Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

panitan/stock.adobe.com

UMKHANKASO WESIKHUMBUZO

UJesu Uzoqeda Ubumpofu

UJesu Uzoqeda Ubumpofu

 Ngesikhathi esemhlabeni,uJesu wabonisa uthando olukhulu ngabantu, ikakhulu kulabo ababempofu nababehlukumezekile. (Mathewu 9:36) Waze wanikela ngokuphila kwakhe ukuze kuzuze abanye. (Mathewu 20:28; Johane 15:13) Maduze, uzophinde abonise ukuthi uyabathanda abantu ngokusebenzisa igunya namandla akhe njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu ukuze aqede ukuhlupheka emhlabeni wonke.

 Lisebenzisa amazwi asankondlo, iBhayibheli lichaza lokho uJesu azokwenza:

  •   “Mayivikele abahluphekile, mayisindise amadodana ompofu.”—IHubo 72:4.

 Yini esingayenza ukuze sibonise ukuthi siyabonga ngakho konke uJesu asenzele kona nalokho asazosenzela kona? Encwadini kaLuka 22:19, uJesu watshela abalandeli bakhe ukuba bakukhumbule ukufa kwakhe. Yileso isizathu esenza oFakazi bakaJehova bahlangane ndawonye minyaka yonke ngosuku uJesu afa ngalo. Siyakumema ukuba ube nathi lapho sikhumbula ukufa kukaJesu ngeSonto, Mashi 24, 2024.

Thola ISikhumbuzo Esiseduze Nawe