Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Hebheru 4:12—“Izwi LikaNkulunkulu Liphilile”

Hebheru 4:12—“Izwi LikaNkulunkulu Liphilile”

 “Ngoba izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha, futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.”—Hebheru 4:12, IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.

 “Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile‚ linamandla‚ libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili‚ lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya‚ amalungu nomnkantsha‚ lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.”—Hebheru 4:12, IBhayibheli Elingcwele.

Incazelo yamaHebheru 4:12

 Umyalezo kaNkulunkulu oya kubantu, njengoba ubhalwe eBhayibhelini, unamandla okwambula imicabango nezisusa zethu zangempela. Lowo myalezo ungabashintsha abantu, ubenze babe ngabantu abangcono.

 “Izwi likaNkulunkulu liyaphila.” Inkulumo ethi “izwi likaNkulunkulu” ibhekisela ezwini likaNkulunkulu lesithembiso, noma kulokho akuhlosile, njengoba kulotshwe eBhayibhelini. a Isici esibalulekile saleyo njongo esokuthi abantu abalungile baphile phakade emhlabeni ngokuthula nangobunye.—Genesise 1:28; IHubo 37:29; IsAmbulo 21:3, 4.

 Izwi likaNkulunkulu, noma injongo yakhe eyembuliwe, ‘kuphila’ ngamuphi umqondo? Okokuqala, linomthelela onamandla ezinhliziyweni zalabo abalamukelayo, libanika ithemba nenjongo ekuphileni. (Duteronomi 30:14; 32:47) Izwi likaNkulunkulu lesithembiso “liyaphila” nangomqondo wokuthi uNkulunkulu ophilayo usebenzela ekuzigcwaliseni ngokuphelele zonke izithembiso zakhe. (Johane 5:17) Ngokungafani nabantu, uNkulunkulu akathembisi bese ekhohlwa yileso sithembiso noma athole ukuthi angeke akwazi ukusifeza isithembiso asenzile. (Numeri 23:19) Izwi lakhe “ngeke libuyele [kuye] lingafezanga lutho.”—Isaya 55:10, 11.

 “Izwi likaNkulunkulu . . . linamandla.” Igama elithi “linamandla” lingasho ukuthi “liyasebenza” noma “lifeza noma yini [lelo zwi] elihloselwe ukuyifeza.” Ngakho, noma yini uJehova b uNkulunkulu ayishoyo noma ayithembisayo izogcwaliseka nakanjani. (IHubo 135:6; Isaya 46:10) Empeleni, uNkulunkulu angagcwalisa izithembiso zakhe ngezindlela ezikudlula kude esikulindele noma esikucabangayo.—Efesu 3:20. c

 Izwi likaNkulunkulu “linamandla” okusiza labo abalazisayo ukuba benze izinguquko ezinhle ebuntwini babo nasezimpilweni zabo. Izimfundiso zikaNkulunkulu ziba yingxenye yokuphila kwabo, zithonye ukucabanga kwabo, indlela abaphila ngayo kanye nemigomo abazibekele yona. (Roma 12:2; Efesu 4:24) Kungalowo mqondo, “izwi likaNkulunkulu . . . kuyilona elisebenzayo” kulabo abalamukelayo.—1 Thesalonika 2:13.

 “Izwi likaNkulunkulu . . . libukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili.” Ngokomfanekiso, izwi likaNkulunkulu libukhali kunanoma iyiphi inkemba eyenziwe umuntu ngenxa yamandla alo. Umyalezo kaNkulunkulu ungathinta inhliziyo—umuntu wangaphakathi—ngezindlela izimfundiso zabantu ezingasoze zakwazi ukukwenza ngayo lokho. Ubufakazi balokhu buvezwe kahle emazwini alandelayo akumaHebheru 4:12.

 “Izwi likaNkulunkulu . . . lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha.” EBhayibhelini, igama elithi “umphefumulo” lingabhekisela kulokho umuntu abonakala eyikho, kuyilapho elithi “umoya” lingabhekisela kulokho umuntu ayikho ngempela ngaphakathi. (Galathiya 6:18) Ngokomfanekiso, “izwi likaNkulunkulu” lingena lijule lize liyohlaba “nomnkantsha,” okuyimicabango nemizwa yethu ejulile. Ngokusambulela lokho esiyikho ngempela ngaphakathi, lokho umuntu angeke akwazi ukukubona, izimfundiso zikaJehova zingasishukumisela ukuba senze izinguquko ezinhle. Lokhu kulethela uMdali wethu injabulo enkulu futhi nathi kuyasijabulisa.

