Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Ingabe Saklanywa?

Isikhumba Senyoka

Isikhumba Senyoka

NGENXA yokuthi izinyoka azinayo imilenze, zidinga isikhumba esiqinile esizokwazi ukuzivikela ekuhuzukeni lapho zihamba. Ezinye izinhlobo zezinyoka zicaca izihlahla ezineziqu ezimaholoholo, kanti ezinye zimba zingene esihlabathini esimahhadla. Yini eyenza isikhumba senyoka sikwazi ukubekezelela konke lokhu?

Cabanga ngalokhu: Izinyoka zinesikhumba esiwugqinsi futhi esakheke ngezindlela ezingefani kuye ngohlobo lwenyoka. Nokho, isikhumba sazo zonke izinyoka sifana ngento eyodwa: Siqinile ngaphandle kanti sithambile ngaphakathi. Kungani lokhu kuwusizo enyokeni? Umcwaningi uMarie-Christin Klein uthi, “Izinto ezinengaphandle eliqinile bese ziba nengaphakathi elithambile zikwazi ukwenza into ehlabayo ingagxili endaweni eyodwa.” Ukwakheka okungavamile kwesikhumba senyoka kwenza umzimba wayo ukwazi ukutibila emhlabathini ukuze ikwazi ukuhamba, kanti ngesikhathi esifanayo, kusenza ukuba singalimali kangako lapho ihamba phezu kwamatshe ahlabayo. Ukuvikeleka kwaso kubalulekile njengoba izinyoka zivame ukwebuza ngemva kwezinyanga ezimbili kuya kwezintathu.

Izinto ezinezakhi zesikhumba senyoka zingaba usizo emkhakheni wezokwelapha—ngokwesibonelo, ekwakheni izitho zokufakelwa ezingasheleli nezihlala isikhathi eside. Kanti nemishini esebenzisa amabhande akheke njengesikhumba senyoka ingase idinge amafutha amancane okuyigcoba.

Ucabangani? Ingabe isikhumba senyoka saba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe saklanywa?