Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGABE YAKLANYWA?

Inqubo Yokuzala Yeselesele Elifukamela Amaqanda Esiswini

Inqubo Yokuzala Yeselesele Elifukamela Amaqanda Esiswini

ISELESELE lase-Australia elifukamela amaqanda esiswini, okucatshangwa ukuthi lashabalala kusukela ngo-2002, lalinenqubo exakile yokuzala. Elensikazi laliwagwinya amaqanda eliwazalelayo bese liwafukamela cishe amasonto ayisithupha esiswini salo. Kamuva abantwana balo lalibakhipha ngomlomo sebengamaxoxo.

Ukuze la maqanda angagayeki njengokudla, kwakubalulekile ukuba leli selesele lingayeki nje kuphela ukudla kodwa futhi liyeke nokukhiqiza uketshezi olugaya ukudla esiswini. Ngokusobala, amakhemikhali akhishwa amaqanda kanye namachwane ayevimbela ukwakheka kwe-asidi.

Iselesele elingumama lalifukamela amaqanda angaba ngu-24 ngesikhathi esisodwa. Ngesikhathi lichamusela, cishe lawo maselesele amancane ayenezela amaphesenti angaba ngu-40 esisindweni sikanina. Lokhu kungafana nokuthi owesifazane onesisindo esingamakhilogremu angu-68, akhulelwe abantwana abangu-24 abanesisindo esingamakhilogremu angu-1,8 emunye! Abantwana babesinweba isisu sikanina kuze kube seqophelweni lokuba amaphaphu acindezeleke, iselesele liphoqeleke ukuba liphefumule ngezimbobo zesikhumba.

Ngokuvamile laba bantwana babephuma ngemva kwezinsuku ezimbalwa lapho sebekulungele ukuphuma. Kodwa, uma kunengozi unina ayisolayo, wayevele abahlanze. Abacwaningi bake babona iselesele lihlanza abantwana abayisithupha ngesikhathi, bephuma bejikijeleka ibanga elingaba yimitha emoyeni.

Uma kuwukuthi inqubo yokuzala yaleli selesele yaba khona ngokuziphendukela kwemvelo, njengoba abanye besho kanjalo, kwakuyodingeka lenze izinguquko ezinkulu endleleni elakheke ngayo nasendleleni elenza ngayo ngesikhathi esisodwa. UMichael J. Tyler, ongusosayensi nesazi sokuziphendukela kwemvelo, wabhala: “Kunzima ukucabanga ngoshintsho olwenzeka kancane kancane endleleni inqubo yokuzala yaleli selesele eyakheke ngayo. Le nqubo kuba ukuthi iphumelela ngokuphelele noma yehluleka ngokuphelele.” UTyler uthi, okuwukuphela kwencazelo enengqondo “eyesenzakalo esisodwa esikhulu.” Abanye bangase bathi leso senzakalo esisodwa esikhulu sibizwa ngokuthi ukudala. *

Ucabangani? Ingabe inqubo yokuzala yeselesele elifukamela amaqanda esiswini yazivelela, noma ingabe yaklanywa?

^ isig. 7 Encwadini yakhe ethi Origin of Species, uCharles Darwin wathi: “Ukuzihlela nokuzivumelanisa kwemvelo kusebenza kuphela ngokulandela izinguquko ezincane ezenzeka ngokulandelana; akukwazi ukuvele kwenze izinguquko ezinkulu.”