Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Liphelelwe Isikhathi Noma Likhuluma Ngezinto Abaningi Abangakaziqondi?

Liphelelwe Isikhathi Noma Likhuluma Ngezinto Abaningi Abangakaziqondi?

ISAYENSI

IBHAYIBHELI ALIYONA INCWADI YESAYENSI, KODWA LINEZINTO ELAZISHO KUDALA OSOSAYENSI BENGAKAZAZI. NAZI IZIBONELO ZALEZO ZINTO.

Izinto ezisemhlabeni nasezulwini zinaso yini isiqalo?

Ososayensi abahlonishwayo, babeqiniseka ukuthi azinaso isiqalo. Kodwa manje sebeyavuma ukuthi okusemhlabeni nasezulwini kunaso isiqalo. IBhayibheli lakusho kudala lokho.—Genesise 1:1.

Umhlaba umi kanjani?

Kudala, abantu abaningi babecabanga ukuthi umhlaba uyisicaba. Ngekhulu lesihlanu B.C.E, usosayensi ongumGreki wathi umhlaba uyindilinga. Kodwa eminyakeni eminingi ngaphambi kwalokho, umbhali weBhayibheli u-Isaya wakhuluma ‘ngesiyingi somhlaba,’ okuyigama elifanayo nelithi “indilinga.”—Isaya 40:22.

Ingabe izinto ezisemkhathini ziyawohloka ngokuhamba kwesikhathi?

U-Aristotle, usosayensi ongumGreki, owayephila ngekhulu lesine B.C.E., wafundisa ukuthi yizinto ezisemhlabeni kuphela ezigugayo, kodwa lokho akwenzeki ezintweni ezisemkhathini futhi zona asishintshi. Kwaphela isikhathi eside abantu becabanga ngale ndlela. Ngekhulu le-19, umbono wososayensi washintsha. Bathola ukuthi zonke izinto, kungakhathaliseki ukuthi zisemkhathini noma emhlabeni, ngokuhamba kwesikhathi ziyaguga. Omunye wososayensi abasiza ekwenzeni lolu cwaningo kwakunguLord Kelvin, waphawula ukuthi iBhayibheli lisho lokhu ngamazulu nomhlaba: “Konke kuyoguga njengengubo nje.” (IHubo 102:25, 26) UKelvin wayekholelwa ukuthi uNkulunkulu angakhetha ukuvikela indalo yaKhe ukuze ingonakali, njengoba iBhayibheli lifundisa.​—UmShumayeli 1:4.

Yini ebambe umhlaba kanye namanye amaplanethi?

U-Aristotle wafundisa ukuthi umhlaba uphakathi kweplanethi ethile eyindilinga nayo ephakathi kweplanethi ethile eyindilinga, kanjalo kanjalo. Ngekhulu le-18 C.E, ososayensi baqonda ukuthi ayikho into ebambe amaplanethi nezinkanyezi. Encwadini kaJobe, eyalotshwa ngekhulu le-15 B.C.E sifunda ukuthi uMdali ‘ulengise umhlaba phezu kweze.’—Jobe 26:7.

EZOKWELAPHA

IBHAYIBHELI NAKUBA LINGEYONA INCWADI YESAYENSI, LINEZIQONDISO EZIBONISA UKUTHI LINOLWAZI OLUNGCONO KAKHULU NGEZOKWELAPHA.

Ukuhlukanisa abantu abagulayo kwabangaguli.

UMthetho KaMose wawuthi abantu abanochoko kwakungamelwe bahlale nabantu abangenalo. Odokotela baze bakufunda eminyakeni engaba ngu-700 eyedlule, lapho sekwande izifo ezithelelanayo, ukubaluleka kokusebenzisa lokho okwakushiwo uMthetho KaMose, okuyinto esasetshenziswa kwamanje.​—Levitikusi izahluko 13 no 14.

Ukugeza ngemva kokuthinta isidumbu.

Kwakuyinto evamile ukuba odokotela bathinte izidumbu bese bethinta iziguli eziphilayo bengazigezanga izandla, kwaze kwaba seminyakeni engaba ngu-150 eyedlule. Lokho kwabulala abantu abaningi. UMthetho KaMose wawuthi umuntu othinta isidumbu wayeba ongcolile. Wawuphinde uthi lowo umuntu kwakumelwe ageze ngamanzi ukuze ahlanzeke. Ukulandela imithetho enjalo kwakuvikela izimpilo zabantu.​—Numeri 19:11, 19.

Ukulahla udoti.

Ngenxa yokuthi abantu balahla udoti onendle noma yikuphi, izingane ezingaphezu kwezingu-500 000 zibulawa isifo sohudo, unyaka ngamunye. UMthetho KaMose wawuthi indle kufanele igqitshwe kude nabantu.​—Duteronomi 23:13.

Isikhathi sokusoka.

UMthetho kaNkunkulu wawuthi ingane yomfana kwakufanele isokwe uma isinezinsuku ezingu-8 izelwe. (Levitikusi 12:3) Igazi lengane esanda kuzalwa liqala ukwakha amahlule ngemva kwesonto izelwe. Ngezikhathi zeBhayibheli, ngaphambi kokuthuthuka kolwazi lwezokwelapha, ukulinda kuphele isonto ngaphambi kokusoka umntwana kwakuyindlela ehlakaniphile yokumvikela.

Ukuhlobana phakathi kwemizwa yakho nendlela ozizwa ngayo emzimbeni.

Abacwaninga ngezempilo nososayensi bathi uma ungumuntu obongayo, ujabule, unethemba futhi ukwazi ukuxolela abanye, kuyakusiza ube nempilo enhle. IBhayibheli lithi: “Inhliziyo ejabulayo ingumuthi omuhle, kodwa umoya omunyu womisa amathambo.”​—IzAga 17:22.