Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

HLALANI NILINDILE!

Kungani Inhlonipho Isiyivela Kancane Kangaka?—⁠Lithini IBhayibheli?

Kungani Inhlonipho Isiyivela Kancane Kangaka?—⁠Lithini IBhayibheli?

 Sebembalwa kakhulu abantu abanenhlonipho. Iziguli ezidelelayo zithethisa odokotela; abantu abazokudla ezitolo zokudlela badelela oweta; abagibeli beyisa izisebenzi zasendizeni; izingane eziyimidlwembe zihlekisa ngothisha, zibesabise futhi zibahlasele; abanye osopolitiki benza izinto ezingamahlazo kuyilapho abanye bezama ukuziveza njengabantu abahloniphekile.

 IBhayibheli yilona elisisizayo ukuba sazi ukuthi iyini inhlonipho yangempela. Liyachaza nokuthi kungani inhlonipho intuleka kangaka namuhla.

Kungani inhlonipho isiyivela kancane kangaka?

 Ukuntuleka kwenhlonipho kuthe chithi saka emhlabeni wonke.

  •   Ngokwenhlolovo ehlonishwayo, abantu baseMelika bathi isimilo e-United States sesiwohloke kakhulu manje uma kuqhathaniswa neminyaka engu-22 edlule.

  •   Ngokwenye inhlolovo okwaxoxwa kuyo nabantu abangaphezu kuka-32 000 emazweni angu-28, abangamaphesenti angu-65 bathi ukuwohloka kwesimilo namuhla kubi kakhulu ukwedlula noma yisiphi esinye isikhathi esidlule.

 IBhayibheli layibikezela indlela yokuziphatha esiyibona namuhla.

  •   “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, abaqhoshayo, abazazisayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongi, . . . abangenalo uthando, . . . abanolaka.”—2 Thimothewu 3:1-3.

 Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe mayelana nendlela lesi siprofetho esigcwaliseka ngayo, funda isihloko esithi “Ingabe IBhayibheli Layibikezela Indlela Abantu Abacabanga Nabenza Ngayo Namuhla?

Isiqondiso ongasethemba sokuziphatha ngenhlonipho

 Ezweni lapho inhlonipho isiyivela kancane, izigidi zabantu zithole ukuthi iBhayibheli linesiqondiso esihle kakhulu sokuziphatha ngendlela efanele. Iseluleko salo endabeni yokuziphatha ‘sihlale sithembekile manje naphakade.’ (IHubo 111:8) Cabanga ngalezi zibonelo ezimbalwa:

  •   Okushiwo iBhayibheli: “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumele nizenze kubo.”—Mathewu 7:12.

     Incazelo: Kufanele siphathe abanye ngomusa nangenhlonipho, njengoba nje nathi sifuna ukuphathwa kanjalo.

  •   Okushiwo iBhayibheli: “Njengoba senikuyekile ukukhohlisa, yilowo nalowo kini makakhulume iqiniso nomakhelwane wakhe.”—Efesu 4:25.

     Incazelo: Kufanele sikhulume iqiniso futhi sithembeke kukho konke.

 Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe ngalesi sihloko, sicela ufunde: