Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayalwisana Nokugoma?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayalwisana Nokugoma?

 Cha. OFakazi BakaJehova abalwisani nokugoma. Sibheka indaba yokugoma njengesinqumo umKristu ngamunye okufanele azenzele sona. OFakazi BakaJehova abaningi bakhetha ukugonywa.

 Sifuna ukwelashwa okusezingeni eliphakeme, futhi siyayazisa intuthuko eyenziwe isayensi yezokwelapha ekunciphiseni amathuba okugula okubi kakhulu. Siyabonga ngokuzinikela kwezisebenzi zokwelapha ikakhulukazi ngezikhathi ezinzima.

 OFakazi BakaJehova bayabambisana nezikhulu zezempilo. Ngokwesibonelo, kusukela kuqale ubhubhane lwe-COVID-19 oFakazi BakaJehova baye baqhubeka bebhala izikhumbuzo ngamakhulu ezilimi kule webusayithi, ezikhuthaza ukulalela iziqondiso zezokuphepha zendawo. Lezi zihlanganisa ukuqhelelana ngebanga elifanele, ukulandela iziqondiso mayelana nemibuthano yomphakathi, ukuhlaliswa ngabodwana kwalabo okutholakala ukuthi banegciwane, ukugeza izandla, ukufaka izinto zokuvikela ubuso kanye nokwenza ezinye izinto ezifunwa yiziphathimandla.—Roma 13:1, 2.

 Sekungamashumi eminyaka izincwadi zoFakazi BakaJehova zigcizelela amaqiniso alandelayo:

  •   Umuntu ngamunye kumelwe azinqumele uma kuziwa ezindabeni zezokwelashwa.—Galathiya 6:5.

     “[Lo magazini] awubheki uhlobo oluthile lwezokwelapha njengolungcono kunolunye futhi awunikezi iseluleko sezokwelashwa. Injongo yawo ukubeka amaqiniso njengoba enjalo, bese kushiyelwa kumfundi ukuba azenzele isinqumo.”—Phaphama!, (yesiNgisi) Febhuwari 8, 1987.

     “Ukuthi wena noma izingane zakho kufanele nigonywe yini, leso yisinqumo okufanele uzenzele sona.”—Phaphama!, (yesiNgisi) Agasti 22, 1965.

  •   Sifuna izindlela zokwelashwa ngoba sikwazisa kakhulu ukuphila.—IzEnzo 17:28.

     “OFakazi BakaJehova [basebenzisa amakhono ahlukahlukene abezokwelapha] ukuze abasize ngezinkinga zabo zempilo. Bayakuthanda ukuphila futhi bafuna ukwenza noma yini enengqondo nengokomBhalo ukuze bakwelule.”—INqabayokulinda, Julayi 15, 1976.

     “OFakazi BakaJehova bekwamukela ngenjabulo ukwelapha kodokotela. Bafuna ukuhlala beyimiqemane futhi baphile isikhathi eside. Empeleni, abanye oFakazi BakaJehova bangodokotela, njengoba kwakunjalo ngomKristu wekhulu lokuqala uLuka.. . . . OFakazi BakaJehova bakwazisa kakhulu ukuzikhandla nokuzidela kwalabo abanikeza usizo lwezempilo futhi bayalwamukela usizo lwabo.”—INqabayokulinda, Febhuwari 1, 2011.