 “Izwi likaNkulunkulu . . . liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” Indlela umuntu asabela ngayo ezwini likaNkulunkulu ingaveza imicabango yakhe yangempela, kuhlanganise izisusa noma izinhloso zakhe, okunomthelela endleleni aziphatha ngayo nasendleleni enza ngayo izinto. Ngokwesibonelo, uma umuntu esabela kahle ezwini likaNkulunkulu ngokwenza izinguquko ezidingekayo ekuphileni kwakhe, ukhombisa ukuthi uthobekile futhi uqotho. Ufuna ukujabulisa uMdali wakhe. Ngakolunye uhlangothi, uma ezama ukuthola angakugxeka ezwini likaNkulunkulu, angase aveze izimfanelo ezingezinhle, njengokuqhosha nobugovu. Kungenzeka abeke izaba ezama ukuvikela ukuziphatha uNkulunkulu akulahlayo.—Jeremiya 17:9; Roma 1:24-27.

 Enye incwadi ithi, izwi likaNkulunkulu “lingafinyelela ezicini zobuntu bethu ezijule kakhulu.” Ayikho ingxenye yomuntu esinguye ngaphakathi uNkulunkulu angeke akwazi ukuyibona nezwi lakhe elingeke likwazi ukuyiveza. “Zonke izinto azifihlekile futhi zisobala emehlweni alowo okumele siziphendulele kuye,” kusho incwadi yamaHebheru 4:13.

Umongo wamaHebheru 4:12

 Ibhalwe ngumphostoli uPawulu ngabo-61 C.E., incwadi yeBhayibheli yamaHebheru iyincwadi ephefumulelwe uNkulunkulu eyayibhalelwe amaKristu angamaJuda eJerusalema naseJudiya.

 Ezahlukweni 3 no-4, uPawulu uqokomisa indlela isibonelo sama-Israyeli asendulo esiwaxwayisa ngayo amaKristu. (Hebheru 3:8-12; 4:11) UJehova wathembisa ama-Israyeli ukuwakhulula ebugqilini bese ewangenisa ezweni ‘ayezohlala ngokulondeka’ kulo. (Duteronomi 12:9, 10) Noma kunjalo, isizwe sakwa-Israyeli esakhululwa eGibhithe sakukhombisa kaningi ukungabi nalo ukholo ezithembisweni zikaNkulunkulu futhi ngokuphindaphindiwe asiyilalelanga imiyalo yakhe. Ngenxa yalokho, asizange “singene ekuphumuleni [kukaNkulunkulu]” bese sijabulela ubuhlobo obunokuthula noNkulunkulu. Kunalokho, safela ehlane. Nakuba inzalo yalesi sizwe yalithola ifa leZwe Lesithembiso, nayo yawela emkhubeni wokungalaleli. Ngokuhamba kwesikhathi, lokhu kwabangela ukuhlupheka okukhulu kulesi sizwe.—Nehemiya 9:29, 30; IHubo 95:9-11; Luka 13:34, 35.

 UPawulu uchaza ukuthi amaKristu kumele afunde esibonelweni esimbi sama-Israyeli angathembekile. Ngokungafani nawo, singangena ekuphumuleni kukaNkulunkulu ngokulalela izwi lakhe futhi sibe nokholo oluphelele ezithembisweni zakhe.—Hebheru 4:1-3, 11.

 Buka le vidiyo emfishane ukuze ubone amazwibela encwadi yamaHebheru.

a Encwadini yamaHebheru 4:12, inkulumo ethi “izwi likaNkulunkulu” ayibhekiseli eBhayibhelini kuphela. Noma kunjalo, njengoba uJehova ahlela ukuba izithembiso zakhe zilotshwe eBhayibhelini, eyamaHebheru 4:12 ingasetshenziswa kubhekiselwa kulo.

b Elithi Jehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani uJehova?