Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Ngangizicabangela Mina Kuphela

Ngangizicabangela Mina Kuphela
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1951

  • IZWE AZALELWA KULO: IJALIMANE

  • UMLANDO: NGANGIKHUKHUMELE, FUTHI NGIZAZISA

UKUPHILA KWAMI:

Ngesikhathi ngisemncane umndeni wakithi wawuhlala eduze neLeipzig, eMpumalanga yeJalimane budebuduze nomngcele waseCzech nowasePoland. Lapho ngineminyaka eyisithupha ubudala, umndeni wakithi wathuthela phesheya ngenxa yomsebenzi kababa—saqale sathuthela eBrazil sabe sesiya e-Ecuador.

Lapho sengineminyaka engu-14 ubudala ngathunyelwa esikoleni okuhlalwa kuso eJalimane. Ngenxa yokuthi abazali bami babehlala kude lé eSouth America, kwadingeka ukuba ngizimele. Ngaqala ukuzilawula. Ngangingenandaba nokuthi izenzo zami zibathinta kanjani abanye abantu.

Sengineminyaka engu-17 ubudala abazali bami babuyela eJalimane. Ngaqale ngahlala nabo ekhaya. Kodwa ngenxa yokuthi ngase ngizenzela umathanda kwaba nzima ukuba ngiphinde ngilalele abazali bami. Lapho sengineminyaka engu-18 ubudala ngahamba ekhaya.

Ngaqala ukwehla ngenyuka ngifuna injabulo nenjongo ekuphileni. Ngemva kokubuka izindlela ezihlukahlukene zokuphila nezinhlangano ezihlukahlukene, ngabona ukuthi into engcono engingayenza ngokuphila kwami, ukuhambe ngibuka le planethi enhle engumhlaba ngaphambi kokuba abantu bayonakalise.

Ngahamba eJalimane, ngathenga isithuthuthu ngalibangisa e-Afrika. Nokho, ngokushesha kwadingeka ngibuyele eYurophu ngiyolungisa isithuthuthu sami. Phakathi naleso sikhathi ngaya ogwini lolwandle lwasePortugal. Nganquma ukushiya isithuthuthu ngaqala ukuhamba ngesikebhe.

Ngajoyina iqembu lentsha elalilungela ukunqamula uLwandle i-Atlantic ngomkhumbi. Kulelo qembu ngahlangana noLaurie, owagcina esengumkami. Saqale saya eziqhingini zaseCaribbean ngomkhumbi. Ngemva kokuhlala isikhashana ePuerto Rico, sabuyela eYurophu. Sasethemba ukuthi sizothola umkhumbi esasingahlala kuwo. Kodwa savele saphazamiseka ngemva nje kwezinyanga ezintathu siqalile ukuwufuna. Ngabuthelwa empini eJalimane.

Ngahlala izinyanga ezingu-15 ebuthweni lasemanzini laseJalimane. Phakathi naleso sikhathi, mina noLaurie sashada futhi salungiselela ukuqhubeka nempilo yethu yokuhamba amazwe.  Ngaphambi nje kokukhonza ebuthweni lezempi sasithenge isikebhe esingakaqedwa. Ngesikhathi ngisakhonza ebuthweni lezempi, sasilokhu sisiqedela isikebhe sethu esincane. Sahlela ukuzihlalela kuso njengoba siqhubeka sihamba ngaso sibuka le planethi yethu enhle engumhlaba. Kulapho-ke—ngemva kokukhonza ebuthweni lezempi, kodwa singakasiqedi isikebhe sethu—lapho sahlangana khona noFakazi BakaJehova futhi saqala ukutadisha iBhayibheli.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Ekuqaleni, ngangingasiboni isidingo sokwenza izinguquko ezingako ekuphileni kwami. Ngangishadile futhi sengikuyekile ukubhema. (Efesu 5:5) Mayelana nezinhlelo zethu zokuhamba amazwe, ngacabanga ukuthi ukusebenzisa ukuphila kwethu ekubukeni indalo kaNkulunkulu emangalisayo ngokuqinisekile kuwukuhlakanipha.

