Dlulela kokuphakathi

Kungani Kufanele Ngithandaze? Ingabe UNkulunkulu Uzongiphendula?

Kungani Kufanele Ngithandaze? Ingabe UNkulunkulu Uzongiphendula?

Izimpendulo ZeBhayibheli

Yebo, uzoyiphendula. IBhayibheli nezenzakalo zokuphila ezingokoqobo kubonisa ukuthi uNkulunkulu uyayiphendula imithandazo. IBhayibheli lithi: “Uyokwanelisa isifiso sabo bonke abamesabayo [uNkulunkulu], nokukhalela kwabo usizo uyokuzwa, abasindise.” (IHubo 145:19) Kodwa ukuthi uNkulunkulu uzokuphendula yini wena lapho uthandaza kuxhomeke kakhulu kuwe.

Lokho uNkulunkulu akulindele

  • Kufanele sithandaze kuNkulunkulu, hhayi kuJesu, kuMariya, kosanta, ezingelosini noma ezithombeni. UJehova uNkulunkulu kuphela ‘onguMuzwi womthandazo.’—IHubo 65:2.

  • Kufanele sithandaze ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu, noma izimfuneko zakhe eziseBhayibhelini.​—1 Johane 5:14.

  • Kufanele sithandaze egameni likaJesu, siqaphele igunya lakhe. UJesu wathi: “Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.”—Johane 14:6.

  • Kufanele sithandaze ngokholo, sicele ukholo olwengeziwe uma kudingeka.​—Mathewu 21:22; Luka 17:5.

  • Kufanele sithandaze ngokuthobeka nangobuqotho. IBhayibheli lithi: “UJehova uphakeme, nokho uyambona othobekile.”—IHubo 138:6.

  • Kufanele siphikelele emthandazweni. UJesu wathi: “Qhubekani nicela, niyophiwa.”—Luka 11:9.

Izinto ezingasho lutho kuNkulunkulu

  • Uhlanga noma ubuzwe bakho. “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.

  • Indawo okuyo noma indlela omi ngayo. Ungathandaza kuNkulunkulu uhlezi, ukhotheme, uguqile noma umile.—1 IziKronike 17:16; Nehemiya 8:6; Daniyeli 6:10; Marku 11:25.

  • Ukuthi uthandaza uphimisele amagama noma buthule. UNkulunkulu uphendula ngisho nemithandazo eyenziwa buthule, abangayizwa abanye.—Nehemiya 2:1-6.

  • Ukuthi izinkathazo zakho zinkulu noma zincane. UNkulunkulu ukukhuthaza ukuba ‘uphonse zonke izinkathazo zakho phezu kwakhe, ngoba uyakukhathalela.’—1 Petru 5:7.