Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungakwazi Yini Ukubheka Ngale Kokubukeka Kwangaphandle?

Ungakwazi Yini Ukubheka Ngale Kokubukeka Kwangaphandle?

UDON, omunye woFakazi BakaJehova waseCanada, uhlale eshumayeza abantu abahlala emgwaqweni. Ekhuluma ngomunye walaba bantu, uDon uthi: “Enye indoda ehlala emgwaqweni ebizwa ngokuthi uPeter yayingcole ukubedlula bonke abantu engake ngababona kulo mgwaqo. Yayingathandeki futhi yayikwazi kahle ukwenza abantu bangasondeli kuyo. Yayingakufuni ukusizwa.” Noma kunjalo kwaphela iminyaka engaphezu kwengu-14 uDon ezama ukuyisiza le ndoda.

Ngolunye usuku, uPeter wabuza uDon: “Kwenzenjani wanginaka kangaka? Wonke umuntu uvele adlule angishiye. Kungani wena wedwa unendaba nami?” Ngokuhlakanipha uDon wasebenzisa imiBhalo emithathu ukuze afinyelele inhliziyo kaPeter. Okokuqala wabuza uPeter ukuthi uyalazi yini igama likaNkulunkulu wabe esemcela ukuba alifunde encwadini yeHubo 83:18. Okwesibili, ukuze abonise ukuthi kungani enendaba, uDon wathi uPeter akafunde eyabaseRoma 10:13, 14, ebonisa ukuthi “wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.” Ekugcineni uDon wafunda uMathewu 9:36 wabe esethi uPeter akazifundele yena. Lo mBhalo uthi: “Lapho [uJesu] ebona izixuku wafikelwa isihawu ngazo, ngoba zaziphundlekile futhi zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” Ehlengezela izinyembezi, uPeter wabuza: “Ngifana nalezi zimvu yini nami?”

UPeter waqala ukushintsha. Wageza, washefa kahle, wagqoka nezingubo ayeziphiwe uDon. UPeter wabe esehlala ehlanzekile.

UPeter wayenencwadi abhala kuyo izinto ezenzekayo. Izingxeye zokuqala zale ncwadi zazibonisa ukungabi nathemba kodwa ezamuva zazihlukile. Okunye akubhala kuthi: “Namuhla ngifunde ngegama likaNkulunkulu. Manje lapho ngithandaza, ngithandaza kuJehova. Kuyangijabulisa ukwazi igama lakhe. UDon uthi uJehova angaba umngane wami, umuntu ongangilalela noma nini noma kuphi noma ngabe kwenzekani.”

Amazwi akhe okugcina ale ncwadi wayewaqondise ezinganeni zakubo. Wabhala:

“Angizizwa kahle namhlanje. Ngicabanga ukuthi ukuguga kuyangihlasela. Kodwa, ngisho noma ngingafa namhlanje, ngiyazi ukuthi ngizophinde ngimbone umngane wami [uDon] ePharadesi. Uma nifunda le ncwadi kusho ukuthi sengifile. Kodwa uma nibona indoda emngcwabeni wami eningaqondi ukuthi kungani ikhona, nikhulume nayo futhi ngicela nifunde le ncwadi eluhlaza [esho incwadi yokutadisha iBhayibheli ethi “IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade” ayeyithole eminyakeni eminingi ngaphambili]. * Ithi ngizophinde ngimbone umngane wami ePharadesi. Ngikukholelwa ngenhliziyo yami yonke lokhu. Umfowenu onithandayo, uPeter.”

Ngemva komngcwabo, udadewabo kaPeter, u-Ummi uthi: “UPeter uye wangithina eminyakeni emibili edlule. Kwakungokokuqala ngemva kweminyaka eminingi, wabonakala ejabule. Waze ngisho wamoyizela.” U-Ummi wathi kuDon: “Ngizoyifunda le ncwadi ngoba noma yini ebingathinta umfowethu kumelwe ukuba ibalulekile.” U-Ummi waphinde wavuma ukufunda nomunye woFakazi BakaJehova incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

Nathi singabheka ngale kokubukeka kwangaphandle, sibonise uthando futhi sibekezelele zonke izinhlobo zabantu. (1 Thim. 2:3, 4) Njengoba senza kanjalo singase sikwazi ukusiza abantu abanjengoPeter, abantu abangabukeka bexakile kodwa benenhliziyo enhle. Singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu ‘obona okusenhliziyweni’ uzokwenza iqiniso likhule ezinhliziyweni zabantu abafanelekayo.​—1 Sam. 16:7; Joh. 6:44.

^ isig. 7 Le ncwadi yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova.