Dlulela kokuphakathi

Ubani Ngempela Olawula Izwe?

Ubani Ngempela Olawula Izwe?

Ucabanga ukuthi . . .

  • uNkulunkulu?

  • isintu?

  • omunye umuntu?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

“Lonke izwe lilawulwa Omubi.”—1 Johane 5:19.

“INdodana kaNkulunkulu yezela . . . ukuzobhubhisa imisebenzi kadeveli.”—1 Johane 3:8, New Century Version.

LOKHO OKUNGASE KUKUSHO NGAWE

 

 

SINGAKUKHOLELWA NGEMPELA YINI OKUSHIWO IBHAYIBHELI?

Yebo, okungenani ngenxa yezizathu ezintathu:

  • Ukubusa kukaSathane kuhlulekile. UJehova uzimisele ukuqeda ukulawula kukaSathane isintu. Uthembisa ‘ukumenza ize uDeveli’ nokulungisa wonke umonakalo obangelwe nguSathane.—Hebheru 2:14, IBhayibheli-ImiBhalo Engcwele.

  • UNkulunkulu ukhethe uJesu Kristu ukuba abuse izwe. UJesu uhluke ngokuphelele kumbusi waleli zwe wamanje ononya nobugovu. Ngokuphathelene nokubusa kukaJesu, uNkulunkulu uthembisa ukuthi: ‘Uyohawukela ophansi noswele. Uyobakhulula ekucindezelweni nasebudloveni.’—IHubo 72:13, 14.

  • UNkulunkulu akawaqambi amanga. IBhayibheli lisho ngokucacile: ‘Akunakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga.’ (Hebheru 6:18) Lapho uJehova ethembisa ukwenza okuthile, kuvele kufane nje nokuthi sekwenzekile! (Isaya 55:10, 11) “Umbusi waleli zwe uzophonswa ngaphandle.”—Johane 12:31.

CABANGA NGALOKHU

Liyobanjani izwe ngemva kokuba umbusi walo esesusiwe?

IBhayibheli liyawuphendula lowo mbuzo encwadini yeHUBO 37:10, 11 neyeSAMBULO 21:3, 4.