Nokho, empeleni zikhona izinguquko okwakudingeka ukuba ngizenze—ikakhulukazi ebuntwini bami. Njengoba ngangikhukhumele kakhulu futhi nginesimo sengqondo sokuzibusa, ngangithembele kakhulu emakhonweni ami nasezintweni engangizifezile. Ngangingenandaba namuntu.

Ngelinye ilanga ngafunda iNtshumayelo kaJesu edumile Yasentabeni. (Mathewu, izahluko 5-7) Ekuqaleni, yangidida injabulo uJesu ayekhuluma ngayo. Ngokwesibonelo, wathi injabulo ingeyalabo abalambile futhi abomile. (Mathewu 5:6) Ngazibuza ukuthi kungenzeka kanjani ukuba umuntu oswele ajabule. Njengoba ngiqhubeka ngitadisha, ngaqaphela ukuthi sonke sinesidingo esingokomoya kodwa kufanele sithobeke sivume ukuthi sinaso ngaphambi kokusanelisa. Kunjengoba uJesu asho: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”Mathewu 5:3.

Ngemva kokuqala ukutadisha iBhayibheli eJalimane, mina noLaurie sathuthela eFrance futhi kamuva saya e-Italy. Nomaphi lapho sasiya khona sasithola oFakazi BakaJehova. Ngahlabeka umxhwele ngokukhethekile lapho ngibona uthando abanalo ngomunye nomunye nobunye babo. Ngabona ukuthi oFakazi ngempela bangabazalwane emhlabeni wonke. (Johane 13:34, 35) Ngokuhamba kwesikhathi mina noLaurie sabhapathizwa njengoFakazi BakaJehova.

Ngemva kokubhapathizwa, ngaqhubeka ngenza ushintsho ebuntwini bami. Mina noLaurie sanquma ukuya ogwini lwase-Afrika bese sinqamula uLwandle i-Atlantic silibangise e-United States. Ngesikhathi sisolwandle—sibabili nje esikebheni esincane sizungezwe ulwandle—ngaqaphela ukuthi angilutho kangakanani uma ngiqhathaniswa noMdali wethu omangalisayo. Njengoba kungekuningi ongakwenza phakathi nolwandle, ngachitha isikhathi esiningi ngifunda iBhayibheli. Okwangithinta kakhulu indaba yokuphila kukaJesu emhlabeni. Wayengumuntu ophelele onamakhono amangalisayo, kodwa akazange aziqhakambise. Ukuphila kwakhe kwakungagxilile kuye kodwa kuYise osezulwini.

Ngabona ukuthi ngangidinga ukubeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwami

Njengoba ngizindla ngesibonelo sikaJesu, ngabona ukuthi kudingeka ngibeke uMbuso kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwami kunokuba ngifune ukwenza izinto ezifunwa yimina. (Mathewu 6:33) Lapho ekugcineni sifika e-United States, sanquma ukuhlala khona futhi sagxila ekukhonzeni uNkulunkulu.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Ukuphila kwami kwangaphambili kokuziphakamisa nokuzicabangela kwakungenza ngihlale ngingabaza izinqumo zami. Nokho, manje sengithole umthombo wokuhlakanipha okuphelele ongiqondisayo. (Isaya 48:17, 18) Ngiye ngathola nenjongo yokuphila engingakaze ngibe nayo—ukukhulekela uNkulunkulu nokusiza abanye bafunde ngaye.

Ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli, mina noLaurie siye sawuqinisa kakhulu umshado wethu. Siye saphinde sabusiswa ngendodakazi enhle, ekhule yazi futhi ithanda uJehova.

Iqiniso liwukuthi besiba nazo izinkinga ekuphileni kwethu. Kodwa ngosizo lukaJehova sizimisele ukuqhubeka enkonzweni yethu futhi sithembele kuye.IzAga 3:5, 6.