Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGABE KWAKLANYWA?

Isikhumba Esimunca Ubumanzi Sesibankwa Esinameva

Isikhumba Esimunca Ubumanzi Sesibankwa Esinameva

ISIBANKWA esinameva sase-Australia (I-Moloch horridus) simunca ubumanzi lapho kunenkungu, umswakama, nasesihlabathini esimanzi. Lawo manzi sibe sesiwadlulisela emlonyeni ukuze siwaphuze. Kanjani? Impendulo ingase incike esikhunjeni saso esisebenza ngokumangalisayo.

Imisedlana esesikhunjeni ixhumene nemizila eminingi engaphansi kwaso ukuze amanzi aqonde ezinhlangothini zomlomo wesibankwa esinameva

Cabanga ngalokhu: Isikhumba salesi sibankwa esinameva sembozwe amazenga alekene. Abanye ososayensi bacabanga ukuthi ubumanzi noma amazolo akula mazenga ayahamba aze afike engxenyeni emahhadla yesikhumba, abese engena ngaphakathi esikhunjeni ngemisedlana noma imizila eminingi, ephakathi kwamazenga. Le mizila ixhumene futhi ihamba ize ifike ezinhlangothini zomlomo zalesi sibankwa esinameva.

Kodwa sikwazi kanjani lesi sibankwa ukudonsa amanzi—asuke emilenzeni, anqamule emzimbeni, ayongena emlonyeni—singaphazanyiswa amandla adonsela phansi? Futhi sikwazi kanjani ukumunca ubumanzi ngokuzihlikihla ngesisu ezindaweni ezimanzi?

Abacwaningi baye bembula imfihlo yalesi sibankwa esinameva. Imizila esesikhunjeni ihlanganiswe imigudu kolunye uxhaxha lwemizila olungezansi, ngaphakathi kwesikhumba sesibankwa. Indlela le mizila eyakheke ngayo, yenza amanzi akhuphuke endaweni encane, ngaphandle kokuphazanyiswa amandla adonsela phansi. Ngalowo mqondo isikhumba sesibankwa sisebenza njengesipontshi.

UJanine Benyus, owengamele i-Biomimicry Institute, uthi ukulingisa le nqubo yokumunca amanzi kwezobuchwepheshe kungase kusize onjiniyela ukuba baklame isimiso sokususa umswakama emoyeni ukuze izakhiwo ziphole futhi kutholakale amanzi okuphuza.

Ucabangani? Ingabe isikhumba esimunca ubumanzi sesibankwa esinameva saba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe saklanywa?