Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGABE KWAKLANYWA?

Umbala Oluhlaza Okwesibhakabhaka We-Pollia Berry

Umbala Oluhlaza Okwesibhakabhaka We-Pollia Berry

ISITSHALO i-Pollia condensata esitholakala e-Afrika, sinesithelo esibukeka sinombala oluhlaza okwesibhakabhaka ogqame kunowazo zonke izitshalo. Noma kunjalo, isikhumba saso asinawo umbala. Pho yini eyenza sibonakale sinombala omuhle kangaka?

Cabanga ngalokhu: Isikhumba salesi sithelo sakhiwa amaseli anemicu ehlelwe yaba izitaki njengezinti ezisebhokisini likamentshisi. Isitaki esingenhla asiqali maqondana nesitaki esingezansi kunalokho zishiyana ngendlela yokuthi esingaphansi siyabonakala bese zakha into efana nesitebhisi esizungeza siye phezulu. Umucu ngamunye awunawo umbala oluhlaza okwesibhakabhaka. Lo mbala wakhiwa indlela le micu etakwe ngayo. Ngakho, lesi sithelo asinawo umbala kodwa into eyenza sibonakale sengathi sinawo yindlela lezi zitaki ezime ngayo. Amaseli amaningi alesi sithelo abukeka eluhlaza okwesibhakabhaka. Kodwa ngenxa yokushiyana kwalezi zitaki, angabukeka eluhlaza okotshani, e-pink noma enombala ophuzi kuye ngokuthi ume ngakuphi. Ngaphezu kwalokho, uma la maseli ehlolisiswa awabonakali enombala owodwa ohlangene kodwa kubonakala kungamachashaza amancane amaningi akha umbala.

Njengoba lesi sithelo singenawo umbala, noma sesiwile esihlahleni saso sihlale sibukeka siluhlaza okwesibhakabhaka. Empeleni, kunezithelo ezakhiwa eminyakeni engaphezu kweyikhulu edlule kodwa ezisezinhle sengathi zikhiwe izolo! Abacwaningi bathi nakuba lesi sithelo singadleki sinezinhlamvu nje kuphela, izinyoni azipheli kuso.

Ososayensi bakholelwa ukuthi ukungabi nambala kwalesi sithelo kungabasiza benze odayi abangaphuphi namaphepha angeke enziwe umgunyathi.

Ucabangani? Ingabe umbala omuhle we-Pollia berry wazivelela noma waklanywa?