Dlulela kokuphakathi

Iyini INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova?

Iyini INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova?

 INdikimba Ebusayo iqembu elincane lamaKristu avuthiwe aqondisa oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Umsebenzi wayo ukabili:

 INdikimba Ebusayo ilandela isibonelo esabekwa ‘abaphostoli namadoda amadala eJerusalema’ ngekhulu lokuqala, ababenzela lonke ibandla lobuKristu izinqumo ezibalulekile. (IzEnzo 15:2) Njengalawo madoda athembekile, amalungu eNdikimba Ebusayo awabona abaholi benhlangano yethu. Afuna isiqondiso eBhayibhelini, eqaphela ukuthi uJehova uNkulunkulu umise uJesu Kristu njengeNhloko yebandla.​—1 Korinte 11:3; Efesu 5:​23.

Angobani amalungu eNdikimba Ebusayo?

 Amalungu eNdikimba Ebusayo nguKenneth Cook, Jr., uGage Fleegle, uSamuel Herd, uGeoffrey Jackson, uStephen Lett, uGerrit Lösch, uMark Sanderson, uDavid Splane noJeffrey Winder. Akhonza endlunkulu yethu yomhlaba wonke eseWarwick, eNew York, e-U.S.A.

Ihlelwe kanjani iNdikimba Ebusayo?

 INdikimba Ebusayo imise amakomiti ayisithupha ukuze engamele izici ezihlukahlukene zomsebenzi wethu, futhi ilungu ngalinye lisebenza ekomitini eyodwa noma ngaphezulu.

  •   IKomiti Yabaxhumanisi: Iqondisa izindaba zomthetho isabele nalapho kunezinhlekelele, ezenzakalweni lapho amalungu ethu eshushiswa ngenxa yezinkolelo zawo ezingokwenkolo, nakwezinye izindaba eziphuthumayo ezithinta oFakazi BakaJehova.

  •   IKomiti Yezisebenzi: Yengamela izinhlelo ezenzelwa amalungu omkhaya waseBethel.

  •   IKomiti Yokunyathelisa: Iqondisa ukukhiqizwa nokuthunyelwa kwezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini nokwakhiwa kwezindawo zokuhlangana, amahhovisi okuhumusha nezakhiwo zamagatsha.

  •   IKomiti Yenkonzo: Yengamela umsebenzi wethu wokushumayela ‘izindaba ezinhle zombuso.’—Mathewu 24:14.

  •   IKomiti Yokufundisa: Iqondisa ukulungiselelwa kwemfundo engokomoya ngemihlangano, izikole, izinto ezilalelwayo nangamavidiyo.

  •   IKomiti Yokubhala: Iqondisa ukulungiselelwa kwemfundo engokomoya ngezinto ezinyathelisiwe nangewebusayithi yethu futhi yengamela umsebenzi wokuhumusha.

 Ngaphezu komsebenzi ewenza ngala makomiti, iNdikimba Ebusayo iyahlangana njalo ngesonto ukuze icabangele izidingo zenhlangano. Kule mihlangano, amalungu axoxa ngalokho okushiwo imiBhalo, bese evumela ukuqondiswa umoya ongcwele kaNkulunkulu, elwela ukufinyelela ezinqumweni ngazwilinye.—IzEnzo 15:25.

Obani abasizi beNdikimba Ebusayo?

 Lawa amaKristu anokwethenjelwa asiza amakomiti eNdikimba Ebusayo. (1 Korinte 4:2) Anekhono nolwazi aluthole ngokusebenza ekomitini abelwe kuyo, futhi aba khona emihlanganweni yamakomiti yamasonto onke. Nakuba abasizi bengahlanganyeli ekwenzeni izinqumo, banikeza izeluleko eziwusizo nemininingwane ehambisana nodaba oludingidwayo, benze ngokuvumelana nezinqumo ezithathwe ikomiti bese behlola imiphumela nentuthuko eba khona ngemva kwalokho. INdikimba Ebusayo ingase ibabele nokuvakashela abazalwane bethu ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba noma ukuba banikeze izinkulumo emibuthanweni enjengemihlangano yaminyaka yonke noma ekuthwesweni kweziqu kwaseGileyadi.

UHLU LWABASIZI

IKomiti

Igama

Yabaxhumanisi

  • Ekrann, John

  • Gillies, Paul

  • Snyder, Troy

Yezisebenzi

  • Grizzle, Gerald

  • LaFranca, Patrick

  • Molchan, Daniel

  • Scott, Mark

  • Walls, Ralph

Yokunyathelisa

  • Butler, Robert

  • Corkern, Harold

  • Glockentin, Gajus

  • Gordon, Donald

  • Luccioni, Robert

  • Reinmueller, Alex

  • Sinclair, David

Yenkonzo

  • Breaux, Gary

  • Dellinger, Joel

  • Georges, Betty

  • Griffin, Anthony

  • Hyatt, Seth

  • Jedele, Jody

  • Mavor, Christopher

  • Perla, Baltasar, Jr.

  • Rumph, Jacob

  • Smith, Jonathan

  • Turner, William, Jr.

  • Weaver, Leon, Jr.

Yokufundisa

  • Banks, Michael

  • Curzan, Ronald

  • Flodin, Kenneth

  • Malenfant, William

  • Noumair, Mark

  • Schafer, David

Yokubhala

  • Ahladis, Nicholas

  • Christensen, Per

  • Ciranko, Robert

  • Godburn, Kenneth

  • Mantz, James

  • Marais, Izak

  • Martin, Clive

  • Myers, Leonard

  • Smalley, Gene

  • van Selm, Hermanus