Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO

Ingabe Kufanele Uthandaze?

Ingabe Kufanele Uthandaze?

Ungase uzibuze, ‘Uma uNkulunkulu azi konke, ngisho nemicabango nezidingo zami, kungani kufanele ngithandaze?’ Lona umbuzo onengqondo. UJesu akashongo yini ukuthi uNkulunkulu “uyazazi izinto enizidingayo ningakaceli nakucela kuye”? (Mathewu 6:8) INkosi uDavide yakwa-Israyeli wasendulo yakuqaphela lokhu, yabhala: “Akukabikho zwi olimini lwami, kodwa, bheka! Jehova, usulazi lonke kakade.” (IHubo 139:4) Pho, kungani kufanele sithandaze kuNkulunkulu? Ukuze siphendule lo mbuzo, ake sihlole lokho okushiwo iBhayibheli ngemithandazo yabakhulekeli bakaNkulunkulu. *

“Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”Jakobe 4:8

 UMTHANDAZO USISONDEZA KUNKULUNKULU

Nakuba iBhayibheli lithi uJehova * uNkulunkulu wazi konke, libonisa nokuthi akanasithakazelo nje kuphela ekutholeni imininingwane ngabakhulekeli bakhe. (IHubo 139:6; Roma 11:33) Inkumbulo yakhe engenamkhawulo ayifani neye-computer egcina imininingwane yabantu nje kuphela. Empeleni, uNkulunkulu unesithakazelo esikhulu emicabangweni yethu ejulile ngoba ufuna sisondele kuye. (IHubo 139:23, 24; Jakobe 4:8) Yingakho uJesu akhuthaza abalandeli bakhe ukuba bathandaze, nakuba uYise ezazi kahle izidingo zethu eziyisisekelo. (Mathewu 6:6-8) Lapho siqhubeka sikhuluma noMdali, siyosondela nakakhulu kuye.

Ngezinye izikhathi, singakuthola kunzima ukwazi ngokuqondile ukuthi yini okufanele siyisho lapho sithandaza. Ezimweni ezinjalo, uNkulunkulu angayiqonda imizwa yethu singakamtsheli yona futhi asebenzise ulwazi oluphelele analo ngezimo zethu ukuze asinikeze lokho esikudinga ngempela. (Roma 8:26, 27; Efesu 3:20) Lapho siqaphela ukuthi uNkulunkulu uyasisiza ekuphileni kwethu, ngisho nangezindlela ezicashile, sizizwa sidonseleka kuye.

INGABE UNKULUNKULU UPHENDULA YONKE IMITHANDAZO?

IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu uMninimandla onke uyayiphendula imithandazo yezinceku zakhe ezithembekile, kodwa lisinikeza nezizathu ezimenza angayilaleli eminye imithandazo. Ngokwesibonelo, ngesikhathi ubudlova buyinsakavukela kwa-Israyeli wasendulo, uNkulunkulu wayala umprofethi wakhe u-Isaya ukuba asho lokhu kubantu: “Ngisho noma nenza imithandazo eminingi, angilalele; zona kanye izandla zenu zigcwele igazi.” (Isaya 1:15) Kusobala ukuthi labo abadelela imithetho kaNkulunkulu noma abathandaza ngezisusa ezimbi abanakulindela ukuba uNkulunkulu abalalele.IzAga 28:9; Jakobe 4:3.

Ngakolunye uhlangothi iBhayibheli lithi: “Kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa.” (1 Johane 5:14) Nokho, ingabe lokho kusho ukuthi uNkulunkulu uzomane nje aphendule zonke izicelo zezinceku zakhe? Cha. Cabanga ngomphostoli uPawulu, owanxusa uNkulunkulu kathathu ukuba asuse “iva enyameni.” (2 Korinte 12:7, 8) Kungenzeka uPawulu wayenenkinga yamehlo. Yeka ukuthi lokho kwakumcindezela kanjani! UPawulu wayenesipho sokwelapha futhi wayeke wavusa nomuntu ofile, kodwa kwadingeka akhuthazelele ukugula kwakhe. (IzEnzo 19:11, 12; 20:9, 10) Ngisho noma izicelo zakhe zingaphendulwanga ngendlela ayeyifuna, uPawulu wayamukela ngokwazisa impendulo kaNkulunkulu.2 Korinte 12:9, 10.

