Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

3 Usizo Lokubhekana Nezinkinga

3 Usizo Lokubhekana Nezinkinga

Kunezinkinga esingeke sikwazi ukuzigwema, noma ukuzixazulula. Ngokwesibonelo, akukho ongakwenza uma ushonelwe noma uphethwe isifo esingamahlala-khona, ngaphandle kokuthola izindlela zokubhekana nobuhlungu obuzwayo. IBhayibheli lingakusiza yini kulobo bunzima?

ISIFO ESINGAMAHLALA-KHONA

URose uthi: “Nginesifo esingenza ngihlale ngisezinhlungwini. Impilo yami iye yawohloka.” Enye yezinto ezazimkhathaza kakhulu ukuthi ngezinye izikhathi wayengakwazi ukugxilisa ingqondo yakhe lapho efunda iBhayibheli noma enza ezinye izinto eziqinisa ubuhlobo bakhe noNkulunkulu. Amazwi kaJesu akuMathewu 19:26 athi: “KuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka,” amsiza kakhulu. URose wafunda ukuthi ziningi izindlela zokutadisha. Izinhlungu zazenza kube nzima ngezinye izikhathi ukufunda, ngakho esikhundleni sokufunda iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo, wayevele alalele lokho okurekhodiwe. * Uthi: “Ukube bezingekho izinto ezirekhodiwe, angazi ukuthi bengizoqhubeka kanjani ngiqinisa ubuhlobo bami noNkulunkulu.”

Lapho uRose ephatheke kabi ngenxa yokungakwazi ukwenza izinto ayekwazi ukuzenza ngaphambili, wayeduduzwa amazwi akweyesi-2 Korinte 8:12 athi: “Uma ukulungela kukhona kuqala, kwamukeleka ngokukhethekile ngokwalokho umuntu anakho, hhayi ngokwalokho umuntu angenakho.” La mazwi akhumbuza uRose ukuthi uNkulunkulu uyajabula ngalokho akwazi ukukwenza, ngoba yilokho okusemandleni akhe.

USIZI

UDelphine, okukhulunywe ngaye ngaphambili uthi: “Ngemva kokushonelwa indodakazi yami eneminyaka engu-18, ngangicabanga ukuthi ngangingeke ngikwazi ukuqhubeka nokuphila. Ukuphila kwami kwase kushintshe kakhulu.” Amduduza kakhulu amazwi umhubi awasho kuNkulunkulu emBhalweni weHubo 94:19, othi: “Lapho imicabango yami engincisha ukuthula iba miningi ngaphakathi kimi, induduzo yakho yaqala ukuwotawota umphefumulo wami.” Uthi: “Ngacela uJehova ukuba angisize ngithole izinto engingazenza, ezazingadambisa ubuhlungu.”

Wazigcina ematasa, esiza abanye. Wazifanisa nekhrayoni elinqamukile, ngisho nekhrayoni elinjalo usuke usengakwazi ukudweba isithombe esihle ngalo. Nakuba naye ayezizwa ephukile, wayesengakwazi ukusiza abanye. Uthi: “Ngathola ukuthi ukusebenzisa imiBhalo ukuze ngiduduze labo engangitadisha nabo iBhayibheli, nami kwakungisiza ngithole induduzo evela kuJehova.” Wabhala amagama abantu abaseBhayibhelini ababhekana nosizi. Uthi, “Bonke babengayeki ukuthandaza.” Nakhu okunye akushoyo, “Uma ungalifundi iBhayibheli, ngeke uluthole usizo.”

Ukutadisha iBhayibheli kufundise uDelphine ukuba angagxili ezintweni esezedlule. Ududuzwa ithemba okukhulunywa ngalo encwadini yezEnzo 24:15 ethi: “Kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.” UDelphine uwakholelwa kangakanani la mazwi? Uyaphendula: “Ngiyibona ngokucacile indodakazi yami ezweni elisha. Kimina kufana nokuthi uJehova uselumakile ekhalendeni laKhe usuku mina nendodakazi yami esizohlangana ngalo. Ngiyazicabanga senginaye engadini yethu, futhi akulona nje iphupho elifiphele, engqondweni yami uyaphila njengoba ayephila lapho ngiqala ukumgona futhi ngisamthanda ngendlela efanayo.”

^ isig. 4 Kunezinye izinto eziningi ezirekhodiwe ezitholakala ku-jw.org/zu.

IBhayibheli lingakududuza ngisho nangezikhathi ezinzima kakhulu