Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Yibuphi obunye ubufakazi obukhona ngaphandle kobuseBhayibhelini bokuthi ama-Israyeli ayeyizigqila eGibhithe?

IBhayibheli lithi ngemva kokuba abakwaMidiyani beyise uJosefa eGibhithe, uJakobe nomndeni wakhe basuka eKhanani bayohlala eGibhithe. Bafike bahlala endaweni okuthiwa iGosheni, eyayiseduze nomfula iNayili. (Gen. 47:1, 6) Ama-Israyeli ayeqhubeka ‘anda futhi eba namandla.’ Ngakho abaseGibhithe bawasaba futhi bawenza izigqila.—Eks. 1:7-14.

Abanye abagxeki beBhayibheli bangesikhathi sethu baye bahlekisa ngale ndaba eseBhayibhelini, bethi iyinganekwane. Nokho, bukhona ubufakazi bokuthi amaSemite * ayeyizigqila eGibhithe lasendulo.

Ngokwesibonelo, imivubukulo iye yathola amanxiwa emizi yasendulo enyakatho yeGibhithe. Udokotela uJohn Bimson ubika ukuthi bukhona ubufakazi bokuthi kunemizi engu-20 noma ngaphezulu okwakuhlala kuyo amaSemite kuleyo ndawo esenyakatho yeGibhithe. Ngaphezu kwalokho, usosayensi wezinto zasendulo zaseGibhithe uJames K. Hoffmeier uthi: “Esikhathini esicishe sisukele ku-1800 kuya ku-1540 B.C., iGibhithe laliyindawo abantu basentshonalanga ye-Asia abakhuluma isiSematic ababethanda ukuthuthela kuyo.” Uyanezela: “Lesi sikhathi siyafana nesikhathi sezinzalamizi futhi ngaso leso sikhathi kwenzeka izinto ezifanayo nalezo esifunda ngazo kuGenesise.”

Kunobufakazi obengeziwe eningizimu yeGibhithe. I-papyrus eyabhalwa cishe ngo-2000 kuya ku-1600 B.C.E. inamagama ezigqila ezazisebenza emzini owawuseningizimu yeGibhithe. Amagama angaphezu kwangu-40 ayengawesiSemitic. Lezo zigqila, noma izinceku, zazingabapheki, abeluki nezisebenzi nje ezivamile. UHoffmeier uyaphawula: “Ngenxa yokuthi ayengaphezu kuka-40 amaSemite ayesebenza emzini owodwa eThebaid [eningizimu yeGibhithe], kumelwe ukuba ayemaningi kakhulu ayekulo lonke iGibhithe, ikakhulukazi ngasemfuleni.”

Isazi semivubukulo uDavid Rohl sabhala ukuthi amanye amagama ezigqila akulolo hlu “afana nse namagama ongawafunda eBhayibhelini.” Ngokwesibonelo, iziqephu zinamagama afana namagama athi Isakare, Asheri noShifira. (Eks. 1:3, 4, 15) URohl uyaphetha: “Lobu ubufakazi ubuqand’ ikhandi bokuthi ama-Israyeli ayeseGibhithe futhi eyizigqila.”

Udokotela uBimson uthi: “Izenzakalo ezenzeka eBhayibhelini njengobugqila baseGibhithe nofuduko okukhulunywa ngalo ku-Eksodusi, zinobufakazi obuqinile obungokomlando.”

^ par. 4 Igama elithi Semite livela egameni likaShemu, enye yamadodana kaNowa amathathu. Inzalo kaShemu cishe ihlanganisa ama-Elamu, ama-Asiriya, amaKhaledi, amaHebheru, abaseSiriya nezinye izizwe ezihlukahlukene zama-Arabhu.