke izikhathi.’ Kuyacaca ukuthi uNkulunkulu ufuna sithandaze kuye.—Mathewu 26:41; Efesu 6:18.

Kungani uNkulunkulu efuna sithandaze kuye? Cabanga ngalokhu: Imuphi umzali obengeke athande ukuzwa ingane yakhe encane ithi kuye “Ngicela ungisize, Baba”? Kuyiqiniso, ubaba angase azi ukuthi ingane yakhe idingani nokuthi izizwa kanjani, kodwa uma ezwa lawo mazwi kuyambonisa ukuthi ingane yakhe iyamethemba futhi isondelene naye. Ngokufanayo, uma nathi sithandaza kuNkulunkulu sibonisa ukuthi siyamethemba futhi sifuna ukuba seduze naye.—IzAga 15:8; Jakobe 4:8.

UNKULUNKULU UKUKHATHALELA NGEMPELA.

“Niphonse zonke izinkathazo zenu kuye, ngoba uyanikhathalela.”—1 Petru 5:7.

Ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyasithanda futhi uyasikhathalela ufuna sithandaze kuye. Uyazazi izinkinga zethu, nalokho okusikhathazayo futhi ufuna ukusisiza.

Kukho konke ukuphila kwayo, iNkosi uDavide yathandaza kuJehova uNkulunkulu ukuze ithole usizo futhi yamtshela ekucabangayo nendlela ezizwa ngayo. (IHubo 23:1-6) UNkulunkulu wayezizwa kanjani ngoDavide? UNkulunkulu wayemthanda uDavide futhi wayilalela imithandazo yakhe eminingi. (IzEnzo 13:22) Nathi, uNkulunkulu uyasilalela lapho sithandaza ngenxa yokuthi uyasithanda.

“NGIYAMTHANDA UJEHOVA NGOBA UYALIZWA IZWI LAMI”

Lawa amazwi aseBhayibhelini omunye umbhali wamahubo. Wayeqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyayizwa imithandazo yakhe, futhi lokho kwamsiza kakhulu. Wazizwa esondelene noNkulunkulu, wathola amandla okubhekana nokucindezeleka nosizi.—IHubo 116:1-9.

Uma siqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyayizwa imithandazo yethu, siyoqhubeka sithandaza kuye. Cabanga lokho okwenzeka kuPedro, ohlala enyakatho yeSpain. Indodana yakhe eneminyaka engu-19 yashona engozini yemoto. Elusizi, uPedro watshela uJehova indlela ayezizwa ngayo, wathandaza kaningi ecela usizo nenduduzo. Waba yini umphumela? UPedro uthi: “UJehova wayiphendula imithandazo yami ngenduduzo nokusekelwa mina nomkami esakuthola kubafowethu abangamaKristu.

Izikhathi eziningi imithandazo yethu iphendulwa ngokuthola induduzo nokusekelwa abangane abasithandayo

Nakuba imithandazo ingazange iyivuse indodana kaPedro, kodwa yamsiza kakhulu yena nomndeni wakhe. Umkakhe, uMaría Carmen, uthi: “Umthandazo wangisiza ngabekezelela ubuhlungu. Ngangazi ukuthi uJehova uNkulunkulu uyangiqonda ngoba lapho ngithandaza kuye ngangizizwa nginokuthula kwangaphakathi.”

IBhayibheli nezinto ezenzeka ekuphileni kwabaningi kubonisa ngokucacile ukuthi uNkulunkulu uyayilalela imithandazo. Nokho, kusobala nokuthi uNkulunkulu akayiphenduli yonke imithandazo. Kungani uNkulunkulu eyiphendula eminye imithandazo kodwa eminye engayiphenduli?

^ par. 5 UJehova igama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.