“Yilokhu ukuqiniseka esinakho kuye, ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa.”1 Johane 5:14

Yiqiniso ukuthi imithandazo yabanye abantu abaseBhayibhelini yaphendulwa ngokuyisimangaliso. (2 AmaKhosi 20:1-7) Kodwa lokho kwakungeyona into evamile ngisho nasezikhathini zeBhayibheli. Amanye amakholwa ayephatheka kabi lapho kubonakala sengathi uNkulunkulu akayiphenduli imithandazo yawo. INkosi uDavide yabuza: “O Jehova, uyongikhohlwa kuze kube nini? Kuze kube phakade?” (IHubo 13:1) Kodwa lapho uDavide eqaphela ukuthi sekukaningi kangakanani uJehova emsindisa, waqinisekisa ukwethembela kwakhe kuNkulunkulu. Kuwo lowo mthandazo, uDavide wanezela: “Kepha mina, ngithembelé emseni wakho wothando.” (IHubo 13:5) NjengoDavide, abakhulekeli bakaNkulunkulu namuhla kungase kudingeke baphikelele emthandazweni kuze kube yilapho bebona uNkulunkulu ephendula izicelo zabo.Roma 12:12.

 INDLELA UNKULUNKULU APHENDULA NGAYO IMITHANDAZO

UNkulunkulu usinika esikudinga ngempela.

Ngesizathu esihle, abazali abanothando abaziniki njalo izingane zabo lokho ezikucelayo ngesikhathi ezikucela ngaso. Ngendlela efanayo, uNkulunkulu angase angayiphenduli imithandazo yethu ngendlela esicabanga ukuthi kufanele ayiphendule ngayo noma ngesikhathi esilindele ngaso. Kodwa singaqiniseka ngokuthi uMdali, njengobaba onothando, uzosinika lokho esikudinga ngempela ngesikhathi esifanele nangendlela efanele.Luka 11:11-13.

UNkulunkulu angaphendula umthandazo ngeBhayibheli

UNkulunkulu angaphendula ngezindlela ezicashile.

Kuthiwani-ke uma sithandazela ukuba asisize enkingeni eqhubekayo esibhekene nayo? Ingabe kufanele siphethe ngokuthi uJehova akasiphendulanga nhlobo ngenxa yokuthi ayikho impendulo eyisimangaliso? Ngokuphambene nalokho, kungaba kuhle sihlole ukuthi uNkulunkulu akasisekelanga yini ngezindlela ezicashile. Ngokwesibonelo, mhlawumbe umngane osithandayo wenze okusemandleni ukuze asisize ngesikhathi ebesidinga usizo ngaso. (IzAga 17:17) Akunakwenzeka yini ukuthi nguJehova oshukumise lowo mngane okhathalelayo ukuba asisize? Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu angasebenzisa iBhayibheli ukuze aphendule izicelo zethu. Kulo singathola ukuqonda okudingekayo ukuze sibhekane nesimo esinzima.2 Thimothewu 3:16, 17.

UNkulunkulu angasebenzisa abangane abasithandayo ukuba basisize ngesikhathi esifanele

Kunokuba asuse inkinga, ngokuvamile uNkulunkulu unikeza abantu bakhe amandla adingekayo okubhekana nayo. (2 Korinte 4:7) Ngokwesibonelo, lapho uJesu enxusa uYise ukuba asuse ubunzima, ngenxa yokwesaba ukuthi angase alethe isihlamba egameni likaNkulunkulu, uJehova wathumela ingelosi ukuba iqinise iNdodana yakhe. (Luka 22:42, 43) Ngendlela efanayo, uNkulunkulu angase asebenzise umngane oseduze ukuba asikhuthaze lapho sicindezelekile. (IzAga 12:25) Ngenxa yokuthi lolu hlobo lwempendulo lucashile, kungase kudingeke siyiphaphamele kakhudlwana indlela uNkulunkulu aphendula ngayo imithandazo yethu.

Ezinye izimpendulo kumelwe zilinde isikhathi sikaNkulunkulu.

