Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ukuziphendukela Kwemvelo

Ukuziphendukela Kwemvelo

Abanye bathi ukuphila kwazivelela. Abanye bagomela ngokuthi uNkulunkulu waqala umsebenzi wokudala, ezinye izinto eziphilayo zase ziba khona ngokuziphendukela kwemvelo. Lithini iBhayibheli?

Ingabe ukulandisa kweBhayibheli ngendalo kuyawuchitha umbono wokuthi indawo yonke yaba khona ngokuqhuma okukhulu?

IBhayibheli lithi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.” (Genesise 1:1) Alisho ngokuqondile ukuthi uNkulunkulu wazidala kanjani zonke izinto. Ngakho, ngisho kungathiwa indawo yonke yaba khona ngokuqhuma okukhulu, lokho bekungeke kuphikisane nalokho okushiwo iBhayibheli. Kunalokho, uGenesise 1:1 ungawuphendula umbuzo othi, Ubani owabangela lokho kuqhuma okukhulu?

Yiqiniso, ososayensi abaningi bakholelwa ukuthi ukuqhuma okukhulu kwakuyisenzakalo esingahleliwe, futhi esingaqondiswa muntu esaholela ekuzihleleni kwezinhlayiya zezinto zaba izinkanyezi namaplanethi ngemva kwenkathi ethile. IBhayibheli aliwusekeli lowo mbono, kodwa liveza ukuthi ukuba khona kwendawo yonke kwakuyisenzo sikaNkulunkulu ngokuqondile, kungaba ngokusebenzisa ukuqhuma okukhulu noma enye indlela yokudala.

“Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.”Genesise 1:1.

Ingabe ukulandisa kweBhayibheli kuyavumelana noshintsho olwenzeka ezintweni eziphilayo ngemva kwesikhathi?

Yebo. IBhayibheli lithi uNkulunkulu wadala izinto eziphilayo “ngezinhlobo zazo.” (Genesise 1:11, 12, 21, 24, 25) Ingabe ukuhlukahluka phakathi kwezinto zohlobo olulodwa kungenzeka? Yebo. Noma kunjalo, ingabe lokho kuhluka okuphakathi kohlobo olulodwa, kufakazela ukuthi ekugcineni kungenzeka kube nezinhlobo ezintsha. Cha.

Cabanga ngalesi sibonelo: Ngawo-1970, abacwaningi benza ucwaningo ngezintaka eziQhingini zaseGalápagos. Baphawula ukuthi izinguquko zesimo sezulu zabangela ukuba izintaka ezinoqhwaku olukhudlwana ziphile kangcono kunezinoqhwaku oluncane. Abanye baphetha ngokuthi, lokhu kwakuwubufakazi bokuziphendukela kwemvelo. Kodwa, ingabe kwakuwubufakazi bokuziphendukela kwemvelo noma kwakumane nje kuwushintsho olungatheni olubangelwa izakhi zofuzo? Eminyakeni eyalandela, izintaka ezinoqhwaku oluncane zaphinde zanda. Lolu cwaningo lwaholela uJeffrey H. Schwartz, onguprofesa wezenhlalo nemvelaphi yabantu ukuba aphethe ngokuthi nakuba lolu shintsho olungatheni lungase lusize izinto eziphilayo ukuba ziqhubeke ziphila ngaphansi kwezimo ezishintshayo, “aludali uhlobo olusha.”

Ingabe iBhayibheli nemfundiso yokuziphendukela kwemvelo kungavunyelaniswa?

IBhayibheli lithi, “[UNkulunkulu] wadala zonke izinto.” (IsAmbulo 4:11) Akazange ‘aphumule’ kwaze kwaba yilapho esewuqedile umsebenzi wakhe wokudala. (Genesise 2:2) Iphuzu licacile: UNkulunkulu akadalanga uhlobo olulodwa lwento ephilayo wabe esephumula, noma walinda, kuyilapho leyo nto iziphendula iba izinhlobonhlobo zezinhlanzi, izinkawu nabantu ezigidini zeminyaka eyalandela. * Lowo mbono, obizwa ngokuthi ukuziphendukela kwemvelo isuka kolunye uhlobo iye kolunye, uyayiphika indima yoMdali, lowo iBhayibheli elithi “wenza amazulu nomhlaba, ulwandle nakho konke okukukho.”Eksodusi 20:11; IsAmbulo 10:6.

“Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto.”IsAmbulo 4:11.

Ukuze uthole okwengeziwe: IBhayibheli lithi ngoNkulunkulu, “Izimfanelo zakhe ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe.” (Roma 1:20) Ukufunda ngoNkulunkulu kungenza ukuphila kube nenjongo, ngoba unenjongo yothando ehlanganisa bonke labo abamfuna ngobuqotho. (UmShumayeli 12:13; Hebheru 11:6) Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngena engosini ethi www.pr418.com/zu noma uxhumane noFakazi BakaJehova. Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI.

^ isig. 12 IBhayibheli aliwusekeli umbono wokuthi uNkulunkulu wadala umhlaba ngezinsuku eziyisithupha ezingamahora angu-24. Ukuze uthole okwengeziwe, bheka amakhasi 24-27 encwajana ethi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa? Le ncwajana inyatheliswa oFakazi BakaJehova futhi iyatholakala mahhala engosini ethi www.pr418.com/zu.