Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Oleh_Slobodeniuk/E+ via Getty Images

UNkulunkulu Uthembisa Ukuthi Lisekhona Ithemba Ngomhlaba

UNkulunkulu Uthembisa Ukuthi Lisekhona Ithemba Ngomhlaba

“Umhlaba unamandla kakhulu kunalokhu ebesikucabanga.”

Yileso isiphetho iqembu labacwaningi lakwamanye amazwe elafika kuso ngokushintshashintsha kwesimo sezulu. Uma ukholelwa kuMdali onendaba nesintu, lesi siphetho sososayensi singakukhumbuza izindlela uNkulunkulu aklame ngazo umhlaba wethu okwazi ukuzivuselela.

Noma kunjalo, ngenxa yokuthi abantu sebewonakalise kakhulu umhlaba ngeke usakwazi ukuzivuselela ngokwawo. Kungani singaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uzokwenza okuthile ngalokho?

ImiBhalo esebhokisini isiqinisekisa ngokuthi ngeke ubhubhe umhlaba nokuthi uzolungiseka.

  • Umhlaba wadalwa uNkulunkulu. “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.”—Genesise 1:1

  • UNkulunkulu ungumnikazi womhlaba. “Umhlaba nakho konke okukuwo kungokukaJehova.” aIHubo 24:1

  • UNkulunkulu wadala umhlaba ukuze uhlale phakade. “Ubeke umhlaba phezu kwezisekelo zawo; ngeke ususwe endaweni yawo kuze kube phakade naphakade.”—IHubo 104:5

  • UNkulunkulu uthembisa ukuthi izinto eziphilayo ziyophila phakade emhlabeni. “UNkulunkulu weqiniso, uMbumbi womhlaba,. . . ongawudalelanga ize kodwa owawubumba ukuze kuhlalwe kuwo.”​—Isaya 45:18

  • UNkulunkulu uthembisa ukuthi izinto eziphilayo ziyophila phakade emhlabeni. “Abalungile bayodla ifa lomhlaba, bahlale kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29

Ngisho zikhona izinto ezisemhlabeni ezisetshenziswa abantu ukuze baphile, umhlaba uyakwazi ukuzivuselela ngenxa yokuthi uNkulunkulu uwudale ukuba wenze kanjalo. IBhayibheli libikezela ukuthi uJehova uNkulunkulu ngesikhathi sakhe uyobhubhisa abantu abacekela phansi umhlaba.—IsAmbulo 11:18

IBhayibheli lithembisa ukuthi uNkulunkulu ngaleso sikhathi uyokwenza umhlaba ube muhle ube ipharadesi bese evula isandla sakhe ‘anelise isifiso sayo yonke into ephilayo.’—IHubo 145:16

a UJehova yigama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.