Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayalunikeza Usizo Lapho Kuvela Izinhlekelele?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayalunikeza Usizo Lapho Kuvela Izinhlekelele?

 Yebo, oFakazi BakaJehova bavame ukunikeza usizo lapho kuvela izinhlekelele. Sinikeza usizo olungokoqobo koFakazi nakwabangebona oFakazi, ngokuvumelana neseluleko seBhayibheli esikweyabaseGalathiya 6:10: “Masenze okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.” Sizama nokusekela ngokomzwelo nangokomoya labo abayizisulu, okuyilokho abakudinga ngempela ezikhathini ezinjalo.—2 Korinte 1:3, 4.

Indlela Usizo Olunikezwa Ngayo

 Ngemva kwenhlekelele, abadala bamabandla endaweni ehlaselekile bazama ukuthintana nabo bonke abakulawo mabandla ukuze bathole ukuthi baphephile yini nokuthi yiluphi usizo okungenzeka bayaludinga. Babe sebethumela lowo mbiko wenhlolo-vo nemizamo yokusiza asebeyenzile ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova.

 Uma kudingeka usizo olungaphezu kwalokho amabandla akuleyo ndawo angasiza ngakho, iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova ihlela ukuba kuthunyelwe izinto ezidingekayo. Lokhu kuyefana nendlela amaKristu okuqala ayenakekelana ngayo ngesikhathi sendlala. (1 Korinte 16:1-4) Ihhovisi legatsha limisa amaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni ukuze ahlele lowo msebenzi futhi awuqondise. OFakazi bakwezinye izindawo basiza ngokuzithandela ngesikhathi sabo nangezinto zabo.—IzAga 17:17.

Indlela Okutholakala Ngayo Izimali

 Enye yezindlela izimali ezithunyelwa emahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova ezisetshenziswa ngayo iwukusiza labo abahlaselwe izinhlekelele. (IzEnzo 11:27-30; 2 Korinte 8:13-15) Njengoba lo msebenzi wenziwa izisebenzi ezingakhokhelwa, imali ethunyelwayo isetshenziselwa ukunikeza usizo, hhayi ukukhokhela ezinye izindleko. Siyaqikelela ukuthi le mali isetshenziselwa izinjongo ezifanele.—2 Korinte 8:20.