Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

USIZO LOMKHAYA | UMSHADO

Ukusebenzelana Nabasekhweni Nabasemzini

Ukusebenzelana Nabasekhweni Nabasemzini

INSELELE

“Ngesikhathi sibhekene nenkinga ethile, umkami waxoxela abazali bakhe ngayo. Uyise wabe esengishayela ucingo ukuze anginike amacebiso. Akungijabulisanga neze lokho!”—UJames. *

““Umamezala wami uvame ukuthi, ‘Ave ngimkhumbula umfana wami!’ Uxoxa ngendlela ababesondelene ngayo, okungenza ngizizwe nginecala ngokushada naye, nokumbangela bonke lobu buhlungu!”—UNatasha.

Kungenzeka yini ukuba inkinga yokusebenzelana nabasemzini nabasekhweni ingabi inkinga yomshado wenu?

OKUMELWE UKWAZI

Umshado uyisiqalo somkhaya omusha. IBhayibheli lithi indoda eshadelwayo “iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo.” Kungokufanayo nangenkosikazi ngokuphathelene nabazali bayo nomyeni wayo. Lapho ishada, iBhayibheli lithi, laba ababili “bayoba nyamanye.” Bangumkhaya omusha.—Mathewu 19:5.

Umshado wakho yiwo oza kuqala kunabazali bakho. UJohn M. Gottman ongumeluleki wezemishado uyabhala, “Enye yezinto ezibalulekile kubantu abashadile, ukuba bacabange ngo-‘thina’ esikhundleni sika-‘mina.’ Ukwakha noma ukuvuselela ubunye nalowo oshade naye, kungase kuhilele ukuhoxa nokuqhela kancane emndenini wakini.” *

Abanye abazali bangase bakuthole kunzima ukuzivumelanisa nezimo. Omunye umyeni osemusha uyalandisa: “Ngaphambi kokuba sishade, umkami wayebeka izidingo zabazali bakhe njalo ngaphambi kwezakhe. Lapho sesishadile, unina wabona ukuthi sekunomunye umuntu oza kuqala ekuphileni kwakhe. Kwakungelula ukukwamukela lokho.”

Abanye abasanda kushada, nabo bangase bakuthole kunzima ukuzivumelanisa nezimo. UJames oke wacashunwa uthi: “Abasekhweni abafani nabangane ozikhethela bona. Kunjengokungathi kunothile othe, ‘Usunabangane ababili abasha, kungakhathaliseki ukuthi uyathanda noma cha.’ Ngisho noma benza izinto ezikucasulayo, bangumndeni wakho!”

ONGAKWENZA

Uma wena noshade naye ningavumelani ngendaba ethile ehilela abazali benu, zamani ukuyixazulula ngomoya wokubambisana. Landela iseluleko seBhayibheli ‘sokufuna ukuthula futhi ukuphishekele.’—IHubo 34:14.

Ukuze sikusize wenze lokho, cabanga ngalezi zimo ezilandelayo. Ngasinye sethulwe ngokombono wendoda noma wenkosikazi. Nokho, noma ubani phakathi kwenu angabhekana nalezi zinselele, futhi izimiso okuxoxwa ngazo zinganisiza nixazulule izinkinga eziningi ezithinta abasemzini noma abasekhweni.

Umkakho uthi ufisa sengathi ubungaba nobudlelwane obungcono nonina. Kodwa wena ukuthola kunzima ukusebenzelana nomkhwekazi wakho.

Zama lokhu: Xoxa ngale nkinga nomkakho futhi uzimisele ukuhoxa. Okubalulekile akuyona indlela ozizwa ngayo ngomkhwekazi wakho, kodwa indlela ozizwa ngayo ngomkakho—lowo owafunga ukuthi uzomthanda. Njengoba nixoxa, thola indlela eyodwa noma ezimbili ongabuthuthukisa ngazo ubuhlobo bakho nomkhwekazi wakho futhi uzisebenzise. Lapho umkakho ephawula imizamo oyenzayo, akungatshazwa ukuthi inhlonipho yakhe ngawe iyojula nakakhulu.—Isimiso seBhayibheli: 1 Korinte 10:24.

Umyeni wakho ukhala ngokuthi uthanda ukujabulisa abazali bakho kakhulu kunaye.

Zama lokhu: Xoxa ngale nkinga nomyeni wakho, futhi uzame ukuyibheka ngendlela ayibheka ngayo. Yiqiniso, umyeni wakho akufanele azizwe enganakiwe uma kuwukuthi umane unika abazali bakho inhlonipho ebafanele. (IzAga 23:22) Noma kunjalo, kungase kudingeke ukuba umqinisekise ngamazwi nangezenzo, ukuthi uyena oza kuqala kunabazali bakho ekuphileni kwakho. Uma umyeni wakho eqiniseka ngalokho, mancane amathuba okuba abheke abazali bakho njengezimbangi.—Isimiso seBhayibheli: Efesu 5:33.

Umkakho ufuna iseluleko kubazali bakhe kunokuba asifune kuwe.

Zama lokhu: Xoxa naye futhi nivumelane ngokuthi yimiphi imingcele enizozibekela yona. Lwela ukuba ocabangelayo. Ingabe kubi ngaso sonke isikhathi ukukhuluma nomzali ngento enikhathazayo? Kunini lapho kungafaneleka khona? Uma nobabili nivumelana ngemingcele enengqondo enizibekele yona, le ndaba ngeke ibe inkinga.—Isimiso seBhayibheli: Filipi 4:5.

^ isig. 4 Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

^ isig. 9 Kuvela encwadini ethi The Seven Principles for Making Marriage Work.