Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Roma 15:13​—“UNkulunkulu Wethemba Makanigcwalise Ngenjabulo Yonke Nangokuthula Konke”

Roma 15:13​—“UNkulunkulu Wethemba Makanigcwalise Ngenjabulo Yonke Nangokuthula Konke”

 “Kwangathi uNkulunkulu osinika ithemba angenza ukuba izinhliziyo zenu zigcwale injabulo enkulu nokuthula ngenxa yokuthi nethembele kuye, ukuze nichichime ithemba ngamandla omoya ongcwele.”—Roma 15:13, IBhayibheli ImiBhalo Elingcwele.

 “UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni‚ ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.”—Roma 15:13, IBhayibheli Elingcwele.

Incazelo yencwadi yabaseRoma 15:13

 Ngala mazwi, umphostoli uPawulu wazwakalisa isifiso sakhe sokuthi uNkulunkulu agcwalise amakholwa ayekanye naye “ngenjabulo nangokuthula.” Lezi mfanelo ezinhle zihambisana nethemba uNkulunkulu alinikezayo kanye namandla omoya ongcwele.

 Sifunda ngaleli themba uNkulunkulu asinikeza lona eZwini lakhe, iBhayibheli. Ngokwencwadi yabaseRoma 15:4, “zonke izinto ezalotshwa kusengaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.” IBhayibheli lisitshela ngesithembiso sikaNkulunkulu sokuxazulula izinkinga ezibonakala ziqeda ithemba, ezinjengokuhlupheka, ukungabi nabulungisa, ukugula, kanye nokufa. (IsAmbulo 21:4) Esebenzisa uJesu Kristu, uNkulunkulu uyozigcwalisa zonke lezi zithembiso, kungalesi sizathu singaba nethemba lekusasa elingcono.—Roma 15:12.

 Leli themba esilinikezwe uNkulunkulu “lingachichima kithi” kuphela uma simethemba. Uma siqhubeka sifunda ngaye, singaqiniseka nakakhulu ukuthi singamethemba ngokuphelele. (Isaya 46:10; Thithu 1:2) Ngenxa yethemba eliqinisekile uNkulunkulu asinikeza lona, umuntu angaba nenjabulo nokuthula ngisho nalapho ebhekene nezinkinga.—Roma 12:12.

 Ukuthula, injabulo nethemba, kuhlobene “nomoya ongcwele,” okungamandla kaNkulunkulu asebenzayo. a UNkulunkulu usebenzisa umoya ongcwele ukuze agcwalise izithembiso zakhe, futhi lokhu kusinikeza ithemba. Lo moya ungaveza izimfanelo ezinhle kubantu, ezifana nenjabulo nokuthula.—Galathiya 5:22.

Umongo wencwadi yabaseRoma 15:13

 Incwadi yabaseRoma, incwadi eyayibhalelwe amaKristu ayehlala edolobheni laseRoma. Amanye alawo maKristu ayengamaJuda ngokuzalwa, kanti amanye ayengewona. UPawulu wabakhuthaza bonke ukuba bazikhandle ukuze basebenzelane ngobunye nangezwi elilodwa naphezu kokuhlukana ngesizinda namasiko.—Roma 15:6.

 UPawulu wakhumbuza amaKristu aseRoma ukuthi kwase kuyisikhathi eside uNkulunkulu abikezela isikhathi lapho abantu bazo zonke izizwe beyomdumisa ngobunye. Ukuze afakazele lelo qiniso uPawulu wacaphuna emiBhalweni yesiHeberu b izikhathi ezine. (Roma 15:9-12) Nanti iphuzu lakhe: Abantu bazo zonke izizwe kanye namaJuda, bangazuza enkonzweni kaJesu. Womabili la maqembu ayenethemba elifanayo alinikwe uNkulunkulu. Ngakho bonke ebandleni laseRoma kungakhathaliseki ukuthi bavela kusiphi isizinda, kwakufanele ‘bamukelane’ okusho ukuphathana ngomusa nokuba nomoya wokuvakashelana.—Roma 15:7.

a Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi “Uyini Umoya Ongcwele?

b ImiBhalo yesiHebheru ngezinye izikhathi ibizwa ngokuthi iTestamente Elidala.