IBhayibheli lithi uNkulunkulu uMninimandla onke ubonisa umusa kwabathobekile “ngesikhathi esifanele.” (1 Petru 5:6) Ngakho uma kubonakala sengathi uyephuza ukuphendula izicelo zethu ezisuka enhliziyweni, lokho akusho ukuthi uJehova akanandaba nathi. Kunalokho, njengoba ehlakaniphe kakhulu, uMdali wethu osikhathalelayo ngokuqinisekile uyazihlola izicelo zethu, abheke ukuthi yini esiyidinga ngempela.

“Ngakho-ke, zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifanele.”1 Petru 5:6

Ngokwesibonelo: Ake sithi indodana yakho icela uyithengele ibhayisikili. Ingabe uzomane nje uyithengele? Uma unomuzwa wokuthi ayikakhuli ngokwanele ukuba igibele ibhayisikili, ungase unqume ukungayithengeli ngaleso sikhathi. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi ungase uyithengele uma usubona ukuthi isikhule ngokwanele ukuba ibe nalo. Ngendlela efanayo, uNkulunkulu angasinika “izicelo zenhliziyo [yethu]” ezifanele ngesikhathi esifanele uma siqhubeka sithandaza.IHubo 37:4.

QINISEKA NGOKUTHI UNKULUNKULU UYALALELA

IBhayibheli likhuthaza amaKristu eqiniso ukuba aqhubeke ewethemba amandla omthandazo. Abanye bangase bathi, ‘Akulula ukukwenza lokho.’ Yiqiniso ukuthi uma sekuyisikhathi sibekezelele inkinga ethile noma uhlobo oluthile lokungabi nabulungisa, singakuthola  kunzima ukulindela impendulo kaNkulunkulu. Nokho, kuhle ukukhumbula lokho uJesu akufundisa ngokuphikelela emthandazweni.

UJesu wenza umfanekiso womfelokazi ompofu owayelokhu eya kumahluleli ongenabulungisa ukuze athole ubulungisa. (Luka 18:1-3) Nakuba ekuqaleni lo mahluleli enqaba ukumsiza, ekugcineni wathi: “Ngizobona ukuthi uyabuthola ubulungisa, ukuze angalokhu eza futhi angikhathaze ngize ngiphele.” (Luka 18:4, 5) Ngokombhalo wolimi lokuqala, umahluleli wanaka lo mfelokazi ukuze “angalimazi idumela [lakhe].” * Uma ngisho nomahluleli ongenabulungisa ekwazi ukusiza umfelokazi ompofu ngoba evikela idumela lakhe, uNkulunkulu wethu okhathalelayo uyokwenza ngobulungisa nakakhulu kulabo “abakhamuluka kuye imini nobusuku”! Njengoba uJesu asho, uNkulunkulu “uyobangela ukuba benzelwe ubulungisa ngokushesha.”Luka 18:6-8.

“Qhubekani nicela, niyophiwa.”Luka 11:9

Nakuba ngezinye izikhathi kungase kusikhathaze ukucela usizo, akufanele siphele amandla. Ngokuphikelela emthandazweni, sibonisa isifiso sethu esiqotho sokubona uNkulunkulu esisiza ekuphileni kwethu. Sifunda nokuqaphela izimpendulo zikaNkulunkulu lapho sithandaza, futhi ngenxa yalokho, sisondelana naye. Yebo, singaqiniseka ngokuthi uJehova uyoyiphendula imithandazo yethu efanele uma siqhubeka sicela ngokholo.Luka 11:9.

^ isig. 3 Uma sifuna ukuba uNkulunkulu alalele imithandazo yethu, kumelwe sizame ngobuqotho ukwenza lokho akufunayo. Uma senza kanjalo, singase siwabone amandla omthandazo njengoba kushiwo kulesi sihloko. Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, bheka isahluko 17 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova noma ungene engosini ethi www.pr418.com/zu.

^ isig. 5 IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.

^ isig. 22 Ngezikhathi zeBhayibheli, uNkulunkulu wayelindele ukuba abahluleli bakwa-Israyeli babacabangele ngokukhethekile abafelokazi nezintandane.Duteronomi 1:16, 17; 24:17; IHubo 68:5.