Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Ingabe kufanele abathengisi ababedayisa izilwane ethempelini laseJerusalema babizwe “ngabaphangi”?

NGOKWEVANGELI likaMathewu, “UJesu wangena ethempelini waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshi bemali namabhentshi alabo abathengisa amajuba. Wathi kubo: ‘Kulotshiwe ukuthi, “Indlu yami iyobizwa ngokuthi yindlu yomthandazo,” kodwa nina niyenza umhume wabaphangi.’”​—Math. 21:12, 13.

Umlando wamaJuda ubonisa ukuthi abathengisi basethempelini babexhaphaza abantu ngokubadayisela ngemali ebiza kakhulu. Ngokwesibonelo, iMishnah (Keritot 1:7) inomlando wokwenzeka ngekhulu lokuqala, lapho inani lamajuba amabili okwenza umhlatshelo laphakama laba udanariyu wegolide. Lokho kwakungalingana nomholo wezinsuku ezingu-25 owawungatholwa umuntu ongenalo ikhono lomsebenzi. Abahluphekayo babevunyelwe ukunikela ngamajuba; nokho, imali yawo yayenza bangakwazi ukunikela. (Lev.1:14; 5:7; 12:6-8) URabi, uSimeyoni indodana kaGamaliyeli ecasulwa yindlela izinto ezazenzeka ngayo, wanciphisa iminikelo eyimpoqo okumelwe yenziwe. Lokho kwabangela ukuthi amanani amajuba amabili ehle kakhulu kunalokho ayeyikho ekuqaleni.

Ngokwalokho esixoxe ngakho, uJesu kwakufanele abize abathengisi basethempelini ngokuthi “abaphangi” ngenxa yokuthi babexhaphaza abantu futhi bengamagovu.